Skip to Content

3 kaJohane Chapter 1

1 Ilunga kuye uGayu othandekayo engimthanda ngeqiniso. 2 Sithandwa, kunakho konke ngikufisela ukuba ube nenhlanhla nokuphila , njengokuba umphefumulo wakho unenhlanhla. 3 Ngokuba ngathokoza lapha kufika abazalwane befakazela iqiniso lakho , njengokuba uhamba eqinisweni. Ukungenisa abazalwane 4 Anginayo intokozo enkulu kunaleyo yo kuba ngizwe ukuthi abantwana bami bahamba eqinisweni. 5 Sithandwa, wenza okuthembekileyo ngalokho okwenzele abazalwane nokuba bengabafo 6 abafakazele uthando lwakho phambi kwebandla ; uzakwenza kahle , uma ubaphelekezela ngokufanele uNkulunkulu; 7 ngokuba ngenxa yeGama baphuma bengathathi lutho kwabezizwe. 8 Ngalokho-ke thina sifanele ukubamukela abanjalo , ukuze sibe yizisebenzi zeqiniso kanye nabo. Isibonelo esihle nesibi 9 Ngalobela ibandla okuthile , kodwa uDiyotrefe othanda ukuba abe mkhulu phakathi kwabo akasamukeli thina. 10 Ngalokho uma ngiza , ngiyakumkhumbuza imisebenzi yakhe ayenzayo , esihleba ngamazwi amabi ; futhi enganelisiwe nayilokho akabamukeli abazalwane yena, nabavumayo uyabanqabela, abakhiphe ebandleni. 11 Sithandwa, ungalandeli okubi kodwa okuhle . Owenza okuhle ungokaNkulunkulu; owenza okubi akambonanga uNkulunkulu. 12 UDemetriyu ufakazelwa yibo bonke nayilo iqiniso uqobo lwalo ; nathi-ke siyafakaza ngaye, wazi nawe ukuthi ukufakaza kwethu kuqinisile. Isigcino 13 Benginokuningi ebengiyakukulobela khona, kepha angithandi ukukulobela ngoyinki nosiba; 14 kepha ngiyethemba ukukubona masinyane, sikhulume umlomo nomlomo. 15 Ukuthula makube kuwe . Abahlobo bayakhonza kuwe . Khonza kubo abahlobo ngamagama.