Skip to Content

EkaJuda Chapter 1

1 UJuda inceku kaJesu K ristu, umfowabo kaJakobe , kubo ababiziweyo abathandwa kuNkulunkulu uYise nabagcinelwe uJesu Kristu: 2 Makwandiswe kini umusa nokuthula nothando. Abadukisi 3 Bathandekayo, njengokuba ngenza inkuthalo yonke ukunilobela ngensindiso esiyihlanganyele sonke , ngacindezeleka ukunilobela ukuba nginivuselele ukulwela inkolo abayinikelwayo abangcwele kwaba kanye. 4 Ngokuba sebengenile ngokunyenya abantu abathile okwalotshwa ngabo phambili endulo ukuthi bayakwehlelwa y ilokhu kulahlwa , abangamesabi uNkulunkulu, bephendukezela umusa kaNkulunkulu wethu ube ngamanyala , bephika uMbusi oyedwa neNkosi yethu uJesu Kristu. 5 Kepha ngiyathanda ukunikhumbuza, nokuba kade benikwazi konke , ukuthi iNkosi, isisindisile isizwe isikhipha ezweni laseGibithe , yabuye yabhubhisa labo abangakholwanga, 6 nezingelosi ezingagcinanga ubukhosi bazo , kodwa zalishiya ikhaya lazo , izigcinele ukulahlwa kosuku olukhulu ngezibopho ezimiyo phansi kobumnyama, 7 njengokuba iSodoma neGomora nemizi yangakhona yenza ubufebe ngendlela efana neyayo, yalandela inyama imbe imisiwe ibe yisiboniso , izwa isijeziso somlilo omiyo njalo. 8 Nokho ngokunjalo -ke nalabo abaphuphayo bangcolisa inyama , bayeyisa imibuso, bahlambalaza ubukhosi. 9 Kepha uMikayeli, ingelosi enkulu , lapho ephikisana noSathane , ekhulumisana naye ng esidumbu sikaMose , akabanga nasibindi sokuletha ukwahlulela kokuhlambalaza, kodwa wathi: INkosi mayikujezise. 10 Kepha laba bayahlambalaza konke abangakwaziyo , nalokho abakwaziyo ngemvelo njengezidalwa ezingenangqondo babhubha ngakho. 11 Maye kubo , ngokuba bahamba endleleni kaKayini , bagijimela ekudukeni kukaBalami ngenxa yomvuzo, babhubha ekuphikeni kukaKora! 12 Yilabo abayizisihla emadilini enu othando bedla nani , bengesabi, baziklabisa; bangamafu angenamanzi , aqhutshwa yimimoya ; bayimithi yasebusika engenazithelo, efe kabili, isishuliwe; 13 bangamaza adlangalalayo olwandle, ekhephuza amahlazo awo, izinkanyezi ezidukayo ezigcinelwe ubumnyama bobumnyama baphakade. 14 U-Enoke ongowesikhombisa kusukela ku-Adamu waprofetha ngabo, wathi: Bheka, iNkosi iyakufika nabangcwele bayo abayizigidigidi, 15 ukuze yahlulele bonke , ijezise bonke abangamesabi uNkulunkulu ngenxa yemisebenzi yonke yabo yokungahloniphi uNkulunkulu abadelela ngayo , nangawo onke amazwi alukhuni izoni ezingamesabi uNkulunkulu eziwakhulumile ngaye. 16 Yilabo abakhononayo nabasolayo , behamba ngezinkanuko zabo , umlomo wabo ukhuluma uwangala, betusa ubuso ngenxa yenzuzo. UJuda ululeka ukuba baqine ekukholweni 17 Kepha nina bathandekayo , khumbulani amazwi akhulunywe phambili ngabaphostoli beNkosi yethu uJesu Kristu 18 abasho ukuthi ngesikhathi sokugcina kuyakuba khona abahleka usulu , behamba ngezinkanuko zabo zokungamesabi uNkulunkulu. 19 Yilabo abaveza ukwahlukana, bengabenyama bengenaMoya. 20 Kepha nina bathandekayo , yakhelanani ekukholweni kwenu okungcw ele kakhulu, nikhuleke ngoMoya oNgcwele, 21 nizigcine othandweni lukaNkulunkulu , nibheke umusa weNkosi yethu uJesu Kristu, kube ngukuphila okuphakade. 22 Abanye, abangabazayo, nibahawukele, 23 nibasindise ngokubahlwitha emlilweni , kepha abanye nibahawukele ngokwesaba, nizonde nengubo enindwe yinyama. 24 Kepha kuyena onamandla okunilinda ukuba ningakhubeki, nimiswe phambi kwenkazimulo yakhe ningenasici, ninokuthokoza okukhulu, 25 kuye uNkulunkulu oyedwa , uMsindisi wethu ngaye uJesu Kristu iNkosi yethu, makube ngukukhazimula, nobukhosi, namandla, negunya, kungakabikho izikhathi, namanje nakuze kube phakade. Amen.