1 iziKronike Chapter 26
1
Izigaba zabalindisango zaziyilezi : kumaKorahi: nguMeshelemiya indodana kaKore emadodaneni ka-Asafa.
2
UMeshelemiya wayenamadodana : nguZakariya izibulo , noJediyayeli owesibili, noZebadiya owesithathu, noJatiniyeli owesine,
3
no-Elamu owesihlanu , noJehohanani owesithupha , no-Eliyohenayi owesikhombisa.
4
U-Obede Edomi wayenamadodana : nguShemaya izibulo , noJehozabadi owesibili, noJowa owesithathu, noSakari, owesine, noNethaneli owesihlanu,
5
no-Amiyeli owesithupha , no-Isakare owesikhombisa , noPhewuletayi owesishiyagalombili, ngokuba uNkulunkulu wambusisa.
6
Naye uShemaya indodana yakhe wazalelwa amadodana ayebusa indlu kayise, ngokuba ayengamaqhawe anamandla.
7
Amadodana kaShemaya : ngo-Othini, noRefayeli, no-Obede, no-Elizabadi, nabafowabo ababe ngamadoda anamandla, o-Elihu noSemakiya.
8
Bonke labo babe ngamadodana ka -Obede Edomi , bona namadodana abo nabafowabo, amadoda aqinileyo anamandla enkonzweni , engamashumi ayisithupha nambili ka-Obede Edomi.
9
UMeshelemiya wayenamadodana nabafowabo , amadoda anamandla , eyishumi nesishiyagalombili.
10
Naye uHosa wabantwana bakwaMerari wayenamadodana : nguShimri inhloko noma wayengesilo izibulo, uyise wambeka waba yinhloko
11
noHilikiya owesibili, noThebaliya owesithathu, noZakariya owesine ; onke amadodana nabafowabo bakaHosa babe yishumi nantathu.
12
Lezo zigaba zabalindisango , izinhloko zabantu , zaba nemfanelo yazo njengabafowabo ukukhonza endlini kaJehova.
13
Benza inkatho yesango ngesango , omncane njengomkhulu , ngezindlu zawoyise.
14
Inkatho yasempumalanga yadla uShelemiya . Base benza inkatho ngoZakariya indodana yakhe , umluleki ohlakaniphileyo ; wadliwa yinkatho yasenyakatho.
15
Eyaseningizimu yadla u-Obede Edomi namadodana akhe ukulinda inqolobane,
16
eyasentshonalanga oShuphimi noHosa ngasesangweni laseShaleketi , ngasemendweni owenyukayo, abalindi ngabalindi.
17
Ngasempumalanga ayekhona amaLevi ayisithupha , ngasenyakatho emane ngosuku, ngaseningizimu emane ngosuku , nasenqolobaneni emabili ngamabili.
18
EParibari ngasentshonalanga ayemane emendweni , naseParibari uqobo ayemabili.
19
Yilezo ezaziyizigaba zabalindisango emadodaneni amaKorahi nasemadodaneni kaMerari.
20
KumaLevi u -Ahiya wayephethe ingcebo yendlu kaNkulunkulu nengcebo yezinto ezingcwele.
21
Amadodana kaLadani , amadodana kaGereshoni akwaLadani , izinhloko zawoyise zakwaLadani umGereshoni, amaJehiyeli,
22
amadodana amaJehiyeli , oZethamu noJoweli umfowabo , ayephethe ingcebo endlini kaJehova.
23
Kuma-Amramu, nakumaJisihari, nakumaHebroni, nakuma-Uziyeli,
24
uShebuweli indodana kaGereshomu kaMose wayengumphathisikhwama.
25
Abafowabo: ku-Eliyezeri: nguRehabiya indodana yakhe , noJeshaya indodana yakhe , noJoramu indodana yakhe , noZikiri indodana yakhe , noShelomoti indodana yakhe.
26
Yena uShelomoti nabafowabo babephethe yonke ingcebo yezinto ezingcwele ezangcweliswa nguDavide inkosi , nezinhloko zawoyise , nezinduna zezinkulungwane nezamakhulu, nezinduna zempi.
27
Empini nasempangweni bakungcwelisela ukulungisa indlu kaJehova,
28
kanye nakho konke uSamuweli umboni , noSawule indodana kaKishi , no- Abineri indodana kaNeri , noJowabe indodana kaS eruya ababekungcwelisile; yilowo nalowo owayengcwelisile okuthile , kwaba phansi kwesandla sikaShelomoti nabafowabo.
29
KumaJisihari uKhenaniya namadodana akhe babephethe umsebenzi ongaphandle kwa-Israyeli, beyizinduna nabahluleli.
30
KumaHebroni uHashabiya n abafowabo, amaqhawe anamandla , beyinkulungwane namakhulu ayisikhombisa, babe ngababonisi kwa -Israyeli phesheya kweJordani ngasentshonalanga emsebenzini wonke kaJehova nasenkonzweni yenkosi.
31
KumaHebroni uJeriya wayeyinhloko , kumaHebroni njengezizukulwane zawo ngezindlu zawoyise . Ngomnyaka wamashumi amane wokubu sa kukaDavide kwafunwa , kwafunyanwa phakathi kwawo amaqhawe anamandla eJazeri kwaGileyadi.
32
Abafowabo, amaqhawe anamandla , babe yizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisikhombisa , izinhloko zawoyise , ezenziwa ababonisi phezu kwabakwaRubeni nabakwaGadi nenxenye yesizwe sabakwaManase ezindabeni zonke zikaNkulunkulu nasezindabeni zenkosi.