1 AmaKhosi Chapter 1
1
Inkosi uDavide yayisindala , ineminyaka eminingi ; bayembesa ngezingubo , kepha ayifudumalanga.
2
Zase zith i kuyo izinceku zayo : Inkosi yami , inkosi, mayifunelwe intombi esentsha ukuba ime phambi kwenkosi , iyiphathe, ilale ngasesifubeni sayo ukuba inkosi yami, inkosi, ifudumale.
3
Base befuna intombi enhle phakathi kwemikhawulo yonke yakwa -Israyeli, bathola u-Abishagi waseShunemi, bamletha enkosini.
4
Intombi yayiyinhle kakhulu , yayiphatha inkosi , yayikhonza, kepha inkosi ayiyazanga.
5
U-Adoniya indodana kaHagiti waziphakamisa , wathi: Mina ngiyakuba yinkosi. Wazilungiselela izinqola , nabamahhashi, nabantu abangama shumi ayisihlanu ukugijima phambi kwakhe.
6
Uyise wayengamdabukisanga nakanye ngokuthi: Wenzeleni lokhu na? Futhi wayebukeka emuhle kakhulu, wayelama u-Abisalomu.
7
Wacebisana noJowabe indodana kaSeruya no -Abiyathara umpristi; bamsiza u-Adoniya, bamlandela.
8
Kepha uSadoki umpristi , noBenaya indodana kaJehoyada , noNathani umprofethi, noShimeyi, noReyi, namaqhawe kaDavide abamlandelanga u - Adoniya.
9
U-Adoniya wahlaba izimvu , nezinkabi, namathole akhuluphalisiweyo ngasetsheni laseZoheleti eliseceleni kwe -Eni Rogeli; wamema bonke abafowabo, amadodana enkosi, nabantu bonke bakwaJuda, izinceku zenkosi;
10
kepha uNathani umprofethi , noBenaya, namaqhawe, noSolomoni umfowabo, kabamemanga.
11
UNathani wathi kuBati Sheba unina kaSolomoni: Awuzwanga yini ukuthi u- Adoniya indodana kaHagiti uyabusa, uDavide inkosi yethu engakwazi, na?
12
Ngalokho woza ngikululeke ukuba usindise ukuphila kwakho nokuphila kwendodana yakho uSolomoni.
13
Hamba ungene enkosini uDavide , uthi kuyo : Wena nkosi yami , nkosi, awufunganga yini kuyo incekukazi yakho ngokuthi : USolomoni indodana yakho uyakuba yinkosi emva kwami , ahlale esihlalweni sami sobukhosi , na? Pho, kungani ukuba kubuse u-Adoniya na?
14
Bheka, usakhuluma lapho nenkosi , nami ngiyakungena emva kwakho , ngiqinise amazwi akho.
15
UBati Sheb a wayesengena enkosini ekamelweni ; inkosi yayisindala ; u- Abishagi waseShunemi wayikhonza inkosi.
16
UBati Sheba wakhothama, wakhuleka enkosini. Yathi inkosi: Ubabeleni na?
17
Wathi kuyo : Nkosi yami , wafunga uJehova uNkulunkulu wakho kuyo incekukazi yakho ngo kuthi: Ngempela uSolomoni indodana yakho uyakuba yinkosi emva kwami, ahlale esihlalweni sami sobukhosi.
18
Bheka, manje kubusa u-Adoniya; wena nkosi yami, nkosi, awukwazi;
19
usehlabile izinkabi , namathole akhuluphalisiweyo, nezimvu eziningi , umemile onke amadodana enkosi, no-Abiyathara umpristi, noJowabe induna yempi; kepha uSolomoni inceku yakho kammemanga.
20
Wena nkosi yami , nkosi, amehlo abo bonke abakwa -Israyeli akuwe ukuba ubatshele ukuthi ngubani ozakuhlala esihlalweni sobukhosi senkosi yami , inkosi, emva kwayo,
21
funa, lapho inkosi yami , inkosi, isilele koyise , mina nendodana yami uSolomoni kuthiwe sinecala.
22
Bheka, esakhuluma nenkosi, wangena uNathani umprofethi.
23
Bayitshela inkosi, bathi: Bheka, nangu uNathani umprofethi . Lapho esengene enkosini wa khothama phambi kwenkosi , ubuso bakhe bubheke phansi.
24
UNathani wathi : Nkosi yami , nkosi, wena ushilo yini ukuthi : U -Adoniya uyakuba yinkosi emva kwami, ahlale esihlalweni sami sobukhosi, na?
25
Ngokuba wehlile namuhla; uhlabile izinkabi, namathole akhuluphalisiweyo, nezimvu eziningi , umemile onke amadodana enkosi , nezinduna zempi , no- Abiyathara umpristi; bheka, bayadla, bephuza phambi kwakhe , bathi: Mana njalo, nkosi Adoniya.
26
Kodwa mina , mina nceku yakho , noSadoki umpristi , noBenaya indodana kaJehoyada, nenceku yakho uSolomoni, kasimemanga.
27
Le nto yenziwe yini yinkosi yami , inkosi, ungazazisanga izinceku zakho ukuthi ngubani oyakuhlala esihlalweni sobukhosi senkosi yami, inkosi, emva kwayo, na? Ukubekwa kukaSolomoni abe yinkosi
28
Yayisiphendula inkosi u Davide, yathi: Ngibizele uBati Sheba . Wafika ebusweni benkosi, wema phambi kwenkosi.
