NgokukaLuka Chapter 3
1
Kwathi ngomnyaka weshumi nanhlanu wokubusa kukaTiberiyu Kesari , uPontiyu Pilatu engumbusi waseJudiya , uHerode engumtetrarki waseGalile , uFiliphu umfowabo engumtetrarki wezwe lase -Itureya nelaseTrakhoniti, uLisaniya engumtetrarki wase-Abilene,
2
u-Anase engumpristi omkhulu noKayafase , kwafika izwi likaNkulunkulu kuJohane indodana kaZakariya ehlane.
3
Weza ezweni lonke laseJordani eshumayela umbhapathizo wokuphenduka , kube ngukuthethelelwa kwezono,
4
njengokuba kulotshiwe encwadini yamazwi ka-Isaya umprofethi ukuthi: Izwi lomemezayo ehlane, lithi: Lungisani indlela yeNkosi , nenze imikhondo yayo iqonde.
5
Izigodi zonke ziyakugqitshwa , zonke izintaba namagquma kuyakwehliswa; kuqonde izinsongansonga, nemigoxigoxi ibe yizindlela ezilelezekile;
6
inyama yonke izakubona insindiso kaNkulunkulu.
7
Ngakho-ke wathi ezixukwini ezaziphumela ukubhapathizwa nguye : Nzalo yezinyoka, ubani onibonise ukubalekela intukuthelo ezayo na?
8
Ngakho vezani izithelo ezifanele uku phenduka, ningaqali ukuthi phakathi kini: S inobaba u -Abrahama; ngokuba ngithi kini : UNkulunkulu unamandla okumvusela u-Abrahama abantwana kulawa matshe.
9
Namanje izembe selibekiwe empandeni yemithi ; ngakho yonke imithi engatheli isithelo esihle iyanqunywa, iphonswe emlilweni.
10
Izixuku zambuza zathi: Pho, sizakwenzani na?
11
Waphendula, wathi kubo: Onezingubo ezimbili akamuphe ongenayo ; naye onokudla enze njalo.
12
Kwafika nabathelisi ukuba babhapathizwe , bathi kuye : Mfundisi, sizakwenzani na?
13
Wathi kubo: Ningabizi lutho ngaphezu kwenikumiselweyo.
14
Namabutho ambuza athi : Thina-ke, sizakwenzani na ? Wathi kuwo: Ningamuki muntu lutho ngendluzula , ningamxabheleli; yaneliswani yizinkokhelo zenu.
15
Abantu besabhekile, bezindla bonke ezinhliziyweni zabo ngoJohan e ukuthi ingabe unguKristu yini,
16
uJohane waphendula , wathi kubo bonke : Mina kambe nginibhapathiza ngamanzi, kepha uyeza onamandla kunami engingafanele ukuthukulula umchilo wezicathulo zakhe ; yena uzakunibhapathiza ngoMoya oNgcwele nangomlilo;
17
oqoma la khe lokwela lisesandleni sakhe ukushanelisisa isibuya sakhe nokubuthela ukolweni enqolobaneni yakhe ; kepha amakhoba uzakuwashisa ngomlilo ongacimekiyo.
18
Nangokunye okuningi washumayela ivangeli kubantu, ebayala.
19
Kepha uHerode umtetrarki , esolwa nguye n genxa kaHerodiya umkamfowabo nangenxa yakho konke okubi abekwenzile uHerode,
20
wenezela nalokhu kokunye konke, wamvalela uJohane etilongweni.
21
Kwathi bebhapathiziwe abantu bonke , naye uJesu esebhapathiziwe , ekhuleka, izulu lavuleka,
22
uMoya oNgcwele enesi mo somzimba njengejuba wehlela phezu kwakhe ; kwavela izwi ezulwini , lithi: Wena uyiNdodana yami ethandekayo; ngithokozile ngawe. Izizukulwane zikaJesu (Math. 1:1)
23
Yena uJesu , ukuqala kwakhe , wayeneminyaka engaba ngamashumi amathathu, eyindodana, njengokushiwoyo, kaJosefa ka-Eli
24
kaMathati kaLevi kaMeliki kaJanayi kaJosefa
25
kaMatathiya ka-Amose kaNahume ka-Eseli kaNagayi
26
kaMati, kaMatathiya kaSemeyini kaJosefa kaJuda
27
kaJohanani kaResa kaZorobabeli kaSalatiyeli kaNeri
28
kaMeliki ka-Adi kaKosamu ka-Elimadamu ka-Eri
29
kaJose ka-Eliyezeri kaJorimi kaMathati kaLevi
30
kaSimeyoni kaJuda kaJosefa kaJonamu ka-Eliyakimi
31
kaMeleya kaMena kaMathata kaNathamu kaDavide
32
kaJesayi ka-Obede kaBowasi kaSala kaNasoni
33
ka-Aminadaba ka-Adameyini ka-Arani ka-Esiromu kaFaresi kaJuda
34
kaJakobe ka-Isaka ka-Abrabama kaThara kaNahori
35
kaSeruki kaRagawu kaFaleki ka-Ebere kaSala
36
kaKayinamu ka-Arfakisadi kaSemi kaNowa kaLameka
37
kaMathusala ka-Enoke kaJarethi kaMaleleyeli kaKayinani
38
ka-Enose kaSeti ka-Adamu kaNkulunkulu.