Skip to Content

IsAmbulo Chapter 18

1 Emva kwalokho ngabona enye ingelosi yehla ezulwini, inamandla amakhulu, nomhlaba wakhanyiswa ngokukhazimula kwayo. 2 Yamemeza ngezwi elinamdla , yathi: Liwile, liwile iBabiloni elikhulu , selibe yindawo yokuhlala amademoni , nendawo yokubopha bonke omoya abangcolileyo, nendawo yokubopha zo nke izinyoni ezingcolileyo nezizondekayo, 3 ngokuba izizwe zonke ziphuzile iwayini lobufebe balo , namakhosi omhlaba afebile nalo, nabathengisi bomhlaba bacebile ngamandla okutamasa kwalo. 4 Ngase ngizwa elinye izwi livela ezulwini , lithi: Phumani kulo, bantu bami, ukuze ningahlanganyeli nalo izono zalo, nokuba ningamukeli okwezinhlupho zalo, 5 ngokuba izono zalo zifinyelele ezulwini , noNkulunkulu wakhumbula ukungalungi kwalo. 6 Buyiselani kulo njengalokho lona likwenzile, niphinde kabili okwemisebenzi yalo; esitsheni elalixuba kuso, xubani kabili kuso; 7 ngokungangalokho elizidumise latamasa ngakho , linikeni ukuhlupheka nokulila okungako. Ngokuba enhliziyweni yalo lithi: Ngihlezi ngiyinkosikazi, angisiye umfelokazi, futhi angisoze ngabona ukulila. 8 Ngakho k uyakufika ngalusuku lunye izinhlupheko zalo , ukufa, nokulila, nendlala, futhi liyakushiswa liqedwe ngomlilo ; ngokuba iNkosi uNkulunkulu elahlulelayo inamandla. 9 Amakhosi omhlaba ayefeba nalo ehlala ngokutamasa ayakukhala ambongoze ngalo, nxa ebona umusi wokusha kwalo, 10 emi kude ngokwesaba ukuhlupheka kwalo ethi : M aye, maye kuwe muzi omkhulu waseBabiloni, muzi onamandla, ngokuba ngehora linye nje, kufikile ukwahlulelwa kwakho! 11 Nabathengisi bomhlaba bayalikhalela , balililele, ngokuba impahla yabo ayisathengwa muntu, 12 impahla yegolide neyesiliva , namatshe anenani , namaparele, nelineni elicolekileyo, nokububende, nosilika, nokubomvu, kanye nemithi yonke enamakha, nezitsha zonke zamazinyo endlovu , nezitsha zonke zomuthi onenani elikhulu, nezethusi, nezensimbi, nezetshe elimhlophe, 13 nokinamona, nokunephunga elimnandi , nempepho, namafutha okuqhola , nenhlaka, newayini, namafutha eminqumo , nempuphu ecolekileyo , nokolweni, nezinkomo, nezimvu, namahhashi, nezinqola, nezigqila, nemiphefumulo yabantu. 14 Nezithelo ezazifiswa ngumphefumulo wakho zimukile kuwe , nakho konke okunonileyo nokucwebezelayo konakele kuwe , akusoze kwabuye kufunyanwe. 15 Abathengisi balezo zinto abacetshisiwe yilo bayakumela kude ngokwesaba ukuhlupheka kwalo, bekhala belila, 16 bethi: Maye, maye kuwe muzi omkhulu owawembethe ilineni elicolekileyo, nokububende, nokubomvu, uvunule ngegolide nangamatshe anenani nangamaparele! 17 Ngokuba ngehora linye nje ingcebo engaka ichithekile . Nabashayeli bonke bemikhumbi, nabo bonke abaya nomaphi ngomkhumb i, namatilosi, nabo bonke abasebenza elwandle bemela kude, 18 badazuluka bebona umusi wokusha kwalo , bethi: Ngumuphi umuzi ofana nalowo muzi omkhulu na? 19 Base bethela uthuli emakhanda abo , badazuluka bekhala , belila bethi : Maye, maye kuwe muzi omkhulu, abacebile kuwe bonke abanemikhumbi elwandle ngenxa yengcebo enqabileyo yakho , ngokuba ngehora linye nje uchithekile! 20 Thokoza ngawo wena zulu , nani bangcwele , nani baphostoli , nani baprofethi; ngokuba uNkulunkulu uwahlulele, waniphindiselela kuwo. 21 Ingelosi enamandla yafukula itshe linjengelokusila elikhulu , yaliphonsa elwandle, yathi: Ngokunjalo iBabiloni umuzi omkhulu liyakuphonswa phansi ngamandla, lingabe lisafunyanwa. 22 Izwi lababetha ihabhu nelabahlabeleli nelababetha imitshingo namacilongo alisoze laphinda lizwakale kuwe , namuphi umlumbi noma owaluphi uhlobo akasoze wafunyaniswa kuwe , nomsindo wetshe lokusila awusoze wabuye uzwakale kuwe, 23 nokukhanya kwesibani akusoze kwaphinda kukhanye phakathi kwakho , nezwi lomyeni nelomlobokazi alisoze labuye lizwakale phakathi kwakho , ngokuba izizwe zonke zidukisiwe ngokuthakatha kwakho, 24 futhi kwafunyaniswa kuwe igazi labaprofethi nelabangcwele nelabo bonke ababebulewe emhlabeni.