U-Ezra Chapter 8
1
Nazi izinhloko zawoyise , nazi izizukulwane zabakhuphuka nami eBabele ekubuseni kuka-Aritahishashita inkosi:
2
Kumadodana kaFinehasi : nguGereshomu; kumadodana ka -Itamari: nguDaniyeli; kumadodana kaDavide: nguHathushi.
3
Kumadodana kaShekaniya , kumadodana kaPharoshi : nguZakariya; kanye naye kwabhalwa ngezizukulwane abesilisa abayikhulu namashumi ayisihlanu.
4
Kumadodana kaPhahati Mowabi: ngu-Eliyohenayi indodana kaZeraya; kanye naye ngabesilisa abangamakhulu amabili.
5
Kumadodana kaShekaniya: yindodana kaJahaziyeli; kanye nayo ngabesilisa abangamakhulu amathathu.
6
Kumadodana ka -Adini: ngu-Ebedi indodana kaJonathani ; kanye naye ngabesilisa abangamashumi ayisihlanu.
7
Kumadodana ka-Elamu: nguJeshaya indodana ka -Athaliya; kanye naye ngabesilisa abangamashumi ayisikhombisa.
8
Kumadodana kaShefathiya: nguZebadiya indodana kaMikayeli ; kanye naye ngabesilisa abangamashumi ayisishiyagalombili.
9
Kumadodana kaJowabe : ngu-Obadiya indodana kaJehiyeli ; kanye naye ngabesilisa abangamakhulu amabili neshumi nesishiyagalombili.
10
Kumadodana kaShelomiti : yindodana kaJosifiya ; kanye nayo ngabesilisa abayikhulu namashumi ayisithupha.
11
Kumadodana kaBebayi : nguZakariya indodana kaBebayi; kanye naye ngabesilisa abangamashumi amabili nesishiyagalombili.
12
Kumadodana ka-Azigadi: nguJohanani indodana kaHakathani ; kanye naye ngabesilisa abayikhulu neshumi.
13
Kumadodana ka -Adonikamu, awokugcina: nanka amagama awo : ngo- Elifeleti, noJehiyeli, noShemaya, nabesilisa abangamashumi ayisithupha kanye nabo.
14
Kumadodana kaBigivayi : ngo-Uthayi noZabudi ; kanye nabo ngabesilisa abanamashumi ayisikhombisa.
15
Ngababutha emfuleni oya e -Ahava; samisa khona izinsuku ezintathu; ngabheka abantu nabapristi , angifumananga khona noyedwa wamadodana kaLevi.
16
Ngase ngithuma ngibiza o -Eliyezeri, no-Ariyeli, noShemaya, no-Elinathani, noJaribi, no-Elinathani, noNathani, noZakariya, noMeshulamu abayizinhloko, kanye noJoyaribi no-Elinathani abafundisayo.
17
Ngabathuma k u-Ido, inhloko yasendaweni yaseKhasifiya , ngabeka emlonyeni wabo amazwi abayakuwakhuluma ku -Ido nakubafowabo amaNethini endaweni yaseKhasifiya ukuba basilethele izinceku zendlu kaNkulunkulu wethu.
18
Ngesandla esihle sikaNkulunkulu wethu esasiphezu kwethu b asilethela umuntu onengqondo wamadodana kaMaheli indodana kaLevi ka -Israyeli, kanye noSherebiya namadodana akhe nabafowabo , beyishumi nesishiyagalombili,
19
noHashabiya enoJeshaya wamadodana kaMerari, nabafowabo namadodana abo, bengamashumi amabili,
20
nakuwo amaNethini uDavide nezikhulu ababewanikele enkonzweni yamaLevi amaNethini angamakhulu amabili namashumi amabili , abizwa onke ngamagama.
21
Ngase ngimemezela khona ukuzila ukudla ngasemfuleni i -Ahava ukuba sizithobe phambi kukaNkulunkulu , sizifunele kuye i ndlela emhlophe , thina nabantwana bethu, nemfuyo yethu yonke.
22
Ngokuba nganginamahloni ukucela enkosini impi nabamahhashi ukuba basisize ezitheni zasendleleni, ngokuba sasikhulumile enkosini, sathi: Isandla sikaNkulunkulu wethu siphezu kwabo bonke abamfun ayo ukuba kube kuhle , kepha amandla akhe nentukuthelo yakhe kuphezu kwabo bonke abamshiyayo.
23
Sase sizila-ke, sanxusa uNkulunkulu wethu ngalokho, wasizwa.
24
Ngase ngahlukanisa ezikhulwini zabapristi abayishumi nambili: oSherebiya, noHashabiya, nabafowabo abayishumi kanye nabo,
25
ngabalinganisela isiliva negolide nezitsha , umnikelo wendlu kaNkulunkulu wethu, okwakunikelwe ngawo yinkosi nabeluleki bayo, nezikhulu zayo, naye wonke u-Israyeli owayelapho;
26
ngalinganisela ezandleni zabo amatalenta angamakhulu a yisithupha namashumi ayisihlanu esiliva , namatalenta ayikhulu ayizitsha zesiliva , namatalenta ayikhulu egolide,
27
nezindebe ezingamashumi amabili zegolide ezingamadarike ayinkulungwane, nezitsha ezimbili zethusi elikhazimulayo nelihle , eliyigugu njengegolide.
28
Ngathi kubo : Ningcwele kuJehova , nezitsha zingcwele ; isiliva negolide kungumnikelo wesihle kuJehova uNkulunkulu wawoyihlo.
29
Lindani, nikugcine, nize nikulinganise ngaphambi kwezikhulu zabapristi nezamaLevi nezikhulu zawoyise bakwa -Israyeli eJerusal ema emakamelweni endlu kaJehova.
30
Base bamukela abapristi namaLevi okulinganisiweyo , isiliva negolide nezitsha, ukuba bakuyise eJerusalema endlini kaNkulunkulu wethu.
31
Sase sisuka emfuleni i -Ahava ngolweshumi nambili lwenyanga yokuqala ukuba siye eJerusa lema; isandla sikaNkulunkulu wethu sasiphezu kwethu , wasophula esandleni sesitha nakumqamekeli endleleni.
32
Safika eJerusalema, sahlala khona izinsuku ezintathu.
33
Ngosuku lwesine kwalinganiswa isiliva negolide nezitsha endlini kaNkulunkulu wethu , kwanikezwa esandleni sikaMeremoti , indodana ka - Uriya, umpristi; u-Eleyazare indodana kaFinehasi wayenaye ; uJozabadi indodana kaJeshuwa noNohadiya, indodana kaBinuwi, amaLevi, babe nabo,
34
konke-ke kwenziwa ngomumo nangesisindo ; sonke isisindo salotshwa ngaleso sikhathi.
35
Abathunjwa abaphuma ekuthunjweni banikela ngeminikelo yokushiswa kuNkulunkulu ka -Israyeli eyizinkunzi eziyishumi nambili ngaye wonke u - Israyeli, nezinqama ezingamashumi ayisihiyagalolunye nesithupha , namawundlu angamashumi ayisikhombisa nesikhomb isa, nezimpongo eziyishumi nambili zibe ngumnikelo wokona ; konke kwakungumnikelo wokushiswa kuJehova.
36
Banika imithetho yenkosi kothulasizwe benkosi nakubabusi phesheya koMfula; basekela abantu nendlu kaNkulunkulu.