1 uSamuweli Chapter 16
1
UJehova wathi kuSamuweli : Uyakumkhalela kuze kube nini na ? Ngokuba ngimlahlile ukuba angabe esaba yinkosi phezu kuka -Israyeli. Gcwalisa uphondo lwakho ngamafutha , uhambe; ngiyakukuthuma kuJese waseBetlehema, ngokuba ngizibonele inkosi phakathi kwamadodana akhe.
2
Wathi uSamuweli : Ngingahamba kanjani ? Uma uSawule ekuzwa , uyakungibulala. UJehova wathi: Hamba nesithokazi, uthi: Ngize ukuhlabela uJehova.
3
Mbize uJese ekuhlabeni ; ngiyakukwazisa ukuthi uyakwenzani : uyakungigcobela lowo engiyakumusho kuwe.
4
USamuweli wenza lokho akushoyo uJehova , waya eBetlehema . Amalunga omuzi amhlangabeza ethuthumela, athi: Ukufika kwakho kunokuthula na?
5
Wathi: Yebo, kunokuthula; ngize ukuhlabela uJehova ; zingcweliseni, nize nami ekuhlabeni. Wabangcwelisa uJese namad odana akhe, wababiza ukuba beze ekuhlabeni.
6
Kwathi sebefikile , wabheka u-Eliyabe, wathi: Impela ogcotshiweyo kaJehova uphambi kwakhe.
7
Kepha uJehova wathi kuSamuweli : Ungabheki isimo sakhe nobude bomzimba wakhe, ngokuba ngimalile, lokhu uJehova engabuki si okomuntu; umuntu ubheka okusemehlweni, kepha uJehova ubheka okusenhliziyweni.
8
UJese wayesebiza u -Abinadaba, wamdlulisa phambi kukaSamuweli . Wathi: Nalona uJehova akamkhethanga.
9
UJese wayesedlulisa uShama. Wathi: Nalona uJehova akamkhethanga.
10
UJese w adlulisa ayisikhombisa kumadodana akhe phambi kukaSamuweli. USamuweli wathi kuJese: UJehova akawakhethanga nalawa.
11
USamuweli wathi kuJese : Sebephelile abafana na ? Wathi: Kusasele omncane; bheka, uyalusa izimvu . USamuweli wathi kuJese : Thumela umlande, ngokuba asiyikubuya, engakafiki lapha.
12
Wathumela, wamngenisa. Wayebomvana enamehlo amahle , emuhle ngokubukwa. UJehova wathi: Suka umgcobe, ngokuba lona nguye.
13
USamuweli wayesethatha uphondo lwamafutha , wamgcoba phakathi kwabafowabo; uMoya kaJehova wehl ela phezu kukaDavide ngamandla , kusukela kulolo suku kuya phambili. Wayesesuka uSamuweli, waya eRama. UDavide uya endlunkulu
14
UMoya kaJehova wamuka kuSawule , nomoya omubi owavela kuJehova wamzuma.
15
Izinceku zikaSawule zathi kuye : Bheka-ke, umoya omubi ov ela kuNkulunkulu ukuzumile.
16
Mayisho inkosi yethu ukuba izinceku eziphambi kwakho zifune umuntu owazi ukubetha ihabhu ; kuyakuthi lapho ufikelwa ngumoya omubi ovela kuNkulunkulu, abethe ngesandla sakhe, kube kuhle kuwe.
17
USawule wayesethi kuzo izinceku za khe: Ngiboneleni umuntu owazi ukubetha kahle, nimlethe kimi.
18
Kwaphendula enye insizwa , yathi: Bheka, ngibonile indodana kaJese waseBetlehema eyazi ukubetha , eyiqhawe elinamandla , eyindoda yempi nehlakaniphile ekukhulumeni, ebukeka, emuhle futhi; uJehova unayo.
19
Ngalokho uSawule wathuma izithunywa kuJese , wathi: Thuma kimi uDavide indodana yakho osezimvini.
20
UJese wathatha imbongolo ithwele isinkwa , nemvaba yewayini, nezinyane lembuzi, wakuthuma kuSawule ngesandla sikaDavide indodana yakhe.
21
UDavide waf ika kuSawule , wema phambi kwakhe ; wamthanda kakhulu , waba ludibi lwezikhali zakhe.
22
USawule wathumela kuJese , wathi: Akeme phambi kwami uDavide , ngokuba ufumene umusa emehlweni ami.
23
Kwathi nxa umoya owavela kuNkulunkulu emehlela uSawule, uDavide wathatha ihabhu , walibetha ngesandla sakhe ; wayesekhululeka uSawule , waba ngcono, umoya omubi wamuka kuye.