Skip to Content

U-Amose Chapter 2

1 Usho kanje uJehova , uthi: Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwaMowabi, yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka, ngokuba washisa amathambo enkosi yakwa-Edomi aba ngumcako. 2 Kepha ngiyakuthuma umlilo kwaMowabi , uqede izindlu zamakhosi zaseKeriyote, uMowabi afe ngokuxokozela , nangokumemeza, nangokukhala kwecilongo. 3 Ngiyakunquma umahluleli phakathi kwakhe, ngibulale zonke izikhulu zakhe kanye naye, usho uJehova. 4 Usho kanje uJehova , uthi: Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwaJuda , yebo, ngenxa yezine , angiyikuguquka, ngokuba bawulahlile umthe tho kaJehova, abagcinanga izimiso zakhe , namanga abo abadukisile , abawalandelayo nawoyise. 5 Kepha ngiyakuthuma umlilo kwaJuda , uqede izindlu zamakhosi zaseJerusalema. 6 Usho kanje uJehova , uthi: Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwa -Israyeli, yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka, ngokuba bathengisile olungileyo ngesiliva, nompofu ngamabhangqa ezicathulo. 7 Bazondelela amakhanda abampofu ukuba abe sothulini lomhlabathi , bachezukisa indlela yabathobileyo; indoda noyise baya entombininye , ukuze balihlambalaze igama lami elingcwele, 8 bacambalale ezingutsheni ezithathwe zaba yisibambiso eceleni kwawo onke ama-altare, baphuze iwayini labahlawulisiweyo endlini kaNkulunkulu wabo. 9 Nokho mina ngachitha ama -Amori ebusweni babo , akuphakama kwawo kwakunjengokuphakama kwe misedari, ayenamandla njengama -oki; kepha ngachitha nokho izithelo zawo phezulu nezimpande zawo phansi. 10 Futhi mina nganikhuphula ezweni laseGibithe , nganihambisa iminyaka engamashumi amane ehlane ukuba nidle ifa lezwe lama-Amori. 11 Ngavusa kumadodana en u abaprofeth i nasezinsizweni zenu amaNaziri . Akunjalo, nina bantwana bakwa-Israyeli, na? usho uJehova. 12 Kepha naphuzisa amaNaziri iwayini, ngokuthi: Ningaprofethi. 13 Bhekani, ngiyakunicindezela endaweni yen u njengengqukumbane icindezela, igcwele izithungu. 14 Onejubane uyakuswela ukubaleka ; onamandla akayikuqinisa amandla akhe, neqhawe aliyikuzikhulula. 15 Obambe umnsalo akayikuma ; onejubane ngezinyawo zakhe kayikuzikhulula, nokhwele ihhashi akayikuzikhulula; 16 onesibindi phakathi kwamaqhaw e uyakubaleka z e ngalolo suku , usho uJehova.