NgokukaLuka Chapter 24
1
Kepha ngosuku lokuqala lweviki , kuntwela ngenzansi , bafika ethuneni bephethe amakha ababewalungisile.
2
Bafumana itshe ligingqiwe ethuneni.
3
Kuthe bengena, abasifumananga isidumbu seNkosi uJesu.
4
Kwathi besasambathekile yilokho , bheka, nanko amadoda amabili emi ngakubo, enezingubo ezicwebezelayo.
5
Besesaba bekhoth amela phansi ngobuso , athi kubo : Nifunelani ophilayo kwabafileyo na?
6
Kakho lapha , kepha uvukile ; khumbulani ukukhuluma kwakhe kini eseseGalile,
7
ethi: INdodana yomuntu imelwe ukukhashelwa ezandleni zabantu abayizoni, ibethelwe, ivuke ngosuku lwesithathu.
8
Bawakhumbula-ke amazwi akhe.
9
Base bebuya ethuneni , babika konke lokho kwabayishumi nanye nakubo bonke abanye.
10
KwakungoMariya Magdalena , noJowana, noMariya unina kaJakobe ; nabanye ababe kanye nabo babatshela abaphostoli lokho.
11
Kepha lawo mazwi aba n jengokukhuluma okuyize kubo , kabaze bakholwa yibo.
12
Khona uPetru wasuka , wagijimela ethuneni , wakhothama, wabona izindwangu zizodwa; wamuka, waya ekhaya emangele ngokwenzekileyo. Abafundi abaya e-Emawuse
13
Bheka-ke, ababili babo babehamba ngalona lolo suk u, beya emzaneni othiwa i -Emawuse, ukude neJerusalema amastadiyu angamashumi ayisithupha.
14
Babekhulumisana omunye nomunye ngazo zonke lezo zinto ezehlakeleyo.
15
Kwathi besakhuluma bebuzana , uJesu uqobo wasondela , wahambisana nabo.
16
Kepha amehlo abo abebambekile ukuba bangamazi.
17
Wathi kubo : Zindaba zini lezi enikhuluma ngazo omunye nomunye nihamba na? Base bema benyukumele.
18
Omunye, nguKleyophase igama lakhe , waphendula, wathi kuye : Wena uyisihambi eJerusalema , ungoyedwa ongazazi izinto ezenzekileyo kho na ngalezi zinsuku na?
19
Wayesethi kubo : Zinto zini na ? Bathi kuye : NgoJesu waseNazaretha obengumprofethi onamandla ngesenzo nangezwi phambi kukaNkulunkulu nabantu bonke,
20
ukuthi abapristi abakhulu nababusi bethu bamkhaphela ukunqunyelwa ukufa, baze bambethela esiphambanweni.
21
Thina-ke besethemba ukuthi nguye ozakuhlenga u -Israyeli; kodwa phezu kwalokho konke sekulusuku lwesithathu lezo zinto zenzekile.
22
Futhi nabesifazane abathile bakithi basethusile, ababeyile ethuneni ekuseni;
23
kuthe bengasifumani is idumbu sakhe , bafika bathi babone nombono wezingelosi ezithi uyaphila.
24
Nabathile babakithi baya ethuneni, bakufumana kunjalo njengokuba beshilo abesifazane, kodwa yena uqobo abambonanga.
25
Wayesethi kubo: O nina eningaqondiyo nenilibele enhliziyweni ukuk holwa yikho konke abakushilo abaprofethi!
26
UKristu ubengamelwe yini ukuhlupheka ngalokho , aze angene enkazimulweni yakhe na?
27
Wayesethathela kuMose nakubaprofethi bonke , wabachasisela emibhalweni okuqondene naye.
28
Base besondela emzaneni ababeya kuwo yena washaya sengathi udlulela phambili.
29
Bamncengisisa bathi : Hlala nathi , ngokuba sekuzakuhlwa, nemini isiyadlula. Wangena wahlala nabo.
30
Kwathi esehlezi nabo ekudleni , wathabatha isinkwa , wabonga, wasihlephula, wabanika.
31
Amehlo abo ayesevuleka, bamazi; wayesenyamalala kubo.
32
Bathi omunye komunye: Inhliziyo yethu ibingavuthi yini phakathi kwethu , lapho ekhuluma kithi endleleni, nalapho esivulela imibhalo, na?
33
Base besuka ngasona leso sikhathi , baphindela eJerusalema , bafumana abayishumi nanye nababe nabo behlangene ndawonye,
34
bethi: Impela iNkosi ivukile, ibonakele kuSimoni.
35
Base belanda nabo okwenzekileyo endleleni , nokuthi yaziwa kanjani yibo ekuhlephuleni isinkwa. Ukuzibonakalisa kukaJesu kubafundi bonke (Mark. 16:14; Joh. 20:19)
36
Besakhuluma lokho , yena uqobo wema phakathi kwabo , wathi kubo : Ukuthula makube kinina.
37
Kepha bashaywa luvalo, besaba bethi babona ithongo.
38
Wayesethi kubo: Nikhathazekeleni na? Kuvelelani imizindlo ezinhliziyweni zenu na?
39
Bhekani izandla zami nezinyawo zami uku thi yimina uqobo ; ngiphatheni, nibone, ngokuba ithongo alinanyama namathambo , njengokuba ningibona nginakho.
40
Esekushilo lokho wababonisa izandla nezinyawo.
41
Kepha bengakakholwa ngenxa yentokozo bemangala , wathi kubo: Ninakho ukudla lapha na?
42
Bamnika iqatha lenhlanzi eyosiweyo neqa lezinyosi.
43
Wakuthatha, wadla phambi kwabo.
44
Wayesethi kubo : Yiwo lawo mazwi ami engawakhuluma kini ngisenani okuthi: Kumelwe ukugcwaliseka konke okulotshwe ngami emthethweni kaMose, nakubaprofethi nasemaHutsheni.
45
Khona wayesevula ingqondo yabo, ukuze baqonde imibhalo.
46
Wathi kubo : Kulotshiwe kanje ukuthi uzakuhlupheka uKristu , avuke kwabafileyo ngosuku lwesithathu,
47
kushunyayelwe egameni lakhe ukuphenduka , kube ngukuthethelelwa kwezono ezizweni zonke, kuqalwe eJerusalema.
48
Nina-ke ningofakazi balezi zinto.
49
Bhekani, ngiyathumela kini isithembiso sikaBaba ; kepha hlalani emzini , nize nembathiswe amandla avela phezulu. Ukuvalelisa kukaJesu nokwenyuselwa kwakhe (Mark. 16:19; IzE. 1:9)
50
Wabahola, baze bafika ngaseBethaniya, waphakamisa izandla zakhe , wababusisa.
51
Kwathi esababusisa, wahlukana nabo, wenyuselwa ezulwini.
52
Bakhuleka kuye, baphindela eJerusalema benokuthokoza okukhulu.
53
Babekhona ethempelini njalo bemdumisa uNkulunkulu. NGOKUKAJOHAN