Skip to Content

"onamandla"

38 occurrences in ZUL

UJehova wayesewuphendula umoya waba ngowasentshonalanga onamandla amakhulu ; wona wasusa isikhonyane , wasilahla eLwandle Olubomvu; akwasala sikhonyane nesisodwa ezweni lonke laseGibithe.

UMose wayeselula isandla sakhe phezu kolwandle ; uJehova wamukisa amanzi ngomoya onamandla wasempumalanga ubusuku bonke , waphendula ulwandle lwaba ngumhlabathi owomileyo, amanzi ahlukana.

Ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu unguNkulunkulu wawonkulunkulu , neNkosi yamakhosi , uNkulunkulu omkhulu onamandla nowesabekayo , ongakhethi buso bamuntu, nongamukeli mvuzo.

Base bemuka labo bantu abayisihlanu , bafika eLayishi , babona abantu abakulo ukuthi basahlala belondekile ngendl ela yamaSidoni , benokuthula, bengenaluvalo, ngokuba kwakungekho ezweni onamandla ukuba abajabhise ngalutho; babekude namaSidoni, bengenandaba nabanye abantu.

Umuntu ohlakaniphileyo udlula onamandla , nomuntu onokwazi onezikhwepha.

Wathi: Phuma, ume entabeni phambi kukaJehova . Bheka, uJehova wadlula, umoya omkhulu onamandla wadabula izintaba , waphahlaza amadwala phambi kukaJehova ; kepha uJehova wayen gekho emoyeni; emva komoya kwazamazama umhlaba ; kepha uJehova wayengekho ekuzamazameni komhlaba;

Kodwa ngubani onamandla okumakhela indlu, lokhu izulu nezulu lamazulu lingemanele na ? Pho, mina ngingubani ukuba ngimakhele indlu , ukuze kushiswe impepho phambi kwakhe na?

Akukho muntu onamandla phezu komoya ukuba awuthiye , futhi akakho obusa phezu kosuku loku fa; ukukhululwa akukho empini , nobubi abunakukhulula umninibo.

Ngalokho, Nkulunkulu wethu , Nkulunkulu omkhulu onamandla owesabekayo, ogcina isivumelwano nomusa , yonke le nkathazo mayingabi ncane ebusweni bakho esificile thina , namakhosi ethu , nezikhulu zethu , nabapristi bethu, nabaprofethi bethu, nawobaba, nabo bonke abantu bakho , kusukela esikhathini samakhosi ase-Asiriya kuze kube namuhla.

Koze kube nini ukhuluma lezi zinto, amazwi akho abe ngumoya onamandla, na?

Umuntu onamandla, izwe lingelakhe; onodumo uyahlala kulo.

Ingubani le Nkosi yenkazimulo na ? InguJehova onamandla, oyiqhawe, uJehova oyiqhawe lokulwa.

Imfuyo yesicebi ingumuzi waso onamandla; incithakalo yabampofu ingubumpofu babo.

Igama likaJehova lingumbhoshongo onamandla ; olungileyo ugijimela kuwo, alondeke.

Imfuyo yesicebi ingumuzi waso onamandla ; injengogange oluphakemeyo emicabangweni yaso.

Umzalwane owoniweyo ulukhuni ku nomuzi onamandla , nokuxabana kunjengemigoqo yenqaba.

Ngokuba sizalelwa umntwana , siphiwa indodana ; umbuso uyakuba semahlombe akhe , negama lakhe liyakuthiw a uMluleki omangalisayo , uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, iNkosi yokuthula.

Insali iyakubuya, insali kaJakobe, ibuyele kuNkulunkulu onamandla.

Ngalolo suku lesi sihlabelelo siyakuhlatshelelwa ezweni lakwaJuda sokuthi : Umuzi onamandla sinawo; uyasimisela insindiso ibe yizingange nezindonga.

omkhulu emaswini, onamandla ezenzweni, omehlo akho avulekele zonke izindlela zabantu ukuba unike , kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe nanjengezithelo zemisebenzi yakhe;

Onejubane uyakuswela ukubaleka ; onamandla akayikuqinisa amandla akhe, neqhawe aliyikuzikhulula.

Ningabesabi ababulala umzimba bengenamandla okubulala umphefumulo , kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhis a nomphefumulo nomzimba esihogweni.

Washumayela wath i: Emva kwami kuyeza onamandla kunami , engingafanele ukuba ngikhothame ngithukulule umchilo wezicathulo zakhe.

uJohane waphendula , wathi kubo bonke : Mina kambe nginibhapathiza ngamanzi, kepha uyeza onamandla kunami engingafanele ukuthukulula umchilo wezicathulo zakhe ; yena uzakunibhapathiza ngoMoya oNgcwele nangomlilo;

Kepha nxa onamandla kunaso esisukela , asinqobe, uyasaphuca izikhali zaso zonke ebesizethembile, ayabe impango yaso.

Wayesethi kubo : Zinto zini na ? Bathi kuye : NgoJesu waseNazaretha obengumprofethi onamandla ngesenzo nangezwi phambi kukaNkulunkulu nabantu bonke,

Ngokungazelelwe kwavela ezulwini inhlokomo kwangathi eyokuvunguza komoya onamandla; yona yagcwalisa indlu yonke ababehlezi kuyo.

Kuye onamandla okuniqinisa ngokwevangeli lami nentshumayelo kaJesu Kristu, ngokwambulwa kwemfihlakalo eyayifihliwe ngezikhathi zaphakade

Pho-ke, umthetho uphambene nezithembiso zikaNkulunkulu na ? Qha nakanye. Ngokuba uma wawunikiwe umthetho onamandla okuphilisa , ngempela ukulungisiswa ngakuya ngomthetho.

Kepha yena onamandla okwenza okukhulu kakhulu kunakho konke esikucelayo nesikuqondayo ngokwamandla asebenza kithi,

owathi esenikele emihleni yenyama yakhe ngemikhuleko , nokunxusa, nokudazuluka okukhulu , nezinyembezi kuyena onamandla okumsindisa ekufeni, wezwiwa ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.

kepha ulimi akakho kubantu onamandla okuluthambisa ; lungububi obuyaluzayo, lugcwele isihlungu esibulalayo.

Munye ongummisimthetho nomahluleli ; nguyena onamandla okusindisa nokubhubhisa; kepha ungubani wena omahlulelayo umakhelwane na? Umuntu akakwazi okuzakumvelela ngomuso

Kepha kuyena onamandla okunilinda ukuba ningakhubeki, nimiswe phambi kwenkazimulo yakhe ningenasici, ninokuthokoza okukhulu,

ngokuba usuku olukhulu lolaka lwabo selufikile; ngubani-ke onamandla okuma na?

Bahlabelela igama elisha phambi kwesihlalo sobukhosi , naphambi kwezidalwa ezine, namalunga; kepha akubangakho onamandla okufunda lelo gama, kuphela abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane abathengiweyo emhlabeni.

Abantu bashiswa ngokushiswa okukhulu , kepha bahlambalaza igama likaNkulunkulu onamandla phezu kwalezi zinhlupho , kodwa abaphendukanga ukuba bamdumise.

emi kude ngokwesaba ukuhlupheka kwalo ethi : M aye, maye kuwe muzi omkhulu waseBabiloni, muzi onamandla, ngokuba ngehora linye nje, kufikile ukwahlulelwa kwakho!