1 kaJohane Chapter 5
1
Yilowo nalowo okholwa ukuthi uJesu unguKristu uzelwe nguNk ulunkulu, nalowo othanda ozeleyo uthanda naye ozelwe nguye.
2
Ngalokho siyazi ukuthi siyabathanda abantwana bakaNkulunkulu , nxa sithanda uNkulunkulu, senza imiyalo yakhe.
3
Ngokuba ukuthanda uNkulunkulu yilokhu ukuba sigcine imiyalo yakhe ; nemiyalo yakhe ayinzima,
4
ngokuba konke okuzelwe nguNkulunkulu kuyalinqoba izwe ; lokhu kuyinqobo enqobe izwe: ukukholwa kwethu.
5
Ngubani onqoba izwe , uma kungesiye okholwa ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu na?
6
Nguye lo oweza ngamanzi nangegazi , uJesu Kristu, kungengamanzi odwa kodwa ngamanzi nangegazi ; noMoya ungofakazayo , ngokuba uMoya uyiqiniso.
7
Ngokuba bathathu abafakazayo,
8
uMoya, namanzi, negazi; labo abathathu bavumelana entweni inye.
9
Uma samukela ubufakazi babantu , ubufakazi bukaNkulunkulu bukhulu kunalobo, ngokuba ubufakazi bukaNkulunkulu buyilobu abufakazile ngeNdodana yakhe.
10
Okholwa yiNdodana kaNkulunkulu unobufakazi phakathi kwakhe . Ongakholwa nguNkulunkulu umenze umqambimanga , ngokuba engakholwanga ngubufakazi uNkulunkulu abufakazile ngeNdodana yakhe.
11
Yilobu ubufakazi ukuthi uNkulunkulu usiphile ukuphila okuphakade , nalokhu kuphila kuseNdodaneni yakhe.
12
Onayo iNdodana unokuphila; ongenayo iNdodana kaNkulunkulu akanakho ukuphila.
13
Nginilobele lokho , ukuze nazi ukuthi ninokuphila okuphakade nina enikholwa egameni leNdodana kaNkulunkulu.
14
Yilesi sibindi esinaso kuye sokuthi , uma sicela utho ngokwentando yakhe , uyasizwa.
15
Uma sazi ukuthi uyasizwa noma sicelani , siyazi ukuthi sinakho esikucelileyo, esikucele kuye.
16
Uma umuntu ebona umzalwane wa khe ona ngesono esingesiso esokufa , makacele, uyakumnika ukuphila , ekunika labo abenza isono esingesiso esokufa. Sikhona isono sokufa; angisho ukuba kucelwe ngaleso.
17
Konke ukungalungi kuyisono; kukhona isono esingesiso esokufa.
18
Siyazi ukuthi yilowo n alowo ozelwe nguNkulunkulu akoni , ngokuba ozelwe nguNkulunkulu uyazigcina, nomubi akamthinti.
19
Siyazi ukuthi singabakaNkulunkulu nokuthi izwe lonke limi ebubini.
20
Kepha sazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile , yasinika ingqondo ukuze simazi oweqiniso ; sikuye oweqiniso , kuyo iNdodana yakhe uJesu Kristu. Yena unguNkulunkulu oqinisileyo nokuphila okuphakade.
21
Bantwanyana, zilindeni ezithombeni.