U-Eksodusi Chapter 11
1
UJehova wayesethi kuMose : Ngisezakuletha inhlupheko eyodwa kuFaro nakulo iGibithe; ngasemuva uyakunivumela ukuba nisuke lapha ; yebo, nxa eniyeka ukuba nihambe, uzakunixosha nokunixosha lapha.
2
Khuluma manje ezin dlebeni zabantu ukuba yilowo nalowo mlisa acele kumakhelwane wakhe , yilowo nalowo wesifazane acele kumakhelwane wakhe izinto zesiliva nezinto zegolide.
3
UJehova wabapha abantu umusa emehlweni abaseGibithe . Futhi lowo muntu uMose wayemkhulu kakhulu ezweni laseGibithe emehlweni ezinceku zikaFaro nasemehlweni abantu.
4
UMose wathi : Usho kanje uJehova , uthi: Ngaphakathi kwamabili ngizakuphuma, ngiye phakathi kweGibithe;
5
amazibulo onke asezweni laseGibithe ayakufa , kusukela kulo izibulo likaFaro ohlala esihlalweni sakhe sobukhosi kuze kube kulo izibulo lencekukazi engasetsheni lokugaya, kanye namazibulo onke ezinkomo.
6
Kuyakuba khona ukukhala okukhulu ezweni lonke laseGibithe, okungazange kube khona okungangako, okungasayikuba khona futhi okungangako.
7
Kepha kub o bonke abantwana bakwa -Israyeli akuyikubakho nanja eyakugwavumela umuntu nenkomo, ukuze nazi ukuthi uJehova uyahlukanisa iGibithe no-Israyeli.
8
Zonke lezi zinceku zakho ziyakwehla , zifike kimi , zingikhothamele, zithi: Phuma wena nabantu bonke abakulandelayo; emva kwalokho ngizakuphuma. Waphuma kuFaro evutha ulaka.
9
Wayesethi uJehova kuMose : UFaro akayikukulalela ukuba izimangaliso zami zande ezweni laseGibithe.
10
OMose no -Aroni bazenza zonke lezi zimangaliso ebusweni bukaFaro; uJehova wayenza lukhuni inh liziyo kaFaro , kabavumelanga abantwana bakwa-Israyeli ukuphuma ezweni lakhe.