Skip to Content

U-Amose Chapter 1

1 Amazwi ka -Amose owayephakathi kwabelusi baseThekhowa, owabonayo ngo-Israyeli emihleni ka -Uziya, inkosi yakwaJuda , nasemihleni kaJerobowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli, iminyaka emibili ngaphambi kokuzamazama komhlaba. 2 Wathi: UJehova uyaduma eseSiyoni , ezwakalise izwi lakhe eseJerusalema; amadlelo abelusi ayakulila, nesiqongo saseKarmeli siyakubuna. 3 Usho kanje uJehova , uthi: Ngenxa yeziphambeko ezintathu zaseDamaseku , yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka, ngokuba babhula iGileyadi ngezibhulo ezibukhali zensimbi. 4 Kepha ngiyakuthuma umlilo endlini kaHazayeli , uqede izindlu zobukhosi zikaBeni Hadadi. 5 Ngiyakwaphula imigoqo yaseDamaseku , nginqume abakhileyo eBikati Aveni, nophethe intonga eBeti Edene, abantu base-Aramu bathunjelwe eKhiri, usho uJehova. 6 Usho kanje uJehova, uthi: Ngenxa yeziphambeko ezintathu zaseGaza, yebo, ngenxa yezine , angiyikuguquka, ngokuba bathumba abantu ngokuthumba okupheleleyo ukuba babakhaphele ku-Edomi. 7 Kepha ngiyakuthuma umlilo ogangeni lwaseGaza , uqede izindlu zalo zamakhosi. 8 Ngiyakunquma abakhileyo e -Ashidodi, nophethe intonga e -Ashikeloni, ngiphendulele isandla sami e -Ekroni; nensali yamaFilisti iyakuphela , isho iNkosi uJehova. 9 Usho kanje uJehova , uthi: Ngenxa yeziphambeko ezintathu zaseTire , yebo, ngenxa yezine , angiyikuguquka, ngokuba bakhaphela abantu ngokuthumba okupheleleyo ku-Edomi, bangakhumbuli isivumelwano sabazalwane. 10 Kepha ngiyakuthuma umlilo ogangeni lwaseTire , uqede izindlu zalo zamakhosi. 11 Usho kanje uJehova , uthi: Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwa-Edomi, yebo, ngenxa yezine , angiyikuguquka, ngokuba wamxosha umfowabo ngenkemba, walahla isihe sakhe , wagcina ulaka lwakhe , wayilondoloza intukuthelo yakhe. 12 Kepha ngiyakuthuma umlilo e Themani, uqede izindlu zamakhosi zaseBosira. 13 Usho kanje uJehova , uthi: Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabantwana bakwa-Amoni, yebo, ngenxa yezine , angiyikuguquka, ngokuba baqaqile abakhulelweyo kwaGileyadi ukuba bayenze banzi imikhawulo yabo. 14 Kepha ngi yakuphemba umlilo ogangeni lwaseRaba , uqede izindlu zalo zamakhosi ngokumemeza ngosuku lokulwa , nangesiphepho ngosuku lwesivunguvungu. 15 Inkosi yabo iyakuya ekuthunjweni , yona nezikhulu zayo kanyekanye , usho uJehova.