U-Ezra Chapter 2
1
Nampa abantwana bezwe abakhuphuka ekuthunjweni kwababethunjiw e bayiswa eBabele nguNebukadinesari , inkosi yaseBabele , babuyela eJerusalema nakwaJuda, kwaba yilowo nalowo emzini wakubo,
2
bafika noZerubabele , noJeshuwa, noNehemiya, noSeraya, noRehelaya, noMoridekayi, noBilishani, noMisipari, noBigivayi, noRehumi, noBahana. Umumo wamadoda abantu bakwa-Israyeli nanku:
3
abantwana bakwaPharoshi : yizinkulungwane ezimbili nekhulu namashumi ayisikhombisa nambili;
4
abantwana bakwaShefathiya : ngamakhulu amathathu namashumi ayisikhombisa nambili;
5
abantwana bakwa -Ara: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi ayisikhombisa nanhlanu;
6
abantwana bakwaPhakati Mowabi babantwana bakwaJeshuwa noJowabe : yizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisishiyagalombili neshumi nambili;
7
abantwana bakwa -Elamu: yinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisihlanu nane;
8
abantwana bakwaZathu: ngamakhulu ayisihiyagalolunye namashumi amane nanhlanu;
9
abantwana bakwaZakayi : ngamakhulu ayisikhombisa namashumi ayisithupha;
10
abantwana bakwaBani : ngamakhulu ayisithupha namashumi amane nambili;
11
abantwana bakwaBebay i: ngamakhulu ayisithupha namashumi amabili nantathu;
12
abantwana bakwa-Azigadi: yinkulungwane namakhulu amabili namashumi amabili nambili;
13
abantwana bakwa -Adonikamu ngamakhulu ayisithupha namashumi ayisithupha nesithupha;
14
abantwana bakwaBigivayi : yizinkulungwane ezimbili namashumi ayisihlanu nesithupha;
15
abantwana bakwa-Adini: ngamakhulu amane namashumi ayisihlanu nane;
16
abantwana bakwa -Atheri kaHezekiya : ngamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalombili;
17
abantwana bakwaBesayi : ngamakhulu amathathu namashumi amabili nantathu;
18
abantwana bakwaJora: yikhulu neshumi nambili;
19
abantwana bakwaHashumi : ngamakhulu amabili namashumi amabili nantathu;
20
abantwana bakwaGibari: ngamashumi ayisishiyagalolunye nanhlanu;
21
abantwana baseBetlehema: yikhulu namashumi amabili nantathu;
22
amadoda aseNethofa; ngamashumi ayisihlanu nesithupha;
23
amadoda ase-Anathoti: yikhulu namashumi amabili nesishiyagalombili;
24
abantwana base-Azimaveti: ngamashumi amane nambili;
25
abantwana baseKiriyati Arimi , naseKhefira, naseBeyeroti: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi amane nantathu;
26
abantwana baseRama naseGeba : ngamakhulu ayisithupha namashumi amabili nanye;
27
amadoda aseMikimasi: yikhulu namashumi amabili nambili;
28
amadoda aseBethele nase -Ayi: ngamakhulu amabili namashumi am abili nantathu;
29
abantwana baseNebo: ngamashumi ayisihlanu nambili;
30
abantwana baseMagibishi: yikhulu namashumi ayisihlanu nesithupha;
31
abantwana bakwa -Elamu omunye : yinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisihlanu nane;
32
abantwana bakwaHarimi: ngamakhulu amathathu namashumi amabili;
33
abantwana baseLodi naseHadidi nase -Ono: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi amabili nanhlanu;
34
abantwana baseJeriko : ngamakhulu amathathu namashumi amane nanhlanu;
35
abantwana baseSenawa; yizinkulungwane ezintathu namakhulu ayisithupha namashumi amathathu.
36
Abapristi: abantwana bakwaJedaya bendlu kaJeshuwa : ngamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi ayisikhombisa nantathu;
37
abantwana bakwa-Imeri: yinkulungwane namashumi ayisihlanu nambili;
38
abantwana bakwaPhashuri: yinkulungwane namakhulu amabili namashumi amane nesikhombisa;
39
abantwana bakwaHarimi: yinkulungwane neshumi nesikhombisa.
40
AmaLevi: abantwana bakwaJeshuwa noKadimiyeli babantwana bakwaHodaviya: ngamashumi ayisikhombisa nane;
41
Abahlabeleli: abantwana bakwa Asafa: yikhulu namashumi amabili nesishiyagalombili;
42
abantwana babalindisango: abantwana bakwaShalumi, nabantwana bakwa- Atheri, nabantwana bakwaThalimoni, nabantwana bakwa-Akubi, nabantwana bakwaHathita, nabantwana bakwaShobayi , bonke beyikhulu namashum i amathathu nesishiyagalolunye.
