Skip to Content

KwabaseGalathiya Chapter 3

1 O nina maGalathiya angaqondiyo ! Ngubani oniloyileyo nina enalotshelwa phambi kwamehlo enu umfanekiso kaJesu Kristu ebethelwe esiphambanweni na? 2 Yilokhu kuphela engithanda ukukwazi kinina ukuthi : Namukeliswa uMoya ngemisebenzi yomthetho noma ngezwi lokukholwa na? 3 Niwulekile kangaka na? Niqalile kuMoya seniyakugcina enyameni na? 4 Nahlupheka kangaka ngeze na? uma kambe kungeze. 5 Ngakho yena oninikayo uMoya noveza imisebenzi yamandla phakathi kwenu ukwenza ngemisebenzi yomthetho noma ngezwi lokukholwa na? Umuntu uyalungisiswa ngokukholwa 6 Njengalokho u -Abrahama wakholwa nguNkulunkulu , kwabalelwa kuye ukuthi ngukulunga. 7 Yazini-ke ukuthi abokukholwa yibona abangamadodana ka-Abrahama. 8 Kepha umbhalo , ubona ngaphambili ukuthi uNkulunkulu uzakulungisisa abezizwe ngokukholwa, walishumayela ngaphambili ivangeli ku-Abrahama, wathi: Izizwe zonke ziyakubusiswa kuwe. 9 Njalo-ke abokukholwa bayabusiswa kanye no-Abrahama okholwayo. 10 Ngokuba bonke abemisebenzi yomthetho baphansi kwesiqalekiso, ngokuba kulotshiwe ukuthi : Baqalekisiwe bonke abangemi njalo kukho konke okulotshiweyo encwadini yomthetho ukuba bakwenze. 11 Kepha ukuthi ngomthetho akukho muntu olungisiswayo phambi kukaNkulunkulu kusobala, ngokuba olungileyo uzakuphila ngokukholwa; 12 ngokuba umthetho awusiwo owokukholwa , kodwa owenza lokho uyakuphila ngakho. 13 UKristu wasihlenga esiqalekisweni somthetho, ebenziwe isiqalekiso ngenxa yethu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: Baqalekisiwe bonke abalenga emthini, 14 ukuba isibusiso sika-Abrahama ngoKristu Jesu sifike kubo abezizwe, ukuze samukeliswe isithembiso sikaMoya ngokukholwa. Isithembiso asichithwa ngumthetho 15 Bazalwane, ngikhulumisa okwabantu : nokuba kuyintando yokugcina yomuntu eyaqiniswayo, akakho oyichithayo noma enezele kuyo. 16 Manje-ke izithembiso zanikwa u -Abrahama nenzalo yakhe; akasho ukuthi: Ezinzalweni, kungathi ngeziningi , kepha kungathi ngeyodwa ukuthi : Nasenzalweni yakho enguKristu. 17 Kepha ngisho lokhu ukuthi isivumelwano esaqiniswa nguNkulunkulu ngaphambili, umthetho owavela emva kweminyaka engamakhulu amane namashumi amathathu, awusesuli, uze usichithe isithembiso; 18 ngokuba uma ifa likhona ngomthetho, alikho ngesithembiso ; kepha uNkulunkulu umnikile lona u-Abrahama ngesithembiso. 19 Pho, umthetho uyini na ? Wenezelwa ngenxa yeziphambeko , kuze kufike inzalo enikiwe isithembiso, umisiwe ngezingelosi, ngesandla somlamuleli. 20 Kepha umlamuleli kasiye owamunye; kepha uNkulunkulu munye. 21 Pho-ke, umthetho uphambene nezithembiso zikaNkulunkulu na ? Qha nakanye. Ngokuba uma wawunikiwe umthetho onamandla okuphilisa , ngempela ukulungisiswa ngakuya ngomthetho. 22 Kepha umbhalo uvalele konke phansi kwesono , ukuze isithembiso ngokukholwa nguJesu Kristu siphiwe abakholwayo. Umthetho ongumlayi uyisa kuKristu 23 Kepha kungakafiki ukukholwa , sasigcinwa phansi komthetho , sivalelwe kuze kufike ukukholwa obekuzakwambulwa. 24 Njalo-ke umthetho sewaba ngumlayi wethu wokusiyisa kuKristu , ukuze silungisiswe ngokukholwa. 25 Kepha-ke sekufikile ukukholwa, asisephansi komlayi. 26 Ngokuba nonke ningabantwana bakaNkulunkulu ngokukholwa kuKristu. 27 Ngokuba nonke enabhapathizelwa kuKristu nembatha uKristu. 28 Akakho umJuda nomGreki , akakho oboshiweyo nokhululekileyo , akakho owesilisa nowesifazane, ngokuba nina nonke nimunye kuKristu Jesu. 29 Kepha uma ningabakaKristu , seniyinzalo ka -Abrahama, niyizindlalifa ngokwesithembiso.