1 iziKronike Chapter 18
1
Kwathi emva kwalokho uDavide wa washaya amaFilisti , wawahlula, walithatha iGati nemizana yalo esandleni samaFilisti.
2
Wanqoba noMowabi ; abakwaMowabi baba yizinceku zikaDavide , bathela intela.
3
UDavide washaya noHadarezeri, inkosi yaseSoba ngaseHamati, ekuhambeni kwakhe ukuqinisa isandla sakhe ngasemfuleni u-Ewufrathe.
4
UDavide wamaphuca izinqola eziyinkulungwane , nabamahhashi abayizinkulungwane eziyisikhombisa , nemigundatshani eyizinkulungwane ezingamashumi amabili; uDavide wanquma imisipha yawo onke amahhashi ezinqola, washiya awezinqola eziyikhulu kodwa.
5
Ama-Aramu aseDamaseku esefika ukumsiza uHadarezeri inkosi yaseSoba , uDavide wabulala kuma -Aramu abantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili.
6
UDavide wamisa amakhanda e -Aramu laseDamaseku ; ama-Aramu aba yizinceku zikaDavide, athela intela. UJehova wamnqobisa uDavide nomaphi lapho eya khona.
7
UDavide wathatha izihlangu zegolide ezazisezincekwini zikaHadarezeri , waziletha eJerusalema.
8
EThibahati naseKhuni imizi kaHadarezeri, uDavide wathatha ithusi eliningi kakhulu uSolomoni enza ngalo ulwandle lwethusi, nezinsika nezitsha zethusi.
9
Lapho uThowu inkosi yaseHamati ezwa ukuthi uDavide ushayile yonke impi kaHadarezeri inkosi yaseSoba,
10
wathuma uHadoramu , indodana yakhe , enkosini uDavide ukuyibingelela nokuyibusisa, ngokuba yay ilwile noHadarezeri , yamnqoba, ngokuba uHadarezeri wayelokhu elwa noThowu; wathuma izinhlobo zonke zezitsha zegolide nezesiliva nezethusi.
11
Nalezo inkosi uDavide yayizingcwelisela uJehova kanye nesiliva negolide alisusa ezizweni zonke : ku-Edomi, nakuMowabi, nakubantwana bakwa - Amoni, nakumaFilisti, nakuma-Amaleki.
12
U-Abishayi, indodana kaSeruya , wabulala kwabakwa -Edomi esiGodini sikaSawoti, izinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili.
13
Wamisa amakhanda kwa -Edomi; bonke abakwa -Edomi baba yizinceku zikaDavide. UJehova wamnqobisa uDavide nomaphi lapho eya khona. Izinduna zikaDavide
14
UDavide wabusa phezu kuka -Israyeli wonke , waphatha ukwahlulela nokulunga kubo bonke abantu bakhe.
15
UJowabe indodana kaSeruya wayephezu kwempi ; uJehoshafati, indodana ka-Ahiludi, wayengumabhalana;
16
uSadoki, indodana ka-Ahithubi, no-Abimeleki indodana ka -Abiyathara, babe ngabapristi; noShawusha wayengumbhali;
17
uBenaya, indodana kaJehoyada wayephezu kwamaKhereti namaPheleti ; amadodana kaDavide ayengabokuqala ngasenkosini.