Skip to Content

1 uSamuweli Chapter 15

1 USamuweli wathi kuSawule : UJehova wangithuma ukuba ngikugcobe ube yinkosi phezu kwabantu bakhe u-Israyeli; ngalokho lalela amazwi kaJehova. 2 Usho kanje uJehova Sebawoti , uthi: Ngiyakuhambela umAmaleki ngalokho akwenzayo ku-Israyeli wamelana naye endleleni ekukhuphukeni kwakhe eGibithe. 3 Hamba manje , unqobe u -Amaleki, uchithe impela konke anakho , ungamhawukeli, kepha bulala abesilisa , nabesifazane, nezingane, nabancelayo, nezinkabi, nezimvu, namakamela, nezimbongolo. 4 USawule wayesebiza abantu , wababala eThelayimi , izinkulungwane ezingamakhulu amabili zemigundatshani nezinkulungwane eziyishumi zabantu bakwaJuda. 5 USawule wafika emzini ka-Amaleki, waqamekela esigodini. 6 USawule wathi kuma Kheni: Hambani nimuke , nehle kuwo ama -Amaleki, funa nginichithe kanye nawo , ngokuba nabenzela umusa bonke abantwana bakwa-Israyeli ekukhuphukeni kwabo eGibithe . Ayesesuka amaKheni phakathi kwama-Amaleki. 7 USawule wahlula ama -Amaleki kusukela eHavila kuya ngaseShuri elingaphambi kwaseGibithe. 8 Wabamba u-Agagi inkosi yama -Amaleki esaphilile, wachitha impela bonke abantu ngosiko lwenkemba. 9 Kepha uSawule nabantu bayeka u-Agagi nezinhle nezikhulupheleyo zezimvu nezezinkabi, namawundlu, nakho konke okuhle; babengavumi ukukuqeda lokho; kodwa zonke izinto ezidelekileyo nezondileyo baziqeda nya. Ukungalaleli nokulahlwa kukaSawule 10 Lase lifika izwi likaJehova kuSamuweli, lithi: 11 Ngiyazisola ukuthi ngibekile uSawule inkosi , ngokuba ubuyile ekungilandeleni, kafezanga amazwi ami . USamuweli wathukuthela, wakhala kuJehova ubusuku bonke. 12 USamuweli wavuka kusasa ukuba amhlangabeze uSawule ekuseni ; kwabikwa kuSamuweli ukuthi: USawule wafika eKarmeli; bheka, wazimisela insika, wasuka, wadlula, wehla waya eGiligali. 13 USamuweli wafika kuSawule ; uSawule wathi kuye : Mawubusiswe nguJehova; sengifezile izwi likaJehova. 14 USamuweli wayesethi: Kuthini, pho, lokhu kukhala kwezimvu ezindlebeni zami, nokukhala kwezinkabi engikuzwayo, na? 15 USawule wathi : Babuye nazo kuma -Amaleki, ngokuba abantu bayeka ezinhle zezimvu nezezinkabi ukuba bahlabele uJehova uNkulunkulu wakho ; ezinye siziqedile nya. 16 USamuweli wayesethi kuSawule : Kahle, ngikutshele lokho uJehova akukhulumile kimi kulobu busuku. Wathi kuye: Khuluma. 17 Wathi uSamuweli : Nakuba wawumncane emehlweni akho , awenziwanga yini waba yinhloko yezizwe zakwa -Israyeli na ? UJehova wakugcoba, waba yinkosi phezu kuka-Israyeli. 18 UJehova wakuthuma indlela, wathi: Hamba uqede nya izoni, ama-Amaleki, ulwe nawo aze aphele. 19 Awulalelanga nga ni izwi likaJehova , kepha watheleka phakathi kwempango, wenza okubi emehlweni kaJehova, na? 20 USawule wathi kuSamuweli: Ngililalele izwi likaJehova, ngihambile indlela uJehova owangithuma yona , ngimlethile u -Agagi inkosi yama -Amaleki, ngachitha impela ama-Amaleki. 21 Kepha abantu bathatha kuyo impango , izimvu nezinkabi , okuhle kokuqalekisiweyo, ukuba bahlabele uJehova uNkulunkulu wakho eGiligali. 22 USamuweli wathi : UJehova uyenamela yin i iminikelo yokushiswa nemihlatshelo, njengalokhu enamele ukulalelwa kwe zwi likaJehova , na? Bheka, ukulalela kuhle kunomhlatshelo , nokuqaphela kuhle kunamanoni ezinqama. 23 Ngokuba ukwambuka kunjengesono sokubhula, nenkani ifana nokukhonza izithombe namatherafi. Ngokuba ulilahlile izwi likaJehova , naye ukulahlile wena ukuba ungabe usaba yinkosi. 24 USawule wayesethi kuSamuweli : Ngonile, ngokuba ngeqile isiyalezo sikaJehova namazwi akho, lokhu ngesaba abantu, ngalalela izwi labo. 25 Ngalokho ake uthethelele isono sami , ubuye nami ukuba ngikhuleke kuJehova. 26 USamuweli wathi kuSaw ule: Angiyikubuya nawe, ngokuba ulilahlile izwi likaJehova, naye uJehova ukulahlile wena ukuba ungabe usaba yinkosi phezu kuka-Israyeli. 27 USamuweli esephenduka ukuhamba, wabamba umphetho wengubo yakhe , yaklebhuka. 28 USamuweli wathi kuye : UJehova uklebhul ile umbuso ka -Israyeli kuwe namuhla, uwunikile umngane wakho omuhle kunawe. 29 IThemba Lika -Israyeli aliyikuqamba amanga , lizisole, ngokuba alisiye umuntu ukuba lizisole. 30 Wayesethi: Ngonile, kepha ake ungituse manje phambi kwamalunga abantu bami naphambi kuka-Israyeli, ubuye nami ukuba ngikhuleke kuJehova uNkulunkulu wakho. 31 USamuweli wabuya, wamlandela uSawule; uSawule wakhuleka kuJehova. OSamuweli no-Agagi 32 USamuweli wayesethi: Lethani kimi u-Agagi inkosi yama-Amaleki. U-Agagi wafika kuye esasile. U-Agagi wathi: Impela umunyu wokufa udlulile. 33 USamuweli wathi : Njengalokho inkemba yakho ibaphucile abesifazane abantwana, kanjalo unyoko uyakwaphucwa abantwana kunabanye . USamuweli wayesehlahlela u-Agagi phambi kukaJehova eGiligali. 34 USamuweli waya eRama , kepha uSawule wakhuphukela ekhaya eGibeya likaSawule. 35 USamuweli akaphindanga ukumbona uSawule waze wafa , kepha uSamuweli wamkhalela uSawule ; uJehova wazisola ukuthi wayembekile uSawule inkosi phezu kuka-Israyeli.