U-Eksodusi Chapter 14
1
UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
2
Yisho kwabakwa -Israyeli ukuba babuyele emuva , bamise ngaphambi kwePhi Hahiroti , ngaphakathi kweMigidoli nolwandle , phambi kweBali Sefoni; anomisa ngaselwandle, nibhekane nalo.
3
UFaro uyakuthi ngabantwana bakwa -Israyeli: Badidekile ezweni , ihlane libavalele.
4
Ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo kaFaro , abalandele; ngiyakudunyiswa ngoFaro nangebandla lakhe lonke ; abaseGibithe bayakwazi ukuthi nginguJehova. Benze njalo-ke.
5
Inkosi yaseGibithe yabikelwa ukuthi abantu sebebalekile ; inhliziyo kaFaro neyezinceku zakh e yabaguqukela abantu, bathi: Yini lokhu esikwenzileyo , sabavumela abakwa-Israyeli ukuba bahambe, bangasikhonzi, na?
6
Wabophela inqola yakhe, wahamba nabantu bakhe.
7
Wathatha izinqola ezingamakhulu ayisithupha ezikhethiweyo , nezinqola zonke zaseGibithe, nezinduna zazo zonke.
8
UJehova wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro inkosi yaseGibithe ; waxosha abakwa-Israyeli; ngokuba abantwana bakwa -Israyeli baphuma ngesandla esiphakamileyo.
9
AbaseGibithe babaxosha , amahhashi onke , nezinqola zikaFaro , nabamahhashi bakhe, nempi yakhe, babafica bemise ngaselwandle ngasePhi Hahiroti ngaphambi kweBali Sefoni.
10
UFaro esesondela , abantwana bakwa -Israyeli baphakamisa amehlo abo ; bheka, abaseGibithe babebalandela; base besaba kakhulu; abantwana bakwa- Israyeli bakhala kuJehova.
11
Bathi kuMose : Kungokuba kwakungekho mathuna eGibithe usikhiphile ukuba sifele ehlane na? Usenzeleni lokhu, wasikhipha eGibithe, na?
12
Leli alisilo izwi esalikhuluma kuwe eGibithe , sithi: S iyeke, sikhonze abaseGibithe, na? Ngokuba bekuyakuba ngcono kithi ukubakhonza abaseGibithe kunokuba sifele ehlane.
13
UMose wathi kubantu : Ningesabi; qinani, nibone ukusindisa kukaJehova azakunenzela khona namuhla , ngokuba abaseGibithe enibabonile namuhla anisayikubuye nibabone naphakade.
14
UJehova uzakunilwela, nothula nina.
15
UJehova wayesethi kuMose: Ukhalelani kimi na? Yisho kubantwana bakwa- Israyeli ukuba bahambe.
16
Phakamisa wena induku yakho , welule isandla sakho phezu kolwandle , ulwahlukanise; abantwana bakwa-Israyeli bazakuhamba phakathi kolwandle emhlabathini owomileyo.
17
Bheka, mina ngiyakuzenza lukhuni izinhliziyo zabaseGibithe , babalandele; ngizakudunyiswa ngoFaro nangempi yakhe yonke , ngezinqola zakhe nangabamahhashi bakhe.
18
AbaseGibithe bazakwazi ukuthi nginguJehova , nxa ngidunyisiwe ngoFaro , ngezinqola zakhe nangabamahhashi bakhe.
19
Ingelosi kaNkulunkulu eyayihambile phambi kwempi ka -Israyeli yasuka yahamba emva kwabo , nensika yefu yasuka phambi kwabo , yema emva kwabo.
20
Yafika phakathi kwempi yaseGibithe nempi yakwa-Israyeli; kwakukhona ifu nobumnyama, noma ikhanya ebusuku , ukuze izimpi zingakwazi ukusondelana ubusuku bonke.
21
UMose wayeselula isandla sakhe phezu kolwandle ; uJehova wamukisa amanzi ngomoya onamandla wasempumalanga ubusuku bonke , waphendula ulwandle lwaba ngumhlabathi owomileyo, amanzi ahlukana.
22
Abantwana bakwa -Israyeli bangena phakathi kolwandle emhlabathini owomileyo; amanzi aba lugange kubo ngakwesokunene nangakwesokhohlo.
23
AbaseGibithe babaxosha , bangena emva kwabo ngaphakathi kolwandle , namahhashi onke kaFaro, nezinqola zakhe, nabamahhashi bakhe.
24
Kwathi ngomlindo wokusa uJehova walunguza impi yabaseGibithe , esensikeni yomlilo neyefu, wayidunga impi yabaseGibithe.
25
Wawisa amasondo ezinqola ukuba bahambise kalukhuni , baze bathi abaseGibithe: Masibaleke ebusweni buka -Israyeli, ngokuba uJehova uyabalwela emelene nabaseGibithe.
26
Wayesethi uJehova kuMose : Yelula isandla sakho phezu kolwandle ukuba amanzi abuyele phezu kwabaseGibithe , phezu kwezinqola zabo nabamahhashi babo.
27
UMose wayeselula isandla sakhe phezu kolwandle , ulwandle lwabu yela endaweni yalo ngokufika kokusa ; abaseGibithe balubalekela ; uJehova wabathuntuthela abaseGibithe phakathi kolwandle.
28
Amanzi abuyela , asibekela izinqola , nabamahhashi, nayo yonke impi kaFaro eyangena elwandle emva kwazo; akwasala noyedwa kubo.
29
Kepha abantwana bakwa -Israyeli bahamba emhlabathini owomileyo phakathi kolwandle ; amanzi aba lugange kubo ngakwesokunene nangakwesokhohlo.
30
Kanjalo uJehova wasindisa u -Israyeli esandleni sabaseGibithe ; u-Israyeli wababona abaseGibithe befile ogwini lolwandle.
31
U-Israyeli wabona umsebenzi omkhulu uJehova awenzile phezu kwabaseGibithe; abantu base bemesaba uJehova , bakholwa nguJehova nenceku yakhe uMose.