Skip to Content

"izinhloko"

50 occurrences in ZUL

U-Eleyazare indodana ka -Aroni wazithathela enye yamadodakazi kaPhuthiyeli, ibe ngumkakhe; yamzalela uFinehasi. Yilezi izinhloko zawoyise bamaLevi ngemindeni yawo.

izikhulu zakwa-Israyeli, izinhloko zezindlu zawoyise zanikela ; lezo zaziyizikhulu zezizwe, zazibekwe phezu kwababalwayo.

Uma bebetha elilodwa, izikhulu, izinhloko zezinkulungwane zakwa-Israyeli, ziyakubuthana kuwe.

UJehova wathi kuMose : Thabatha zonke izinhloko zabantu, uziphanyekele uJehova elangeni, ukuze intukuthelo evuthayo kaJehova ibuye ku-Israyeli.

UMose wayesekhuluma kuzo izinhloko zezizwe zabantwana bakwa -Israyeli, ethi: Yilokhu uJehova ayale ngakho ukuthi:

Izinhloko zezindlu zawoyise bomndeni wabantwana bakwaGileyadi kaMakiri kaManase , abemindeni yamadodana kaJosefa , zasondela, zakhuluma phambi kukaMose naphambi kwezikhulu, izinhloko zezindlu zawoyise babantwana bakwa-Israyeli,

Ngase ngithatha izinhloko zezizwe zenu , amadoda ahlakaniphileyo naziwayo, ngawenza aba yizinhloko phezu kwenu : izinduna zezinkulungwane, nezinduna zamakhulu , nezinduna zamashumi ayisihlanu , nezinduna zamashumi, neziphathimandla ezizweni zenu.

Kwathi lapho nilizwa izwi elivela phakathi kobumnyama , intaba ivutha umlilo, nasondela kimi, zonke izinhloko zenu zezizwe zenu namalunga enu,

Nimi namuhla nonk e phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu : izinhloko zenu, nezizwe zenu, namalunga enu, nezinduna zenu, bonke abantu bakwa - Israyeli,

Waba yinkosi eJeshuruni , lapho izinhloko zabantu zazibuthene , zonke izizwe zakwa-Israyeli zindawonye.

Kwasondela izinhloko zawoyise bamaLevi ku -Eleyazare umpristi , nakuJoshuwa indodana kaNuni , nakuzo izinhloko zawoyise bezizwe zabantwana bakwa-Israyeli,

Abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi nenxenye yesizwe sakwaManase baphendula , bakhuluma kuzo izinhloko zemindeni yakwa - Israyeli, bathi:

Kuthe uFinehasi umpristi , nezikhulu zenhlangano , izinhloko zemindeni yakwa-Israyeli ezazinaye sezizwile amaz wi akhulunywa ngabantwana bakwaRubeni, nangabantwana bakwaGadi , nangabantwana bakwaManase , kwaba kuhle emehlweni abo.

Izinhloko zabantu bonke , izizwe zonke zakwa -Israyeli, zafika ebandleni labantu bakaNkulunkulu , abantu abayimigundatshani ; abayizinkulungwane ezingamakhulu amane, abahlome inkemba.

Nazi izinhloko zezindlu zawoyise : o-Eferi, no-Ishi, no-Eliyeli, no-Aziriyeli, noJeremiya, noHodaviya, noJahidiyeli, amaqhawe anamandla , amadoda anegama, izinhloko zezindlu zawoyise.

Amadodana kaThola : ngo-Uzi, noRefaya, noJeriyeli, noJahemayi, no- Ibisamu, noShemuweli, izinhloko zezindlu zawoyise , abakwaThola, amaqhawe anamandla ngezizukulwane zawo ; umumo wawo ngezinsuku zikaDavide wawuyizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili namakhulu ayisithupha.

Amadodana kaBela : ngo-Esiboni, no-Uzi, no-Uziyeli, noJerimoti, no-Iri, beyisihlanu, izinhloko zezindlu zawoyise , amaqhawe anamandla , beyizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili namashumi amatha thu nane, bebhalwe ngezizukulwane zabo.

Bonke labo babe ngabantwana baka -Asheri, izinhloko zezindlu zawoyise , amaqhawe akhethekileyo anamandla , izinhloko zezikhulu . Umumo wabo ubhalwe ngezizukulwane zabo ukuba balwe empini wawungabantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nesithupha.

Nanka amadodana ka -Ehudi, izinhloko zezindlu zawoyise zabakhe eGeba , ezathunjelwa eManahati,

noJewuse, noShakiya, noMirima. Labo babe ngamadodana akhe , izinhloko zezindlu zawoyise.

Labo babe yizinhloko zezindlu zawoyise , izinhloko ezizukulwaneni zabo , bahlala eJerusalema.

nabafowabo, izinhloko zezindlu zawoyise , beyinkulungwane namakhulu ayisikhombisa namashumi ayisithupha , amadoda ahlakaniphile emsebenzini wenkonzo yasendlini kaNkulunkulu.

Kepha abanye , abahlabeleli, izinhloko zezindlu zawoyise zamaLevi , babe semakamelweni bekhululekile kokunye , ngokuba babe semsebenzini wabo imini nobusuku.

Labo babe yizinhloko zezindlu zawoyise bamaLevi , izinhloko ezizukulwaneni zabo, bahlala eJerusalema.

Kwase kwehla umoya phezu kuka -Amasayi owayeyinhloko yabangamashumi amathathu, wathi: Singabakho thina, Davide, sinawe, wena ndodana kaJese ; ukuthula, ukuthula makube nawe , ukuthula makube nabakusizayo, ngokuba uNkulunkulu wakho uyakusiza . Wayesebamukela uDavide, wabenza izinhloko zeviyo.

