UNehemiya Chapter 11
1
Izinduna zabantu zahlala eJerusalema ; abantu abaseleyo benza inkatho ukuyisa omunye kwabayishumi njalo ukuba ahlale eJ erusalema, umuzi ongcwele, nabayisishiyagalolunye kweminye imizi.
2
Abantu babusisa bonke abantu ababezinikela ngenhliziyo ukuhlala eJerusalema.
3
Nazi izinhloko zezwe ezazihlala eJerusalema ; kepha emizini yakwaJuda bahlala emizini yabo , kwaba yilowo nalowo efeni lakhe : abakwa-Israyeli, nabapristi, namaLevi, namaNethini, nabantwana bezinceku zikaSolomoni.
4
EJerusalema kwahlala abantwana abathile bakwaJuda nabakwaBenjamini . Kubantwana bakwaJuda : ngu-Athaya ka -Uziya, kaZakariya, ka-Amariya, kaShefathiya, kaMahalalele wabantwana bakwaPheresi,
5
noMahaseya kaBaruki , kaKholi Hoze , kaHazaya, ka-Adaya, kaJoyaribi, kaZakariya, indodana yomShiloni.
6
Onke amadodana kaPheresi ahlala eJerusalema ayengamadoda anamandla angamakhulu amane namashumi ayisithupha nesishiyagalombili.
7
Nampa abantwana bakwaBenjamini : uSalu kaMeshulamu , kaJohedi, kaPhedaya, kaKholaya, kaMahaseya, ka-Ithiyeli, kaJeshaya.
8
Emva kwakhe ngoGabayi noSalayi , bengamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi amabili nesishiyagalombili.
9
UJoweli, indodana kaZikir i, wayengumbonisi; uJuda, indodana kaHasenuwa, wayengowesibili emzini.
10
Kubapristi: nguJedaya, indodana kaJoyaribi, noJakini,
11
noSeraya kaHilikiya , kaMeshulamu, kaSadoki, kaMerayoti, ka-Ahithubi, umphathi wendlu kaNkulunkulu;
12
nabafowabo ababewenza ums ebenzi abangamakhulu ayisishiyagalombili namashumi amabili nambili , no-Adaya kaJerohamu , kaPhelaliya, ka-Amisi, kaZakariya, kaPhashuri, kaMalikhiya;
13
nabafowabo, izinhloko zawoyise, bengamakhulu amabili namashumi amane nambili, no-Amashisayi ka-Azareli, ka-Ahizayi, kaMeshilemoti, ka-Imeri;
14
nabafowabo, amaqhawe anamandla , beyikhulu namashumi amabili nesishiyagalombili; umbonisi wabo wayenguZabidiyeli , indodana kaHagedolimi.
15
KumaLevi: nguShemaya kaHashubi, ka-Azirikamu, kaHashabiya, kaBuni,
16
noShabethayi noJozabadi bezinhloko zamaLevi ababephethe umsebenzi wangaphandle wendlu kaNkulunkulu,
17
noMathaniya, kaMika, kaZabidi, ka-Asafa, induna yomkhuleko wokubonga, noBakibukiya, owesibili phakathi kwabafowabo , no-Abida kaShamuwa kaGalali kaJeduthuni.
18
Onke amaLevi emzini ongcwele ayengamakhulu amabili namashumi ayisishiyagalombili nane.
19
Abalindisango o -Akubi noThalimoni nabafowabo ababelinda ngasemasangweni babe yikhulu namashumi ayisikhombisa nambili.
20
Abakwa-Israyeli abaseleyo , abapristi namaLevi , babe semizini yonke yakwaJuda, kwaba yilowo nalowo efeni lakhe.
21
AmaNethini ahlala e-Ofeli; oSiha noGishipha babe phezu kwamaNethini.
22
Umbonisi wamaLevi eJerusalema kwakungu -Uzi kaBani , kaHashabiya, kaMathaniya, kaMika wamadodana ka -Asafa, abahlabeleli, engumphathi womsebenzi wendlu kaNkulunkulu.
23
Ngokuba kwakukhona umyalo wenkosi ngabo , nomthetho wabahlabeleli njengokufunekayo imihla ngemihla.
24
UPhethahiya, indodana kaMeshezabeli, wabantwana bakwaZera, indodana kaJuda, wayengasesandleni senkosi ezindabeni zonke zabantu.
25
Emizaneni inamasimu ayo kwahlala abanye abantwana bakwaJuda : eKiriyati Araba nasemizaneni yalo , naseDiboni nasemizaneni yalo , naseJekabiseyeli nasemizaneni yalo,
26
naseJeshuwa, naseMolada, naseBeti Pheleti,
27
naseHasari Shuwali, naseBeri Sheba nasemizaneni yalo,
28
naseSikilagi, naseMekhona nasemizaneni yalo,
29
nase-Eni Rimoni, naseSora, naseJarimuthi,
30
naseZanowa, nase-Adulamu nasemizaneni yawo , naseLakishi inamasimu alo, nase-Azeka nasemizaneni yalo. Bamisa kusukela eBeri Sheba ukuze kube sesigodini sikaHinomu.
31
Abantwana bakwaBenjamini bahlala kusukela eGeba kuze kube seMikimasi, nase-Aja, naseBethele nasemizaneni yalo,
32
nase-Anathoti, naseNobi, nase-Ananiya,
33
naseHasori, naseRama, naseGitayimi,
34
naseHadidi, naseSeboyimi, naseNebalati,
35
naseLodi, nase-Ono, isiGodi Sababazi.
36
KumaLevi izigaba zakwaJuda zahlanganiswa noBenjamini.