Skip to Content

UNehemiya Chapter 8

1 Bonke abantu babuthana njengomuntu munye esigcawini esasiphambi kweSango Lamanzi ; bakhuluma ku -Ezra, umbhali, ukuba alethe incwadi yomthetho kaMose, uJehova ayeyale ngawo u-Israyeli. 2 U-Ezra, umpristi, wawuletha umthetho phambi kwebandla , abesilisa nabesifazane nabo bonke ababe nengqondo yokuzwa, ngosuku lokuqala lwenyanga yesikhombisa. 3 Wafunda kuwo phambi kwesigcawu esasiphambi kweSango Lamanzi , kusukela ekuseni kuze kube semini, phambi kwabesilisa nabesifazane nababe nengqondo yokuzwa; izindlebe zabantu bonke zalalela incwadi yomthetho. 4 U-Ezra umbhali wayemi ebhesitulu lamapulangwe ababelenzele lo mgomo ; eceleni kwakhe kwakumi oMatithiya , noShema, no-Anaya, no-Uriya, noHilikiya, noMahaseya ngakwesokunene sakhe , nangakwesokhohlo sakhe ngoPhedaya, noMishayeli, noMalikhiya, noHashumi, noHashibadana, noZakariya, noMeshulamu. 5 U-Ezra wayivula incwadi emehlweni abantu bonke , ngokuba wayengaphezulu kwabantu bonke, nalapho eyivula, bonke abantu basukuma. 6 U-Ezra wambonga uJehova uNkulunkulu omkhulu . Bonke abantu baphendula bathi : Amen, Amen, bephakamisa izandla zabo ; bakhothama, bakhuleka kuJehova, ubuso babo bubheke phansi. 7 NoJeshuwa, noBani, noSherebiya, noJamini, no-Akubi, noShabethayi, noHodiya, noMahaseya, noKelitha, no-Azariya, noJozabadi, noHanani, noPhelaya, namaLevi bafundisa abantu umthetho , abantu besezindaweni zabo. 8 Bafunda encwadini , emthethweni kaNkulunkulu , bephumisela kahle ; bachaza, babaqondisa okufundwayo. 9 UNehemiya owayengumbusi , no-Ezra umpristi nombhali , namaLevi ayebafundisa abantu , bathi kubantu bonke : Lolu suku lungcwele kuJehova uNkulunkulu wenu ; ningalili, ningakhali. Ngokuba bonke abantu bakhala , lapho bezwa amazwi omthetho. 10 Wayesethi kubo : Hambani nidle okunonileyo , niphuze okumnandi , nithumele izabelo kwabangalungiselwanga lutho , ngokuba lolu suku lungcwele kuJehova ; ningadabuki, ngokuba injabulo kaJehova iyinqaba yenu. 11 AmaLevi ayesethulisa abantu bonke , ethi: Thulani, ngokuba lolu suku lungcwele; ningadabuki. 12 Abantu bonke bahamba ukuba badle, baphuze, bathumele izabelo, bajabule kakhulu, ngokuba babeqondile amazwi ababewazisiwe. Umkhosi wamadokodo 13 Ngosuku lwesibili kwabuthana izinhloko zawoyise babantu bonke , nabapristi, namaLevi ku-Ezra umbhali ukuba baqaphele amazwi omthetho. 14 Bafumanisa kulotshiwe emthethweni ukuthi uJehova wayeyalile ngesandla sikaMose ukuba abantwana bakwa -Israyeli bahlale emadokodweni ngomkhosi wenyanga yesikhombisa, 15 bezwakalise, bathumele izwi emizini yabo yonke naseJerusalema lokuthi : Phumani, niye entabeni, nilande amagatsha omnqumo , namagatsha omnqumo wasendle , namagatsha ombomvana , namagatsha esundu , namagatsha emithi edumbileyo, nenze amadokodo njengokulotshiweyo. 16 Base bephuma abantu, balanda lokho, bazenzela amadokodo, kwaba yilowo nalowo opha hleni lwendlu , nasemagcekeni abo , nasemagcekeni endlu kaNkulunkulu, nasesigcawini seSango Lamanzi, nasesigcawini seSango lakwa- Efrayimi. 17 Ibandla lonke lababuyileyo ekuthunjweni lenza amadokod o, lahlala emadokodweni, ngokuba kusukela ezinsukwini zikaJeshuwa , indodana kaNuni, kuze kube yilolo suku abantwana bakwa -Israyeli babengenzanga kanjalo. Kwakukhona ukuthokoza okukhulu kakhulu. 18 Wafunda encwadini yomthetho kaNkulunkulu imihla ngemihla kus ukela osukwini lokuqala kuze kube lusuku l okugcina. Bagubha umkhosi izinsuku eziyisikhombisa; ngosuku lwesishiyagalombili kwakungumhlangano ozothileyo njengomthetho.