Skip to Content

KwabaseGalathiya Chapter 4

1 Kepha ngithi ngesikhathi indlalifa iseyingane , kayahlukile ngalutho encekwini, ingani iyinkosi yakho konke; 2 kodwa iphansi kwabaphathi nababonisi , kuze kube yisikhathi esamiswa nguyise ngaphambili. 3 Kanjalo nathi , lapho siseyizingane , sasisebugqileni phansi kwezifundiso zobungane zezwe; 4 kepha lapho sekufikile ukuphelela kwesikhathi , uNkulunkulu wathuma iNdodana yakhe, izelwe ngowesifazane, izelwe phansi komthetho, 5 ukuze ihlenge abaphansi komthetho ukuba samukele ukuma kwamadodana. 6 Lokhu ningamadodana , uNkulunkulu uthumile uMoya weNdodana yakhe ezinhliziyweni zenu omemeza ethi: Aba, Baba! 7 Njalo-ke awuseyiyo inceku , kepha usuyindodana; kepha uma uyindodana, uyindlalifa futhi ngaye uNkulunkulu. 8 Kepha ngaleso sikhathi ningamazi uNkulunkulu naniyizigqila phansi kwalabo abangesibo onkulunkulu ngemvelo; 9 kepha manje , njengalokhu senimazi uNkulunkulu , yebo, phezu kwalokho, niyaziwa nguNkulunkulu, kukanjani ukuba nibuyele ezifundisweni zobungane ezilulana nezingelutho , enithanda ukuphinda nibe yizigqila zazo na? 10 Nigcina izinsuku, nezinyanga, nezikhathi, neminyaka. 11 Nginovalo ngani ukuthi mhlawumbe nginihluphekele ngeze. 12 Yibani njengami , ngokuba nami nginjengani ; bazalwane, ngiyanincenga. Aningonanga ngalutho; 13 kepha niyazi ukuthi kwaba ngenxa yobuthakathaka benyama ukuba ngishumayele ivangeli kini okokuqala, 14 nokulingwa kwenu ngenyama yami anikudelelanga , aninengwanga yikho, kodwa nangamukela ngokungathi ngiyingelosi kaNkulunk ulu, ngokungathi nginguKristu Jesu. 15 Pho, sekwayaphi ukuzihalalisela kwenu na ? Ngokuba ngiyanifakazela ngokuthi, uma kwakungenzeka , nanizakukhipha amehlo enu , ninginike wona. 16 Konje sengaba yisitha kini ngokunishumayeza iqiniso na? 17 Banishisekela ngokungekuhle, yebo, bafuna ukunivalela ngaphandle, ukuze nishisekele bona. 18 Kepha kuhle ukushisekelelwa ngento enhle njalonjalo , kungabi nxa ngikhona kini kuphela, 19 bantwana bami , enginemihelo futhi ngani , uKristu aze abunjwe phakathi kini; 20 kepha bengingat handa ngibe khona kini manje , ngiguqule izwi lami , ngokuba ngididekile ngani. OSara noHagari bayimifanekiso yezivumelwano ezimbili 21 Ngitsheleni nina enithanda ukuba phansi komthetho , aniwuzwa yini umthetho na? 22 Ngokuba kulotshiwe ukuthi u -Abrahama wayenamadodana amabili, enye kuso isigqilakazi nenye kokhululekileyo. 23 Kodwa eyesigqilakazi izelwe ngokwenyama , kepha eyokhululekileyo izelwe ngesithembiso. 24 Lokhu kungukufanekisa ; ngokuba laba bayizivumelwano ezimbili , esinye ngesasentabeni yaseSinayi, esizalela ubugqila, esinguHagari. 25 Kepha uHagari lo uyintaba yaseSinayi e -Arabiya, eqondene neJerusalema lakalokhu, ngokuba lisebugqileni nabantwana balo. 26 Kepha iJerusalema eliphezulu likhululekile, lona lingumame wethu. 27 Ngokuba kulotshiwe ukuthi : Thokoza wena nyumba ongazaliyo ; mpompoloza wena ongenamihelo; ngokuba abantwana boyisikhwebu baningi kunabakhe onendoda. 28 Kepha nina bazalwane, njengo-Isaka ningabantwana besithembiso. 29 Kepha njengakuleso sikhathi owazalwa ngokwenyama wazingela owazalwa ngokoMoya, kunjalo-ke namanje. 30 Kodwa umbhalo uthini na ? Uthi: Xosha isigqilakazi nendodana yaso , ngokuba indodana yesigqilakazi ayisoze yalidla ifa kanye nendodana yokhululekileyo. 31 Ngakho-ke, bazalwane, asisibo abantwana besigqilakazi , singabokhululekileyo.