Skip to Content

1 iziKronike Chapter 23

1 UDavide wayesemdala , esanelisiwe yizinsuku ; wambeka uSolomoni indodana yakhe abe yinkosi kwa-Israyeli. 2 Wabutha zonke izikhulu zakwa-Israyeli kanye nabapristi namaLevi. 3 AmaLevi abalwa kusukela kwaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu; umumo wawo ngezinhloko zawo , indoda ngendoda , wawuyizinkulungwane ezingamashumi amathathu nesishiyagalombili. 4 Ayizinkulungwane ezingamashum i amabili nane kuwona ayengawokwengamela umsebenzi wendlu kaJehova ; izinkulungwane eziyisithupha zaziyizinduna nabahluleli; 5 izinkulungwane ezine zazingabalindisango; izinkulungwane ezine ziyakudumisa uJehova ngezinto zokubethwa engazenzayo , washo uDavide , ukuba zidumise ngazo. 6 UDavide wabahlukanisa ngezigaba njengamadodana kaLevi : oGereshoni, noKohati, noMerari. 7 KumaGereshoni: ngoLadani noShimeyi. 8 Amadodana kaLadani : nguJehiyeli inhloko , noZethamu, noJoweli, bebathathu. 9 Amadodana kaShimeyi : ngoShelomoti, noHaziyeli, noHarana, bebathathu. Labo babe yizinhloko zawoyise bakaLadani. 10 Amadodana kaShimeyi : ngoJahati, noZina, noJewushe, noBeriya. Labo bobane babe ngamadodana kaShimeyi. 11 UJahati wayeyinhloko , noZiza ngowesibili ; kepha oJewushe noBeriya babengenamadodana amaningi; ngalokho baba yindlu inye kayise , bebalwa kanyekanye. 12 Amadodana kaKohati : ngo-Amramu, noJisihari, noHebroni, no-Uziyeli, bebane. 13 Amadodana ka-Amramu: ngo-Aroni noMose; u-Aroni wahlukaniswa ukuba angcwelise izinto ezingcweleng cwele, yena namadodana akhe , kuze kube phakade, ukushisa impepho phambi kukaJehova , nokumkhonza, nokubusisa egameni lakhe kuze kube phakade. 14 Kepha uMose , lowo muntu kaNkulunkulu , amadodana akhe abizwa ngesizwe sakwaLevi. 15 Amadodana kaMose: ngoGereshomu no-Eliyezeri. 16 Amadodana kaGereshomu: nguShebuweli owayeyinhloko. 17 Amadodana ka-Eliyezeri: nguRehabiya inhloko . U-Eliyezeri wayengenawo amanye amadodana; kepha amadodana kaRehabiya ayemaningi kakhulu. 18 Amadodana kaJisihari: nguShelomiti inhloko. 19 Amadodana kaHebroni : nguJeriya inhloko , no-Amariya owesibili , noJahaziyeli owesithathu, noJekameyamu owesine. 20 Amadodana ka-Uziyeli: nguMika inhloko noJishiya owesibili. 21 Amadodana kaMerari : ngoMaheli noMushi . Amadodana kaMaheli : ngo- Eleyazare noKishi. 22 U-Eleyazare wafa engenamadodana , enamadodakazi odwa ; abafowabo, amadodana kaKishi, bawathatha. 23 Amadodana kaMushi: ngoMaheli, no-Edere, noJeremoti, bebathathu. 24 Yilabo ababe ngamadodana kaLevi ngezindlu zawoyise, izinhloko zawoyise, bebalwa ngomumo wamaga ma ngezinhloko zabo , abawenza umsebenzi wenkonzo yendlu kaJehova , kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu. 25 Ngokuba uDavide wathi : UJehova uNkulunkulu ka -Israyeli unike abantu bakhe ukuphumula; uhlezi eJerusalema kuze kube phakade; 26 namaLevi awasayikuthwala itabernakele nazo zonke izinto zalo zenkonzo yalo. 27 Ngokuba amadodana kaLevi abalwa ngamazwi okugcina kaDavide , kusukela kwaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu. 28 Ngokuba indawo yawo yayingasesandleni samadodana ka-Aroni ukukhonza endlini kaJehova, nasemagcekeni, nasemakamelweni, nokuhlambulula zonke izinto ezingcwele, nomsebenzi wenkonzo endlini kaNkulunkulu, 29 eyezinkwa zokubukwa , neyempuphu ecolekileyo yomnikelo wempuphu , neyemiqathane engenamvubelo , neyokuphekwe ekhanzini , neyexutshanisiweyo, neyazo zonke izilinganiso nobukhulu; 30 nokuma njalo ekuseni ukubonga nokudumisa uJehova, kanjalo nakusihlwa; 31 nokunikela njalo ngayo yonke iminikelo yokushiswa kuJehova ngamasabatha, nangokwethwasa kwenyanga , nanemikhosi emisiweyo ngomumo onjengomthetho wabo, phambi kukaJehova; 32 bayakugcina imfanelo yetende lokuhlangana , nemfanelo yendawo engcwele, nemfanelo yamadodana ka -Aroni abafowabo ekukhonzeni endlini kaJehova.