UJeremiya Chapter 1
1
Amazwi kaJeremiya , indodana kaHilikiya , wabapristi ababe se -Anathoti ezweni lakwaBenjamini,
2
okwafika kuye izwi likaJehova ezinsukwini zikaJosiya indodana ka -Amoni, inkosi yakwaJuda, ngomnyaka weshumi nantathu wokubusa kwakhe;
3
lafika futhi ezinsukwini zikaJehoyakimi indodana kaJosiya , inkosi yakwaJuda, kuze kube sekupheleni komnyaka weshumi nanye kaSedekiya indodana kaJosiya , inkosi yakwaJuda , kuze kube sekuthunjweni kweJerusalema ngenyanga yesihlanu.
4
Kwafika kimi izwi likaJehova, lathi:
5
Ngingakakubumbi esiswini ngakwazi ; ungakaphumi esizalweni ngakungcwelisa, ngakubeka umprofethi ezizweni.
6
Kepha ngathi: Awu, Nkosi Jehova! Bheka, angikwazi ukukhuluma, ngokuba ngingumntwana.
7
Kepha uJehova wathi kimi : Ungasho ukuthi ungumntwana , ngokuba uyakuya kubo bonke engikuthuma kubo , nakho konke engikuyala ngakho uyakukukhuluma.
8
Ungabesabi, ngokuba nginawe ukuba ngikophule, usho uJehova.
9
UJehova wayeselula isandla sakhe , wawuthinta umlomo wami ; uJehova wathi kimi: Bheka, ngibekile amazwi ami emlonyeni wakho.
10
Bona, ngiyakubeka namuhla phezu kwezizwe naphezu kwemibuso ukusiphula nokudiliza, ukuchitha nokubhubhisa, ukwakha nokutshala.
11
Izwi likaJehova lafika kimi futhi , lathi: Jeremiya, ubonani na ? Ngathi: Ngibona igatsha lomalimondi.
12
Wayesethi uJehova kimi : Ubone kahle , ngokuba ngiyakulilinda izwi lami ukuba ngilenze.
13
Lase lifika kimi izwi likaJehova ngokwesibili , lithi: Ubonani na ? Ngathi: Ngibona ikhanzi elibilayo. Ubuso balo bungasenyakatho.
14
Wayesethi kimi uJehova : Okubi kuyakuqhambuka ngasenyakatho , kubehlele bonke abakhileyo bomhlaba.
15
Ngokuba bheka, ngiyakubiza yonke imindeni yemibuso yasenyakatho, usho uJehova. Iyakufika, yilowo nalowo ubeke isihlalo sawo sobu khosi ezikhaleni zamasango aseJerusalema , nakuzo zonke izingange zalo nxazonke , nakuyo yonke imizi yakwaJuda.
16
Ngiyakukhipha ukwahlulela kwami phezu kwabo ngenxa yabo bonke ububi babo, ngokuba bangihlubukile, bashisela abanye onkulunkulu impepho , bakhuleka kuyo imisebenzi yezandla zabo.
17
Ngalokho bopha izinkalo zakho , usuke, ukhulume kubo bonke engikuyala ngabo; ungapheli amandla ngabo , funa ngiqede amandla akho ebusweni babo.
18
Ngokuba bheka , ngikubekile namuhla ube ngumuzi obiyelweyo , nensika yensimbi, nezingange zethusi ngakulo izwe lonke , nangawo amakhosi akwaJuda nezikhulu zalo, nangakubo abapristi balo nabantu bezwe.
19
Bayakulwa nawe , kepha abayikukwahlula , ngokuba nginawe, usho uJehova, ukuba ngikophule.