U-Eksodusi Chapter 10
1
UJehova wayesethi kuMose : Ngena kuFaro , ngokuba ngenze lukhuni inhliziyo yakhe nenhliziyo yezinceku zakhe ukuba ngizenze lezi zibonakaliso zami phakathi kwabo,
2
ukuze utshele indodana yakho ezindleben i nendodana yendodana yakho lokho engikwenzele iGibithe , nezibonakaliso zami engizenzile phakathi kwabo, nize nazi ukuthi nginguJehova.
3
OMose no -Aroni bangena -ke kuFaro , bathi kuye : Usho kanje uJehova , uNkulunkulu wamaHeberu , uthi: Koze kube nini wenqaba ukuzithoba phambi kwami na? Bavumele abantu bami ukuba bahambe, bangikhonze.
4
Ngokuba uma wenqaba ukuba abantu bami bahambe , bheka, ngomuso ngizakuletha isikhonyane ezweni lakho.
5
Siyakusibekela ubuso bomhlaba , ukuze kungabe kusabonwa mhlabathi ; siyakudla okuseleyo okusindile, enikushiyelwe yisichotho, sidle yonke imithi enimilelayo endle.
6
Izindlu zakho , nezindlu zezinceku zakho zonke , nezindlu zabo bonke abaseGibithe ziyakugcwaliswa yiso , abangazange basibone esinjalo oyihlo nawoyise bawoyihlo , selokhu ba fika emhlabeni kuze kube namuhla . Waphenduka, waphuma kuFaro.
7
Kepha izinceku zikaFaro zathi kuye : Lo muntu uzakuba lugibe kuze kube nini na? Bavumele abantu ukuba bahambe bakhonze uJehova uNkulunkulu wabo. Awukwazi ukuthi iGibithe seliyashabalala na?
8
OMose no -Aroni babuyiselwa kuFaro ; wathi kubo : Hambani nimkhonze uJehova uNkulunkulu wenu; kepha ngobani abazakuhamba na?
9
UMose wathi : Siyakuhamba nabasha bethu , nabadala bethu , namadodana ethu, namadodakazi ethu , nezimvu zethu , nezinkomo zethu , ngokuba sinomkhosi kaJehova.
10
Wayesethi kubo : Makabe nani -ke uJehova , njengokuba ngizakunivumela ukuba nihambe nezingane zenu; bhekani, ngokuba okubi kuphambi kwenu.
11
Kungabi njalo; hambani nina madoda nimkhonze uJehova , ngokuba yikho enikufunayo. Base bexoshwa ebusweni bukaFaro.
12
UJehova wayesethi kuMose : Yelula isandla sakho phezu kwezwe laseGibithe, kufike isikhonyane ukuba senyukele ezweni laseGibithe, sidle imifino yonke, konke okwashiywa yisichotho.
13
UMose wayeselula induku yakhe phezu kwezwe laseGibithe ; uJehova waletha umoya wasempumalanga ezweni ngalo lonke lolo suku nobusuku bonke; sekusile umoya wasempumalanga waletha isikhonyane.
14
Isikhonyane senyukela ezweni lonke laseGibithe , sahlala ezweni lonke laseGibithe, sasinzima kakhulu ; ngaphambi kwaso kwakun gazange kube khona isikhonyane esingangaso , nangasemva kwaso asisayikuba khona esingangaso.
15
Ngokuba sasibekela ubuso bonke bomhlaba, laze laba mnyama izwe . Sadla imifino yonke nezithelo zonke zemithi ezishiywe yisichotho ; akwasala lutho oluluhlaza emithini nasemifinweni yasendle ezweni lonke laseGibithe.
16
Khona uFaro washesha wababiza oMose no-Aroni, wathi: Ngonile kuJehova uNkulunkulu wenu nakinina.
17
Ngalokho ake nithethelele isono sami ngalesi sikhathi esisodwa nje , nincenge uJehova uNkulunkulu wenu ukuba asuse kimi lokhu kufa kuphela.
18
Waphuma kuFaro, wamncenga uJehova.
19
UJehova wayesewuphendula umoya waba ngowasentshonalanga onamandla amakhulu ; wona wasusa isikhonyane , wasilahla eLwandle Olubomvu; akwasala sikhonyane nesisodwa ezweni lonke laseGibithe.
20
Kepha uJehova wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro , kabavumelanga abantwana bakwa-Israyeli ukuba bahambe. Inhlupheko yesishiyagalolunye: ubumnyama
21
UJehova wayesethi kuMose: Yelula isandla sakho ngasezulwini ukuba kube khona ubumnyama ezweni laseGibithe obuphatheka ngesandla.
22
UMose wayeseselula isandla sakhe ngasezulwini; kwaba khona isigayegaye esinzima ezweni lonke laseGibithe izinsuku ezintathu.
23
Ababonananga; akusukanga muntu endaweni yakhe izinsuku zaze zaba ntathu; kepha kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli kwakukhona ukukhanya emakhaya abo.
24
UFaro wambiza uMose , wathi: Hambani nimkhonze uJehova , kusale kuphela izimvu zenu nezinkomo zenu; izingane zenu zingahamba nani.
25
Wathi uMose : Wonikela esandleni sethu imihlatshelo neminikelo yokushiswa, ukuze sihlabele uJehova uNkulunkulu wethu.
26
Imfuyo yethu nayo iyakuhamba nathi ; akuyikusala nanselo , ngokuba siyakuthatha kuyo lokhu esiyakumkhonza ngakho uJehova uNkulunkulu wethu; asikwazi esiyakumkhonza ngakho uJehova, singakafiki khona.
27
Kepha uJehova wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro , kabavumelanga ukuba bahambe.
28
UFaro wathi kuye : Suka kimi , uqaphele ukuba ungabuboni ubuso bami futhi; ngokuba mhla ubona ubuso bami, uyakufa.
29
Wathi uMose: Ukhulume kahle; angisayikubuye ngibone ubuso bakho.