29
Inkosi yayisifunga ngokuthi : Kuphila kukaJehova ohlengile umphefumulo wami ekuhluphekeni kwami konke,
30
njengalokho ngafunga kuwe uJehova uNkulunkulu ka -Israyeli, ngathi: USolomoni indodana yakho uyakuba yinkosi emva kwami, ahlale esihlalweni sami sobukhosi esikhundleni sami, ngiyakwenze njalo impela namuhla.
31
Wayesekhothama uBati Sheba , ubuso bakhe bubheke phansi , wakhuluma enkosini, wathi: Mana njalo, nkosi yami, nkosi Davide.
32
Inkosi uDavide yayisithi : Ngibizele uSadoki umpristi , noNathani umprofethi, noBenaya indodana kaJehoyada. Bafika phambi kwenkosi.
33
Inkosi yathi kubo: Thathani izinceku zenkosi yenu, nimkhwelise uSolomoni indodana yami kuwo umnyuzi wami, nimehlisele eGihoni,
34
uSadoki umpristi noNathani umprofethi bamgcobe khona abe yinkosi phezu kuka-Israyeli; bese nibetha amacilongo, nithi: Mana njalo, nkosi Solomoni.
35
Bese nenyuka emva kwakhe , afike ahlale esihlalweni sami sobukhosi , ngokuba uyakuba yinkosi esikhundleni sami; ngimbekile ukuba abe ngumbusi phezu kuka-Israyeli noJuda.
36
UBenaya indodana kaJehoyada wayiphendula inkosi , wathi: Amen; uJehova uNkulunkulu wenkosi yami, inkosi, makasho njalo naye.
37
Njengalokho uJehova waba nenkosi yami , inkosi, makabe naye uSolomoni, asenze isihlalo sakhe sobukhosi sibe sikhulu kunesihlalo sobukhosi senkosi yami, inkosi uDavide.
38
Base behla uSadoki umpristi , noNathani umprofethi, noBenaya indodana kaJehoyada, namaKhereti namaPheleti , bamkhwelisa uSolomoni kuwo umnyuzi wenkosi uDavide, bamyisa eGihoni.
39
USadoki umpristi wathatha uphondo lwamafutha etendeni , wamgcoba uSolomoni. Babetha amacilongo , bonke abantu bathi : Mana njalo , nkosi Solomoni.
40
Bonke abantu benyuka emva kwakhe , abantu babetha imitshingo . Bathokoza ngokuthokoza okukhulu, kwaze kwangathi kuqhekezeka umhlaba ngomsindo wabo.
41
U-Adoniya nabo bonke abamenyiweyo ababe naye bawuzwa sebeqedile ukudla. UJowabe esezwa ukukhala kwecilongo wathi : Ngowani lo msindo wokuxokozela emzini na?
42
Esakhuluma, bheka, kwafika uJonathani indodana ka-Abiyathara umpristi; u-Adoniya wathi : Ngena, ngokuba wena uyindoda enamandla ; uze nodaba oluhle.
43
UJonathani waphendula , wathi ku -Adoniya: Qha, inkosi yethu , inkosi uDavide, imbekile uSolomoni inkosi;
44
inkosi ithumile naye uSadoki umpristi , noNathani umprofethi , noBenaya indodana kaJehoyada , namaKhereti namaPheleti , bamkhwelisa kuwo umnyuzi wenkosi;
45
uSadoki umpristi noNathani umprofethi bamgcobile eGihoni abe yinkosi ; sebenyukile khona bejabula , ngangokuba kwakhamuluka umu zi. Yiwo umsindo eniwuzwile.
46
Futhi uSolomoni usehlezi esihlalweni sobukhosi sombuso.
47
Nezinceku zenkosi zafika ukuyibusisa inkosi yethu , inkosi uDavide , ngokuthi: U Nkulunkulu wakho makenze igama likaSolomoni libe lihle kunegama lakho , asenze isihlalo sa khe sobukhosi sibe sikhulu kunesihlalo sakho sobukhosi; inkosi yakhothama embhedeni wayo.
48
Futhi yasho kanje inkosi , yathi: M akabusiswe uJehova uNkulunkulu ka - Israyeli omisile namuhla oyakuhlala esihlalweni sami sobukhosi , ekubona amehlo ami.
49
Abamenyiweyo bonke baka -Adoniya besaba , basuka, bahamba bonke , kwaba yilowo nalowo ngendlela yakhe.
50
U-Adoniya wesaba ngenxa kaSolomoni ; wasuka wahamba , wabamba izimpondo ze-altare.
51
Kwabikwa kuSolomoni ukuthi : Bheka, u-Adoniya uyayesaba inkosi uSolomoni; ngalokho ubambile izimpondo ze -altare, ethi: Inkosi uSolomoni mayifunge kimi namuhla ukuthi ayiyikubulala inceku yayo ngenkemba.
52
Wathi uSolomoni : Uma eyakuba yindoda enamandla , akuyikuwela emhlabathini nolulodwa unwele lwakhe , kepha uma okub i kufumaniseka kuye, uyakufa.
53
Yayisithumela inkosi uSolomoni , bamehlisa e -altare. Wafika, wakhuleka enkosini uSolomoni; uSolomoni wathi kuye: Hamba, uye endlini yakho.