43
AmaNethini: ngabantwana bakwaSiha , nabantwana bakwaHasufa , nabantwana bakwaThabawoti,
44
nabantwana bakwaKerosi , nabantwana bakwaSiyaha , nabantwana bakwaPhadoni,
45
nabantwana bakwaLebana, nabantwana bakwaHagaba, nabantwana bakwa- Akubi,
46
nabantwana bakwaHagabi , nabantwana bakwaShamulayi , nabantwana bakwaHanani,
47
nabantwana bakwaGideli, nabantwana bakwaGahari , nabantwana bakwaRewaya,
48
nabantwana bakwaResini , nabantwana bakwaNekhoda , nabantwana bakwaGazamu,
49
nabantwana bakw a-Uza, nabantwana bakwaPhaseya , nabantwana bakwaBesayi,
50
nabantwana bakwa -Asina, nabantwana bakwaMehuni, nabantwana bakwaNefisimi,
51
nabantwana bakwaBakibuki , nabantwana bakwaHakufa , nabantwana bakwaHarihuri,
52
nabantwana bakwaBasiluthi , nabantwana bakwaM ehida, nabantwana bakwaHarisha,
53
nabantwana bakwaBarikhosi , nabantwana bakwaSisera, nabantwana bakwaThema,
54
nabantwana bakwaNesiya, nabantwana bakwaHathifa.
55
Abantwana bezinceku zikaSolomoni : ngabantwana bakwaSothayi , nabantwana bakwaHasofereti, nabantwana bakwaPheruda,
56
nabantwana bakwaJahala , nabantwana bakwaDarikoni, nabantwana bakwaGideli,
57
nabantwana bakwaShefathiya , nabantwana bakwaHathili , nabantwana bakwaPhokereti Hasebayimi, nabantwana bakwa-Ami.
58
Onke amaNethini nabantwana bezinceku zikaSolo moni babe ngamakhulu amathathu namashumi ayisishiyagalolunye nambili.
59
Nampa abakhuphuka eTheli Mela , naseTheli Harisha , naseKherubi, nase- Adani, nase-Imeri, kepha babengenakusho izindlu zawoyise nozalo lwabo ukuba babengabakwa-Israyeli yini:
60
ngabantwana bakwaDelaya , nabantwana bakwaThobiya, nabantwana bakwaNekhoda, bengamakhulu ayisithupha namashumi ayisihlanu nambili.
61
Abantwana babapristi : ngabantwana bakwaHabaya , nabantwana bakwaHakhosi, nabantwana bakwaBarizilayi , owathatha umfazi emadodakazini kaBarizilayi wakwaGileyadi, wabizwa ngegama lawo.
62
Labo bafuna ukubhalwa kwabo phakathi kwababhaliweyo ngezizukulwane , kepha kabafunyanwanga ; ngalokho bakhishwa ebupristini , kwathiwa bangcolile.
63
Umbusi washo kubo ukuba bangadli okungcwelengcwele , kuze ku vele umpristi one-Urimi neThumini.
64
Lonke ibandla selihlangene laliyizinkulungwane ezingamashumi amane nambili namakhulu amathathu namashumi ayisithupha,
65
ngaphandle kwezinceku zabo nezincekukazi zabo ezaziyizinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu amathathu namashumi amathathu nesikhombisa; babe nabahlabeleli besilisa nabesifazane abangamakhulu amabili.
66
Amahhashi abo ayengamakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu nesithupha; iminyuzi yabo yayingamakhulu amabili namashumi amane nanhlanu;
67
amakamela abo ayengamakhulu amane namashumi amathathu nanhlanu ; izimbongolo zaziyizinkulungwane eziyisithupha namakhulu ayisikhombisa namashumi amabili.
68
Ezinye izinhloko zawoyise ekufikeni kwazo endlini kaJehova eseJerusalema zanikelela ngenhliziyo indlu kaNkulunkulu ukuba imiswe endaweni yayo;
69
zanikelela isikhwama somsebenzi njengokwamandla azo amadarike ayizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nanye egolide , namamane ayizinkulungwane eziyisihlanu esiliva, nezambatho zabapristi eziyikhulu.
70
Base behlala abapristi, namaLevi, nabanye abantu abathile , nabahlabeleli, nabalindisango, namaNethini emizini yabo , bonke abakwa -Israyeli emizini yabo.