Ekuyeni kwakhe eSikilagi kwahlubukela k uye kwabakwaManase o -Adina, noJozabadi, noJediyayeli, noMikayeli, noJozabadi, no-Elihu, noSilethayi, izinhloko zezinkulungwane zabakwaManase.

Kubantwana bakwa -Isakare ngabazi ukuqonda izikhathi ukuba bazi okufanele ukwenziwa ngu -Israyeli; izinhloko zabo zazingamakhulu amabili; bonke abafowabo balalela izwi labo.

Yilabo ababe ngamadodana kaLevi ngezindlu zawoyise, izinhloko zawoyise, bebalwa ngomumo wamaga ma ngezinhloko zabo , abawenza umsebenzi wenkonzo yendlu kaJehova , kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu.

Lezo zigaba zabalindisango , izinhloko zabantu , zaba nemfanelo yazo njengabafowabo ukukhonza endlini kaJehova.

Amadodana kaLadani , amadodana kaGereshoni akwaLadani , izinhloko zawoyise zakwaLadani umGereshoni, amaJehiyeli,

Abafowabo, amaqhawe anamandla , babe yizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisikhombisa , izinhloko zawoyise , ezenziwa ababonisi phezu kwabakwaRubeni nabakwaGadi nenxenye yesizwe sabakwaManase ezindabeni zonke zikaNkulunkulu nasezindabeni zenkosi.

Nampa abantwana bakwa -Israyeli ngomumo wabo , izinhloko zawoyise, nezinduna zezinkulungwane nezamakhulu , nezinduna zabo ezazikhonza inkosi kukho konke okwezigaba , ezazingena, ziphuma inyanga ngenyanga ezinyangeni zonke zomnyaka ; kuleso naleso sigaba zazikhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.

USolomoni wakhuluma kuye wonke u -Israyeli, nakuzo izinduna zezinkulungwane nezamakhulu, nakubahluleli, nakuzo zonke izikhulu kwa - Israyeli wonke, izinhloko zawoyise.

Khona uSolomoni wabutha amalunga akwa -Israyeli, nazo zonke izinhloko zezizwe, izikhulu zawoyise babantwana bakwa -Israyeli eJerusalema ukuba bakhuphule umphongolo wesivumelwano sikaJehova emzini kaDavide oyiSiyoni.

Kwase kusuka izinhloko zawoyise bakwaJuda noBenjamini , nabapristi, namaLevi, bonke abamoya wabo uNkulunkulu ayewuvusile ukuba bakhuphuke bakhe indlu kaJehova eseJerusalema.

Ezinye izinhloko zawoyise ekufikeni kwazo endlini kaJehova eseJerusalema zanikelela ngenhliziyo indlu kaNkulunkulu ukuba imiswe endaweni yayo;

zasondela kuZerubabele nakuzo izinhloko zawoyise , zathi kubo : Masakhe nani, ngokuba sifuna uNkulunkulu wenu njengani , sinikela kuye kwasemihleni ka-Esari Hadoni inkosi yase-Asiriya owasikhuphulela lapha.

Nazi izinhloko zawoyise , nazi izizukulwane zabakhuphuka nami eBabele ekubuseni kuka-Aritahishashita inkosi:

Ezinye izinhloko zanikelela umsebenzi ; umbusi wanikelela isikhwama amadarike ayinkulungwane egolide , nezitsha ezingamashumi ayisihlanu , nezambatho zabapristi ezingamakhulu ayisihlanu namashumi amathathu.

Ezinye izinhloko zaw oyise zanikelela isikhwama somsebenzi amadarike ayizinkulungwane ezingamashumi amabili egolide namamane ayizinkulungwane ezimbili namakhulu amabili esiliva.

Ngosuku lwesibili kwabuthana izinhloko zawoyise babantu bonke , nabapristi, namaLevi ku-Ezra umbhali ukuba baqaphele amazwi omthetho.

Izinhloko zabantu : oPharoshi, noPhahati Mowabi , no-Elamu, noZathu, noBani,

Nazi izinhloko zezwe ezazihlala eJerusalema ; kepha emizini yakwaJuda bahlala emizini yabo , kwaba yilowo nalowo efeni lakhe : abakwa-Israyeli, nabapristi, namaLevi, namaNethini, nabantwana bezinceku zikaSolomoni.

nabafowabo, izinhloko zawoyise, bengamakhulu amabili namashumi amane nambili, no-Amashisayi ka-Azareli, ka-Ahizayi, kaMeshilemoti, ka-Imeri;

Emihleni kaJoyakimi izinhloko zawoyise babapristi zaziyilezi : ekaSeraya: nguMeraya; ekaJeremiya: nguHananiya;

Izinhloko zawoyise babantwana bakwaLevi zalotshwa encwadini yezindaba zemihla ngemihla , kwaze kwaba semihleni kaJohanani indodana ka - Eliyashibi.

Izinhloko zamaLevi nazi : oHashabiya, noSherebiya, noJeshuwa, indodana kaKadimiyeli, kanye nabafowabo malungana nabo, ukuba badumise, babonge njengemiyalo kaDavide, umuntu kaNkulunkulu, isigaba malungana nesigaba.

Uyamuka izinhloko zezizwe ezweni ingqondo yazo , azidukise ehlane elingenandlela.

Phakamisani, masango, izinhloko zenu ; nani minyango yaphakade , phakamani ukuba iNkosi yenkazimulo ingene.

Phakamisani, masango, izinhloko zenu ; nani minyango yaphakade , phakamani ukuba iNkosi yenkazimulo ingene.