U-Ezra Chapter 3
1
Lapho isisondela inyanga yesikhombisa , abantwana bakwa -Israyeli besemizini, abantu babuthana eJerusalema njengomuntu munye.
2
Kwase kusuka uJeshuwa indodana kaJosadaki , nabafowabo abapristi , noZerubabele indodana kaSheyalitiyeli , nabafowabo, bakha i -altare likaNkulunkulu ka -Israyeli ukuba banikele ngeminikelo yokushiswa phezu kwalo njengokulotshiweyo emthethweni kaMose umuntu kaNkulunkulu.
3
Balimisa i -altare endaweni yalo , ngokuba babe novalo ngenxa yabantu balawo mazwe , banikela ngeminikelo yokushiswa kuJehova phezu kwalo , yebo, iminikelo yokushiswa ekuseni nakusihlwa.
4
Bagcina umkhosi wamadokodo njengokulotshiweyo , banikela ngeminikelo yokushiswa imihla ngemihla ngomumo njengokomthetho nanjengokwesiyalezo sezinsuku ngezinsuku,
5
nangasemuva umnikelo oshiswa imihla yonke, neyokwethwasa kwenyanga, neyemikhosi yonke emisiweyo kaJehova eyayingcwelisiwe , neyabo bonke abanikela ngenhliziyo ngeminikelo yesihle kuJehova.
6
Ngosuku lokuqala lwenyanga yesikhombisa baqala ukunikela ngeminikelo yokushiswa kuJehova; kepha isisekelo sethempeli sasingakabekwa.
7
Banika nababazi bamatshe imali kanye nababazi bemithi; banika amaSidoni nabaseTire ukudla nokuphuza namafutha ukuba balande imisedari eLebanoni, bayiyise elwandle eJopha ngemvume kaKoresi inkosi yasePheresiya kubo.
8
Ngomnyaka wesibili wokufika kwabo endli ni kaNkulunkulu eJerusalema ngenyanga yesibili uZerubabele , indodana kaSheyalitiyeli , noJeshuwa indodana kaJosadaki, nensali yabafowabo abapristi , namaLevi, nabo bonke abafike eJerusalema bevela ekuthunjweni baqala ukumisa amaLevi, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu ukuba babonise umsebenzi wendlu kaJehova.
9
Base bema uJeshuwa namadodana akhe nabafowabo , noKadimiyeli namadodana akhe , amadodana akwaJuda , njengomuntu munye ukuba babonise izisebenzi endlini kaJehova , kanye namadodana kaH enadadi namadodana awo nabafowabo amaLevi.
10
Lapho abakhi sebebeka isisekelo sethempeli likaJehova , bamisa abapristi begqokile benamacilongo kanye namaLevi , amadodana ka -Asafa, enamasimbali ukuba badumise uJehova njengehlelo likaDavide inkosi yakwa- Israyeli.
11
Baphendulana ngokumdumisa nangokumbonga uJehova , bathi: Ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade phezu kuka -Israyeli. Bonke abantu bakhamuluka ngokukhamuluka okukhulu ekumdumiseni kwabo uJehova, ngokuba isisekelo sendlu kaJehova sase sibekiwe.
12
Abaningi babapristi namaLevi , nezinhloko zawoyise , abadala ababeyibonile indlu yokuqala , bakhala ngezwi elikhulu ekubekweni kwesisekelo saleyo ndlu pham bi kwamehlo abo ; abaningi bakhamuluka ngentokozo,
13
ngangokuba abantu babengenakwahlukanisa izwi lok ukhamuluka kwentokozo nezwi lokukhala kwabantu , ngokuba abantu bakhamuluka ngokukhamuluka okukhulu, umsindo wezwakala kude.