Skip to Content

2 iziKronike Chapter 1

1 USolomoni indodana kaDavide waqiniswa ebukhosini bakhe ; uJehova uNkulunkulu wakhe wayenaye, wamkhulisa kakhulu. 2 USolomoni wakhuluma kuye wonke u -Israyeli, nakuzo izinduna zezinkulungwane nezamakhulu, nakubahluleli, nakuzo zonke izikhulu kwa - Israyeli wonke, izinhloko zawoyise. 3 Wahamba uSolomoni, nebandla lonke linaye , waya endaweni ephakemeyo yaseGibeyoni, ngokuba kwakukhona lapho itende lokuhlangana likaNkulunkulu elalenziwe nguMose inceku kaJehova ehlane. 4 Kepha umphongolo kaNkulunkulu uDavide wayewukhuphulile eKiriyati Jeharimi, wawuyisa endaweni uDavide ayewulungisele yona , ngokuba wayewumisele itende eJerusalema. 5 Futhi i -altare lethusi elalenziwe nguBesaleli indodana ka -Uri kaHure lalilapho phambi kwetabernakele likaJehova ; uSolomoni nebandla baya ukubuza kulo. 6 USolomoni wanikela khona phambi kukaJehova e -altare lethusi elalingasetendeni lokuhlangana , wanikela ngeminikelo eyinkulungwane yokushiswa phezu kwalo. 7 Ngalobo busuku uNkulunkulu wabonakala kuSolomoni , wathi kuye : Cela lokhu othanda ukuba ngikunike khona. 8 Wayesethi uSolomoni kuNkulunkulu : Umenzele uDavide ubaba umusa omkhulu, wangibeka inkosi esikhundleni sakhe. 9 Ngalokho, Jehova Nkulunkulu , maliqiniswe izwi lakho kuDavide ubaba , ngokuba ungibeke inkosi phezu kwabantu abangangothuli lomhlabathi ngobuningi. 10 Ngiphe manje ukuhlakanipha nokwazi ukuba ngiphume , ngingene phambi kwalabo bantu , ngokuba ngubani ongahlulela labo bantu bakho abakhulu kangaka na? 11 Wayesethi uNkulunkulu kuSolomoni : Ngenxa yokuba lokho kwakusenhliziyweni yakho , ungacelanga ingcebo , nemfuyo, nodumo, nokuphila kwabakuzondayo , futhi ungacelanga imihla eminingi , kepha wazicelela ukuhlakanipha nokwazi ukuba wahlulele abantu bami engikubeke inkosi phezu kwabo, 12 uyakuphiwa ukuhlakanipha nokwazi ; ngiyakukunika nengcebo, nemfuyo, nodumo, angazange abe nakho okungako amakhosi ayengaphambi kwakho , nalandelayo emva kwakho awayikuba nakho. 13 USolomoni wayesesuka endaweni ephakemeyo yaseGibeyoni etendeni lokuhlangana, waya eJerusalema; wabusa phezu kuka-Israyeli. 14 USolomoni wabutha izinqola nabam ahhashi; wayenezinqola eziyinkulungwane namakhulu amane nabamahhashi abayizinkulungwane eziyishumi nambili, owakubeka emizini yezinqola nasenkosini eJerusalema. 15 Inkosi yenza isiliva negolide kuvame eJerusalema njengamatshe , nemisedari yayenza ibe njengemithombe esigodini ngobuningi. 16 Amahhashi uSolomoni ayenawo ayekhishwe eGibithe ; abathengi benkosi bawamukela ngamadlanzi, yilelo nalelo dlanzi ngentengo yalo. 17 Bakhuphula, bakhipha eGibithe inqola ngamashekeli angamakhulu ayisithupha esiliva , nehhashi ng ayikhulu namashumi ayisihlanu ; bawakhiphela kanjalo onke amakhosi amaHeti namakhosi ase -Aramu ngezandla zabo.