Skip to Content

"izinqola"

47 occurrences in ZUL

Usuyaliwe: Yenzani lokhu: Nithathele izingane zenu nawomkenu izinqola ezweni laseGibithe, nilethe uyihlo, bese niza.

Enze njalo amadodana ka -Israyeli. UJosefa wabapha izinqola njengesiyalo sikaFaro, wabanika nomphako wendlela.

Bamlandisa onke amazwi kaJosefa abewashilo kubo; lapho esebona izinqola abezithumile uJosefa zokumthwala, umoya kaJakobe uyise wavuselelwa.

Wathatha izinqola ezingamakhulu ayisithupha ezikhethiweyo , nezinqola zonke zaseGibithe, nezinduna zazo zonke.

Amanzi abuyela , asibekela izinqola , nabamahhashi, nayo yonke impi kaFaro eyangena elwandle emva kwazo; akwasala noyedwa kubo.

Izinqola zikaFaro nempi yakh e ukuphonse elwandle ; izinduna zakhe ezikhethiweyo zaminza eLwandle Olubomvu.

Zaletha iminikelo yazo phambi kukaJehova , izinqola eziyisithupha ezimboziwe, nezinkabi eziyishumi nambili, yilezo zikhulu ezimbili zinenqola inye, yileso sinenkunzi; zazethula phambi kwetabernakele.

UMose wathatha izinqola nezinkabi, wazinika amaLevi.

Izinqola ezimbili nezinkabi ezine wazinika amadodana kaGereshoni ngomsebenzi wawo,

nowakwenzayo kuyo impi yaseGibithe , nakuwo amahhashi abo , nakuzo izinqola zabo , nokwenza kwakhe ukuba amanzi oLwandle Olubomvu abaminzise ekunixosheni kwabo , nokubabhubhisa kukaJehova kuze kube namuhla,

UJehova wathi kuJoshuwa : Ungesabi ngenxa yabo , ngokuba kusasa ngalesi sikhathi ngizakubanikela bonke bebulewe ngaphambi kuka -Israyeli; wena uyakunquma amahhashi abo imisipha, uzishise izinqola zabo ngomlilo.

UJoshuwa wenza kubo njengokumyala kukaJehova : wanquma amahhashi abo imisipha, wazishisa izinqola zabo ngomlilo.

USisera wayesebutha zonke izinqola zakhe , izinqola ezingamakhulu ayisishiyagalolunye zensimbi, nabantu bonke ababenaye, kusukela eHarosheti labezizwe kuze kube semfudlaneni iKishoni.

UJehova wamngquzula uSisera nazo zonke izinqola zakhe nempi yakhe yonke ngosiko lwenkemba phambi kukaBaraki ; uSisera wehlika enqoleni yakhe, wabaleka ngezinyawo.

Kepha uBaraki waxosha izinqola nempi kwaze kwaba seHarosheti labezizwe; yonke impi kaSisera yawa ngosiko lwenkemba, akwasala muntu.

AmaFilisti abuthana ukuba alwe no -Israyeli: izinqola eziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu , nabamahhashi abayizinkulungwane eziyisithupha, nabantu abangangesihlabathi esisogwini lolwandle ngobuningi; benyuka bamisa eMikimashi ngasempumalanga kwaseBeti Aveni.

Insizwa eyamtshelayo yathi : Ngithe ngisentabeni yaseGilibowa , bheka, uSawule wencika emkhontweni, kwamjonga kakhulu izinqola nabamahhashi.

Ama-Aramu abaleka phambi kuka -Israyeli; uDavide wabulala kuma -Aramu izinqola ezingamakhulu ayisikhombisa nabamahhashi abayizinkulungwane ezingamashumi amane , wamshaya uShobaki induna yempi yabo , wafela khona lapho.

U-Adoniya indodana kaHagiti waziphakamisa , wathi: Mina ngiyakuba yinkosi. Wazilungiselela izinqola , nabamahhashi, nabantu abangama shumi ayisihlanu ukugijima phambi kwakhe.

USolomoni wabutha izinqola nabamahhashi ; wayenezinqola eziyinkulungwane namakhulu amane nabamahhashi abayizink ulungwane eziyishumi nambili owakubeka emizini yezinqola nasenkosini eJerusalema.

Bathatha izinqola ezimbili namahhashi ; inkosi yathumela emva kwempi yama-Aramu ngokuthi: Hambani nibone.

UJoramu wayesewelela eSayiri, nazo zonke izinqola zakhe zinaye ; wavuka ebusuku, wamchitha u -Edomi omhaqileyo nxazonke , nezinduna zezinqola , kepha abantu babalekela ematendeni abo.

Manje njengalokhu le ncwadi ifika kinina , lokhu amadodana enkosi yenu ekini, kukhona futhi kini izinqola namahhashi , kanye nomuzi obiyelweyo , nezikhali,

Pho, ungaphindisela emuva kanjani nenduna eyodwa ezincekwini ezincane zenkosi yami na ? Nokho wethemba iGibithe ukuthola khona izinqola nabamahhashi.

