Skip to Content

1 iziKronike Chapter 25

1 UDavide nezinduna zempi base bahlukanisela inkonzo amanye amadodana ka-Asafa, nakaHemani, nakaJeduthuni, ayeyakuprofetha ngamahabhu , nangezingubhu, nangamasimbali; umumo wabantu balo msebenzi wenkonzo wawunje: 2 emadodaneni ka -Asafa: ngoZakuri, noJosefa, noNethaniya, no-Asharela, amadodana ka -Asafa, phansi kwezandla zika -Asafa owaprofetha ngezandla zenkosi. 3 KuJeduthuni: amadodana kaJeduthuni : ngoGedaliya, noSeri, noJeshaya, noShimeyi, noHashabiya, noMatithiya, bebayisithupha, phansi kwezandla zikayise uJeduthuni owapr ofetha ngehabhu ngokubonga nangokudumisa uJehova. 4 KuHemani: amadodana kaHemani : ngoBukiya, noMathaniya, no-Uziyeli, noShebuweli, noJerimoti, noHananiya, noHanani, no-Eliyatha, noGidaliti, noRomamiti Ezeri, noJoshibekasha, noMaloti, noHothiri, noMahaziyoti; 5 bonke labo babe ngamadodana kaHemani umboni wenk osi ngamazwi kaNkulunkulu okuphakamisa uphondo lwakhe ; uNkulunkulu wamnika uHemani amadodana ayishumi nane namadodakazi amathathu. 6 Onke lawo ayephansi kwezandla zikayise ekuhlabeleleni endlini kaJehova ngamasimbali, nangezingubhu, nangamahabu enkonzweni yasendlini kaNkulunkulu, o-Asafa noJeduthuni noHemani bephansi kwezandla zenkosi. 7 Umumo wabo kanye nabafowabo ababefundisiwe ukuhlabelela kuJehova nabayizazi wawungamakhulu amabili namashumi ayisishiyagalo mbili nesishiyagalombili. 8 Benza inkatho ngenkonzo , omunye ngomunye , omncane njengomkhulu , isazi nomfundi. 9 Inkatho yokuqala yadla uJosefa ka -Asafa, neyesibili uGedaliya ; yena nabafowabo namadodana akhe babe yishumi nambili; 10 eyesithathu uZakuri, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 11 eyesine uJisiri, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 12 eyesihlanu uNethaniya, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 13 eyesithupha uBukiya, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 14 eyesikhombisa uJesharela, namadodana akhe nabafowabo , beyishumi nambili; 15 eyesishiyagalombili uJeshaya , namadodana akhe nabafowabo , beyishumi nambili; 16 eyesishiyagalolunye uMathaniya , namadodana akhe nabafowabo , beyishumi nambili; 17 eyeshumi uShimeyi, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 18 eyeshumi nanye u -Azareli, namadodana akhe nabafowabo , beyishumi nambili; 19 eyeshumi nambili uHashabiya , namadodana akhe nabafowabo , beyishumi nambili; 20 eyeshumi nantathu uShubayeli , namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 21 eyeshumi nane uMatithiya , namadodana akhe nabafowabo , beyishumi nambili; 22 eyeshumi nanhlanu uJeremoti , namadodana akhe nabafowabo , beyishumi nambili; 23 eyeshumi nesithupha uHananiya , namadodana akhe nabafowabo , beyishumi nambili; 24 eyeshumi nesikhombisa uJoshibekasha , namadodana akhe nabafowabo , beyishumi nambili; 25 eyeshumi nesishiyagalombili uHanani , namadodana akhe nabafowabo , beyishumi nambili; 26 eyeshumi nesishiyagalolunye uMaloti , namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 27 eyamashumi amabili u-Eliyatha, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 28 eyamashumi amabili nanye uHothiri , namadodana akhe nabafowabo , beyishumi nambili; 29 eyamashumi amabili nambili uGidaliti , namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 30 eyamashumi amabili nantathu uMahaziyoti , namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 31 eyamashumi amabili nane uRomamiti Ezeri , namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili.