2 kaJohane Chapter 1
1
Ilunga kuyo inkosikazi ekhethiweyo nabantwana bayo , engibathanda ngeqiniso, kungeyimi ngedwa kodwa nabo bonke abalaziyo iqiniso,
2
ngenxa yeqiniso elihlala kithi neliyakuba nathi kuze kube phakade.
3
Kuzakuba nathi umusa, nesihawu, nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuye uJesu Kristu iNdodana kaYise ngeqiniso nangothando. Ukuyala ngothando
4
Ngithokozile kakhulu , ngokuba kubantwana bakho ngifumene abahamba eqinisweni, njengalokho samukele umyalo kuBaba.
5
Nakalokhu ngiyakunxusa, nkosikazi, kungengokungathi ngikulobela umyalo omusha kodwa lowo esasinawo kwasekuqaleni ukuba sithandane.
6
Yilolu-ke uthando ukuba sihambe ngokwemiyalo yakhe ; yiwo umyalo ukuba nihambe ngawo, njengalokho nezwa kwasekuqaleni. Ukuxwayisa ngabakhohlisi nangomphikukristu
7
Ngokuba abakhohlisi abaningi baphumele ezweni, labo abangamvumi uJesu Kristu ukuthi uzile ngenyama; lowo ungumkhohlisi nomphikukristu.
8
Ziqapheleni nina , ukuze ningalahlekelwa ngesikusebenzileyo , kodwa namukele umvuzo opheleleyo.
9
Lowo oweqisayo engemi ekufundiseni kukaKristu akanaye uNkulunkulu ; ohlezi ekufundiseni lowo unaye uYise neNdodana.
10
Uma kufika umuntu kini engalethi lokho kufundisa, ningamamukeli endlini yenu, ningambingeleli;
11
ngokuba ombingelelayo uhlanganyela naye emisebenzini yakhe emibi. Isigcino
12
Nginokuningi kokunilobela, angithandanga ukukuloba ngephepha noyinki, kodwa ngiyethemba ukuza kini , ngikhulume nani umlomo nomlomo , ukuze ukuthokoza kwethu kuphelele.
13
Abantwana bakadadewenu okhethiweyo bayakhonza kuwe.