U-Isaya Chapter 66
1
Usho kanje uJehova , uthi: Izulu liyisihlalo sami sobukhosi , umhlaba uyisenabelo sezinyawo zami ; iphi leyo ndlu ebeniyakungakhela yona , iphi indawo yami yokuphumula, na?
2
Zonke lezi zinto zenziwe yisandla sami , kwavela kanjalo konke lokhu, usho uJehova. Kepha yilowo engiyakub heka kuye : ohluphekayo nonomoya ochobozekileyo, othuthumela ngezwi lami.
3
Ohlaba inkunzi ebulala nomuntu, nohlaba iwundlu eyaphula nentamo yenja, nonikela ngomnikelo wempuphu , kepha enikela nangegazi lezingulube , noshisa inhlaka , ebonga nesithombe , yebo, laba bakhethile izindlela zabo , nemiphefumulo yabo iyathokoza ngezinengiso zabo.
4
Ngalokho ngiyakubakhethela izinhlupho , ngibehlisele abakwesabayo , ngokuba ekubizeni kwami kwakungekho ophendulayo , nasekukhulumeni kwami abezwanga , kepha benza okubi emehlwen i ami , bakhetha lokhu engingathokozanga ngakho.
5
Yizwani izwi likaJehov a nina enithuthumela ngezwi lakhe . Abafowenu abanizondayo, abanixosha ngenxa yegama lami, bashilo bathi: Makazidumise uJehova ukuba sibone intokozo yenu, kepha bona bayakujabha.
6
Yizwi lomsindo elivela emzini , yizwi lasethempelini ! Yizwi likaJehov a ephindisela izenzo zezitha zakhe.
7
ISiyoni lingakabi namihelo lazala ; lingakehlelwa ngubuhlungu labeletha umntwana wesilisa.
8
Ngubani ozwile okunjalo na ? Ngubani obonile okunjengalokhu na ? Izwe lingazalwa ngosuku olulodwa na ? Isizwe singabelethwa kanyekanye na ? Ngokuba iSiyoni lithe lisenemihelo, lazala abantwana balo.
9
Mina ngiyakusondeza ekuzalweni ngingazalisi na ? usho uJehova . Mina engingozalisayo bengiyakuvala na? usho uNkulunkulu wakho.
10
Thokozani kanye neJerusalema , nilethabele nina nonke enilithandayo ; jabulani ngenjabulo kanye nalo nina nonke enilililelayo,
11
ukuze nincele, naneliswe ngamabele ezinduduzo zalo , nenyiselwe, nename ngokugcwala kwenkazimulo yalo.
12
Ngokuba usho kanje uJ ehova, uthi: Bheka, ngiyakwelulela kulo ukuthula njengomfula, nenkazimulo yezizwe njengomfudlana okhukhulayo, nincele, niphathwe ngezingalo zalo, niwothwe nisemathangeni.
13
Njengoduduzwa ngunina , kanjalo ngiyakuniduduza nina , niduduzeke eJerusalema.
14
Niyakukubona, izinhliziyo zenu zijabule , amathambo enu ahlume njengohlaza; isandla sikaJehova siyakwaziwa ukuth i sisezincekwini zakhe , athukuthelele izitha zakhe.
15
Ngokuba bheka , uJehova uyakufika ngomlilo , izinqola zakhe zibe njengesivunguvungu, ukubuyisela intukuthelo yakhe ngokufuthek a nokukhuza kwakhe ngamalangabi omlilo.
16
Ngokuba uJehova uyakwahlulel a inyama yonke ngomlilo nangenkemba ; ababulawayo nguJehova bayakuba baningi.
17
Abazingcwelisa, bazihlambululele ukungena ezivandeni belandela omiyo egcekeni, bedla inyama yezingulube , nezinengiso, nezimpuku, bayakuphela kanyekanye, usho uJehova.
18
Ngiyazi imisebenzi yabo nemicabango yabo ; ngiyeza ukubutha zonke izizwe nezilimi, zifike, zibone inkazimulo yami.
19
Ngiyakubeka isibonakaliso phakathi kwazo , ngithume ababalekileyo babo kwabezizwe, eTharishishi, nasePhuli, naseLudi, abagoba umnsalo , nakuThubali naseJavani, eziqhingini ezikude, ezingezwanga umbiko ngami , zingabonanga inkazimulo yami, baze balande ngenkazimulo yami ezizweni.
20
Bayakuletha bonke a bafowenu bebakhipha ezizweni zonke ngamahhashi, nangezinqola, nangezinhlaka, nangeminyuzi, nangamakamela, babe ngumnikelo kaJehova , beze entabeni yami engcwele eJerusalema , usho uJehova, njengalokhu abantwana bakwa -Israyeli bewuletha umnikelo wabo ngesitsha esihlambulukileyo endlini kaJehova.
21
Nakubona ngiyakuthatha abapristi namaLevi, usho uJehova.
22
Ngokuba njengokuba izulu elisha nomhlaba omusha engiyakukwenza kuyakuma phambi kwami , usho uJehova , kanjalo kuyakuma inzalo yakho negama lakho.
23
Kusukela ekwethwaseni kwenyanga kuye kwenye, kusukela kwelinye isabatha kuye kwelinye yonke inyama iyakufika ukukhuleka phambi kwami , usho uJehova.
24
Bayakuphuma, babone izidumbu zabantu abaphambukile kimi , ngokuba impethu yabo ayiyikufa nomlilo wabo awuyikucima , babe yisinengiso kuyo yonke inyama.