Yasusa namahhashi amakhosi akwaJuda anikele ngawo kulo ilanga ngasendleleni yokungena endlini kaJehova ngasekamelweni likaNathani Meleki induna yasePariwarimi, yashisa izinqola zelanga ngomlilo.

UDavide wamaphuca izinqola eziyinkulungwane , nabamahhashi abayizinkulungwane eziyisikhombisa , nemigundatshani eyizinkulungwane ezingamashumi amabili; uDavide wanquma imisipha yawo onke amahhashi ezinqola, washiya awezinqola eziyikhulu kodwa.

Abantwana bakwa -Amoni sebebone ukuthi bazenzile ukuba banengeke kuDavide, uHanuni nabantwana bakwa -Amoni bathuma amatalenta ayinkulungwane esiliva ukuziqashela izinqola nabamahhashi e -Aramu Naharayimi, nase-Aramu Mahakha, naseSoba.

Base beziqashela izinqola eziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu nambili kanye nenkosi yaseM ahakha nabantu bayo abeza ukumisa ngaphambi kweMedeba . Abantwana bakwa -Amoni babuthana ndawonye bephuma emizini yabo; baya ukulwa.

Ama-Aramu abaleka phambi kuka -Israyeli; uDavide wabulala kuma -Aramu izinqola eziyizinkulungwane eziyisikhombisa nemigundatshani eyizinkulungwane ezingamashumi amane, wabulala noShofaki induna yempi.

USolomoni wabutha izinqola nabam ahhashi; wayenezinqola eziyinkulungwane namakhulu amane nabamahhashi abayizinkulungwane eziyishumi nambili, owakubeka emizini yezinqola nasenkosini eJerusalema.

Wayesewela uJehoramu nezinduna zakhe, nazo zonke izinqola zakhe zinaye; wavuka ebusuku, wabachitha abakwa-Edomi abamhaqileyo kanye nezinduna zezinqola.

Abanye izinqola, abanye amahhashi, kepha thina sibonga igama likaJehova uNkulunkulu wethu.

Uphelisa ukulwa kuze kube semikhawulweni yomhlaba ; uyaphula umnsalo, anqume umkhonto, izinqola zempi azishise ngomlilo.

Izinqola zikaNkulunkulu ziyizink ulungwane ezingamashumi amabili , izinkulungwane nezinkulungwane ; iNkosi iphakathi kwazo ; iSinayi lisendaweni engcwele.

Ngabuye ngaphakamisa amehlo ami , ngabona; bheka, kwaphuma izinqola ezine phakathi kwezintaba ezimbili; izintaba zaziyizintaba zethusi.

Kwathi izigodi zakho ezikhethek ileyo zagcwala izinqola , nabamahhashi bazihlela nokuzihlela ngasesangweni.

Pho, ungaphindisela emuva kanjani ne nduna eyodwa ezincekwini ezincane zenkosi yami na ? Nokho wethemba iGibithe ukuthola khona izinqola nabamahhashi.

okhipha izinqola namahhashi, impi namandla ; kuyalala kanyekanye , akusenakuvuka; kucishile, kucinyiwe njengomongo.

Ngokuba bheka , uJehova uyakufika ngomlilo , izinqola zakhe zibe njengesivunguvungu, ukubuyisela intukuthelo yakhe ngokufuthek a nokukhuza kwakhe ngamalangabi omlilo.

Bhekani, uyakhuphuka njengamafu, izinqola zakhe zinjengesivunguvungu, amahhashi akhe anejubane kunezinkozi. Maye kithina, ngokuba sichithiwe!

kungene ngamasango alo muzi amakhosi nezikhulu a bahlala esihlalweni sobukhosi sikaDavide bekhwele izinqola namahhashi , bona nezikhulu zabo , abantu bakwaJuda nabakhileyo eJerusalema , nalo muzi uyakuhlala kuze kube phakade.

Ngokuba uma nenza lokhu impela , kuyakungena ngamasango ale ndlu amakhosi ahlezi esihlalweni sobukhosi sikaDavide , ekhwele izinqola namahhashi, wona nezinceku zawo nabantu bawo.

Kuyakuthi ngal olo suku , usho uJehova , nginqume amahhashi akho phakathi kwakho, ngichithe izinqola zakho,

Izihlangu za maqhawe akhe zibomvu , amadoda anamandla embethe okubomvu; izinqola zibengezela umlilo ensimbini ngosuku lokuzilungisela kwakhe; imikhonto iyaveva.

Izinqola ziyahlanya ezitaladini , ziyaficana ezigcawini ; ukubonakala kwazo kunjengezimbaqa, zigijima njengemibani.

Bheka, ngimelene nawe , usho uJehova Sebawoti ; ngiyakushisa izinqola zakho emsini , inkemba idle amabhongo akho ezingonyama ; ngiyakunquma impango yakho emhlabeni, nezwi lezithunywa zakho alisayikuzwakala.

ngigumbuqele isihlalo sobukhosi semibuso , ngichithe amandla emibuso yabezizwe, ngigumbuqele izinqola nabakhwela kuzo ; namahhashi ayakuwa nezinkweli zawo, kube yileyo naleyo ngenkemba yomfowabo.