Skip to Content

2 iziKronike Chapter 5

1 Wawusuphela-ke wonke umsebenzi uSolomoni awenzela indlu kaJehova . USolomoni wangenisa izinto ezazingcweliswe nguDavide uyise , kanye nesiliva negolide , nazo zonke izitsha , wakubeka engcebeni yendlu kaNkulunkulu. 2 Khona uSolomoni wabutha amalunga akwa -Israyeli, nazo zonke izinhloko zezizwe, izikhulu zawoyise babantwana bakwa -Israyeli eJerusalema ukuba bakhuphule umphongolo wesivumelwano sikaJehova emzini kaDavide oyiSiyoni. 3 Onke amadoda akwa -Israyeli abuthana enkosini emkhosini wasenyangeni yesikhombisa. 4 Esefikile onke amalunga akwa-Israyeli, amaLevi aphakamisa umphongolo. 5 Akhuphula umphongolo , netende lokuhlangana , nazo zonke izinto ezingcwele ezazisetendeni, kwakhushulwa ngabapristi namaLevi. 6 Inkosi uSolomoni nayo yonke inhlangano yakwa-Israyeli eyayihlangene kuyo babe phambi komphongolo behlaba izimvu nezinkabi ezingenakulotshwa , zingenakubalwa ngobuningi bazo. 7 Abapristi ba wungenisa umphongolo wesivumelwano sikaJehova endaweni yawo egumbini lendlu , indawo engcwelengcwele , phansi kwamaphiko amakherubi. 8 Ngokuba amakherubi awelula amaphiko awo phezu kwendawo yomphongolo, amakherubi asibekela umphongolo nezinti zawo ngaphezulu. 9 Izinti zazizinde kangako ukuba izihloko zezinti zibonakale zeqe emphongolweni phambi kwegumbi ; kepha zazingabonakali ngapha ndle; usekhona lapho kuze kube namuhla. 10 Kwakungekho lutho emphongolweni, kuphela izibhebhe ezimbili zamatshe ezabekwa khona nguMose eHorebe , lapho uJehova enza isivumelwano nabantwana bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibithe. 11 Kwathi lapho abapristi seb ephumile endaweni engcwele ngokuba bonke abapristi ababe khona babezingcwelisile bengazigcinanga izigaba zabo, 12 kusemi ngasempumalanga kwe -altare amaLevi, abahlabeleli bonke, kanye no-Asafa, noHemani, noJeduthuni, namadodana abo, nabafowabo, bembethe ilineni elicolekileyo , bephethe amasimbali , nezingubhu, namahabhu, kukhona kanye nabo abapristi abayikhulu namash umi amabili bekhalisa amacilongo 13 nalapho abaphethe amacilongo nabahlabeleli bezwakalisa kanyekanye izwi linye lokudumisa nokubonga uJehova , nanxa bekhalisa amacilongo namasimbali nezinto zokubethwa , bedumisa uJehova ngokuba muhle nangokuba umusa wakhe umi phakade, khona indlu yagcwaliswa yifu , yona le ndlu kaJehova, 14 baze bangema abapristi ukukhonza ngenxa yefu ; ngokuba inkazimulo kaJehova yagcwalisa indlu kaNkulunkulu.