1 iziKronike Chapter 27
1
Nampa abantwana bakwa -Israyeli ngomumo wabo , izinhloko zawoyise, nezinduna zezinkulungwane nezamakhulu , nezinduna zabo ezazikhonza inkosi kukho konke okwezigaba , ezazingena, ziphuma inyanga ngenyanga ezinyangeni zonke zomnyaka ; kuleso naleso sigaba zazikhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
2
Phezu k wesigaba sokuqala ngenyanga yokuqala kwakunguJashobehamu indodana kaZabidiyeli ; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
3
Wayengowabantwana bakwaPheresi , inhloko yazo zonke izinduna zempi ngenyanga yokuqala.
4
Phezu kwesigaba senyanga yesibili kwakunguDodayi umAhohi nesigaba sakhe; kwakukhona nombusi uMikiloti ; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
5
Induna yesithathu yempi ngenyanga yesithathu kwakunguBenaya indodan a kaJehoyada umpristi, inhloko; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
6
Nguye lowo Benaya owayeyiqhawe labangamashumi amathathu nowayephezu kwamashumi amathathu ; owesigaba sakhe kwakungu - Amizabadi indodana yakhe.
7
Eyesine ng enyanga yesine kwakungu -Asaheli umfowabo kaJowabe noZebadiya indodana yakhe emva kwakhe ; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
8
Eyesihlanu ngenyanga yesihlanu kwakunguShamhuti umJizirahi ; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
9
Eyesithupha ngenyanga yesithupha kwakungu -Ira indodana ka -Ikheshi waseThekhowa; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
10
Eyesikhombisa ngenyanga yesikhombisa kwakunguHelesi umPheloni wabantwana bakwa -Efrayimi; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
11
Eyesishiyagalombili ngenyanga yesishiyagalombili kwakunguSibekayi umHushati kumaZera ; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
12
Eyesishiyagalolunye ngenyanga yesishiyagalolunye kwakungu -Abiyezeri umAnathoti wabakwaBenjamini ; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
13
Eyeshumi ngenyanga yeshumi kwakunguMaharayi waseNethofa kumaZera; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
14
Eyeshumi nanye ngenyanga yeshumi nanye kwakunguBenaya umPirathoni wabantwana bakwa-Efrayimi; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
15
Eyeshumi nambili ngenyanga yeshumi nambili kw akunguHelidayi waseNethofa ka -Otheniyeli; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
16
Phezu kwezizwe zakwa -Israyeli kwakuyilaba: kwabakwaRubeni u-Eliyazeri indodana kaZikiri wayengumbusi ; kwabakwaSimeyoni nguShefathiya indodana kaMahakha;
17
kuLevi nguHashabiya indodana kaKemuweli; ku-Aroni nguSadoki;
18
kuJuda ngu-Elihu wabafowabo bakaDavide; ku-Isakare ngu-Omri indodana kaMikayeli;
19
kuZebuloni ngu -Ishmaya indodana ka -Obadiya; kuNafetali nguJeremoti indodana ka-Aziriyeli;
20
kubantwana bakwa-Efrayimi nguHosheya indodana ka -Azaziya; enxenyeni yesizwe sakwaManase nguJoweli indodana kaPhedaya;
21
enxenyeni kaManase wakwaGileyadi ngu -Ido indodana kaZakariya ; kuBenjamini nguJahasiyeli indodana ka-Abineri;
22
kuDani ngu-Azareli indodana kaJerohamu. Yilabo ababe yizinduna zezizwe zakwa-Israyeli.
23
Kepha uDavide akabalanga umumo waba neminyaka engamashumi amabili nabangaphansi, ngokuba uJehova wayeshilo ukuthi uyakwandisa u -Israyeli ukuba abe ngangezinkanyezi zezulu.
24
UJowabe indodana kaSe ruya waqala ukubala , kepha akaqedanga; kwaba khona ulaka ngalokho phezu kuka-Israyeli, nomumo awufakwanga encwadini yezindaba zemihla ngemihla yenkosi uDavide.
25
U-Azimaveti indodana ka -Adiyeli wayephethe ingcebo yenkosi ; uJonathani indodana ka-Uziya wayephethe izinto emasimini , nasemizini, nasemizaneni, nasezinqabeni;
26
u-Eziri indodana kaKelubi wayephethe abenza umsebenzi wasendle wokulima umhlabathi;
27
uShimeyi waseRama wayephethe izivini; uZabidi waseShefamu wayephethe iwayini elibekelelweyo lithathwe ezivinini;
28
uBali Hanani umGederi wayephethe iminqumo nemikhiwane eyayisehlanzeni; uJowashi wayephethe imigodi yamafutha;
29
imihlambi eyayiklaba eSharoni yayiphethwe nguShitirayi umSharoni , nemihlambi eyayisezigodini yayiphethwe nguShafati indodana ka-Adilayi;
30
u-Obili wakwa-Ishmayeli wayephethe amakamela ; uJehedeya umMeronoti wayephethe izimbongolo;
31
uJazizi umHagiri wayephethe izimvu . Bonke labo babe yizinduna zemfuyo yenkosi uDavide.
32
UJonathani, uyisekazi kaDavide , wayengumluleki, wayengumuntu ohlakaniphileyo nombhali; uJehiyeli indodana kaHakimoni wayenamadodana enkosi;
33
u-Ahithofeli wayengumluleki wenkosi ; uHushayi umArki wayengumngane wenkosi;
34
emva kuka -Ahithofeli kwakunguJehoyada indodana kaBenaya no - Abiyathara; uJowabe wayeyinduna yempi yenkosi.