Skip to Content

2 AmaKhosi Chapter 7

1 Wayesethi u -Elisha: Zwanini izwi likaJ ehova; usho kanje uJehova , uthi: Kusasa ngalesi sikhathi iseya lempuphu ecolekileyo liyakuthengiswa ngeshekeli, namaseya amabili ebhali ngeshekeli esangweni laseSamariya. 2 Induna inkosi eyencika esandleni sayo yaphendula umuntu kaNkulunkulu , yathi: Bheka, uma uJehova enza amafasitele ezulwini , le nto ingenzeka kanjani na ? Wathi: Bheka, uyakukubona ngamehlo akho , ungadli kukho kodwa. Abanochoko basemnyango waseSamariya. Ukubaleka kwama-Aramu 3 Kwakukhona esikhaleni sesango abantu abane abanochoko ; bathi omunye komunye: Sihlalelani lapha size sife na? 4 Uma sithi : S iyakungena emzini , indlala isemzini , siyakufela khona ; uma sihlezi lapha , siyakufa futhi . Ngalokho masihambe sisukele ikamu lama - Aramu; uma esiyeka, siyakuphila; uma esibulala, siyakufa. 5 Basuka kuh welela, baya ekamu lama -Aramu; sebefike emaphethelweni ekamu lama-Aramu, bheka, kwakungekho muntu lapho. 6 INkosi ibiyizwisile impi yama -Aramu umsindo wezinqola , nomsindo wamahhashi, nomsindo wempi enkulu aze akhuluma omunye komunye ngokuthi: Bheka, inkosi yakwa-Israyeli isiqashele amakhosi amaHeti namakhosi aseGibithe ukuba asifikele. 7 Ayesesuka, abaleka kuhwelela , ashiya amatende awo , namahhashi awo , nezimbongolo zawo, nekamu linjengalokhu linjalo, abaleka ukuba asinde. 8 Labo abanochoko sebefike emaphethe lweni ekamu , bangena kwelinye itende, badla, baphuza, basusa khona isiliva , negolide, nezingubo, baya bakuthukusa; babuya, bangena kwelinye itende , basusa nakhona , baya bakuthukusa. 9 Base bethi omunye komunye : Asenzi kahle . Lolu suku lwanamuhla lungusuku l wentokozo; uma sithula nje silinda kuze kube sekuntweleni kokusa, siyakuficwa yicala; ngalokho masihambe, sitshele indlu yenkosi. 10 Base behamba, babiza abalindisango bomuzi, babatshela ukuthi: Sike safika ekamu lama -Aramu; bheka, kwakungekho muntu lapho , nazwi lomuntu, kuphela ngamahhashi aboshiweyo , nezimbongolo eziboshiweyo, namatende enjengalokhu enjalo. 11 Abalindisango bamemeza, babikela indlu yenkosi ngaphakathi. 12 Inkosi yavuka phakathi kobusuku , yathi ezincekwini zayo : Ake nginitshele lokhu ama-Aramu asenzela khona . Ayazi ukuthi silambile ; ngalokho aphumile ekamu ukuba acashe, ethi: Lapho bephuma emzini, siyakubabamba besezwa, singene emzini. 13 Enye yezinceku zayo yaphendula yathi: Makuthathwe amahhashi ayisihlanu aseleyo, asele lapha bheka, anjengesixuku sonke sakwa-Israyeli esisele lapha, anjengesixuku sonke sakwa-Israyeli esesiphelile sithumele, sibone. 14 Bathatha izinqola ezimbili namahhashi ; inkosi yathumela emva kwempi yama-Aramu ngokuthi: Hambani nibone. 15 Bawalandela baze bafika eJordani; bheka, yonke indlela yayigcwele izingubo nezimpahla ama -Aramu ayezilahlile ekubalekeni kwawo . Izithunywa zabuya, zayitshela inkosi. 16 Abantu baphuma , baphanga ikamu lama -Aramu. Iseya lempuphu ecolekileyo lathengiswa ngeshekeli , namaseya amabili e bhali ngeshek eli njengezwi likaJehova. 17 Inkosi yabeka esangweni induna eyencika esandleni sayo ; abantu bayinyathela esangweni , yafa njengokusho kwalowo muntu kaNkulunkulu akukhuluma ekwehleleni kwenkosi kuye. 18 Kwathi lowo muntu kaNkulunkulu esekhulumile enkosini ngok uthi: Kuyakuba ngamaseya amabili ebhali ngeshekeli neseya lempuphu ecolekileyo ngeshekeli ngalesi sikhathi kusasa esangweni laseSamariya, 19 induna yaphendula umuntu kaNkulunkulu , yathi: Bheka, noma uJehova ewenza amafasitele ezulwini , le nto ingenzeka na ? Wathi: Bheka, uyakukubona ngamehlo akho, ungadli kukho kodwa. 20 Kwaba njalo kuyo: abantu bayinyathela esangweni, yafa.