1 iziKronike Chapter 19
1
Kwathi emva kwalokho uNahashi inkosi yabantwana bakwa -Amoni wafa , indodana yakhe yaba yinkosi esikhundleni sakhe.
2
UDavide wathi : Ngiyakumenzela umusa uHanuni , indodana kaNahashi, ngokuba uyise wangenzela umusa . UDavide wayesethuma izithunywa ukumduduza ngoyise . Zafika-ke izinceku zikaDavide ezweni labantwana bakwa-Amoni kuHanuni ukumduduza.
3
Kepha izikhulu zabantwana bakwa -Amoni zathi kuHanuni : Imbala ngokubona kwakho u thume abaduduzi kuwe ukuba atuse uyihlo na ? Azifikanga yini izinceku zakhe kuwe ukuba ziphenye umuzi , ziwuchithe, ziwuhlole, na?
4
UHanuni wayesebamba izinceku zikaDavide , waziphucula, wahina izingubo zazo phakathi, kwaze kwaba sezinqeni zazo, wazimukisa.
5
Bahamba, bamtshela uDavide ngalawo madoda . Wathuma ukuwahlangabeza, ngokuba ayenamahloni kakhulu lawo madoda . Yathi inkosi: Hlalani eJeriko, zize zihlume izilevu zenu, bese nibuya.
6
Abantwana bakwa -Amoni sebebone ukuthi bazenzile ukuba banengeke kuDavide, uHanuni nabantwana bakwa -Amoni bathuma amatalenta ayinkulungwane esiliva ukuziqashela izinqola nabamahhashi e -Aramu Naharayimi, nase-Aramu Mahakha, naseSoba.
7
Base beziqashela izinqola eziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu nambili kanye nenkosi yaseM ahakha nabantu bayo abeza ukumisa ngaphambi kweMedeba . Abantwana bakwa -Amoni babuthana ndawonye bephuma emizini yabo; baya ukulwa.
8
UDavide esezwile lokho wamthuma uJowabe nempi yonke yamaqhawe.
9
Abantwana bakwa -Amoni baphuma , bahlela impi ngasesangweni lo muzi; kepha amakhosi ayefikile ayewodwa endle.
10
UJowabe esebona ukuthi impi ibhekene naye ngaphambili nangasemuva , wakhetha kwabakhethekileyo bonke bakwa -Israyeli, wabahlela ukuba balwe nama-Aramu;
11
abantu abaseleyo wababeka esandleni sika -Abishayi umfow abo, bazihlela ukulwa nabantwana bakwa-Amoni.
12
Wathi: Uma ama -Aramu engahlula , uyakungisiza; kepha uma abantwana bakwa-Amoni bekwahlula, ngiyakukusiza.
13
Qinani, masiziqinise ngenxa yabantu bakithi nangenxa yemizi kaNkulunkulu wethu; uJehova makenze okuhle emehlweni akhe.
14
UJowabe nabantu ababe naye base besondela kuwo ama -Aramu ukuba balwe; kepha abaleka phambi kwakhe.
15
Lapho abantwana bakwa -Amoni bebona ukuthi ama -Aramu abalekile , babaleka nabo phambi kuka-Abishayi umfowabo , bangena emzini ; kepha uJowabe waya eJerusalema.
16
Ama-Aramu esebonile ukuthi anqotshiwe phambi kuka -Israyeli, athuma izithunywa, akhipha ama -Aramu ayephesheya koMfula noShofaki induna yempi kaHadarezeri phambi kwawo.
17
UDavide watshelwa , wabutha wonke u -Israyeli, wawela iJordani , wawafikela, wahlela impi ukulwa nawo . UDavide esehlelile impi ukulwa nama-Aramu, alwa naye.
18
Ama-Aramu abaleka phambi kuka -Israyeli; uDavide wabulala kuma -Aramu izinqola eziyizinkulungwane eziyisikhombisa nemigundatshani eyizinkulungwane ezingamashumi amane, wabulala noShofaki induna yempi.
19
Lapho izinceku zikaHadarezeri zibonile ukuthi zinqotshiwe phambi kuka - Israyeli, zenza ukuthula noDavide , zamkhonza; ama-Aramu awatha ndanga ukusiza abantwana bakwa-Amoni futhi.