Skip to Content

"ubufakazi"

53 occurrences in ZUL

Uyakufaka emphongolweni ubufakazi engikunika bona.

Uyakusibeka isihlalo somusa phezu komphongolo , ufake e mphongolweni ubufakazi engiyakukunika bona.

Wathabatha, wabufaka ubufakazi emphongolweni , wafaka izinti emphongolweni, wabeka isihlalo somusa phezu komphongolo.

yibo ubufakazi , nezimiso, nezahlulelo uMose akukhulumayo kubantwana bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibithe,

Lapho indodana yakho ikubuza ngesikhathi esizayo, ithi: Buyini ubufakazi, nezimiso, nezahlulelo uJehova uNkulunkulu wethu aniyale ngakho na?

Wayeseyikhipha indodana yenkosi, wayifaka umqhele, wayinika ubufakazi, bayibeka inkosi, bayigcoba; bashaya ihlombe, bathi: Mana njalo, nkosi.

Base beyikhipha indodana yenkosi, wayifaka umqhele, wayinika ubufakazi, bayibeka inkosi; uJehoyada namadodana akhe bayigcoba bathi : Mana njalo, nkosi.

Anibuzanga abadlula endleleni, nibazi ubufakazi babo

Ngokuba wamisa ubufakazi kwaJakobe , wabeka umthetho kwa -Israyeli, ayala ngawo obaba ukuba bafundise abantwana babo,

Wakhuluma kubo esensikeni yefu ; bagcina ubufakazi bakhe nezimiso abanika zona.

Babusisiwe abagcina ubufakazi bakhe, abamfuna ngenhliziyo yonke,

Susa kimi isihlamba nokudelelwa, ngokuba ngiyaqaphela ubufakazi bakho.

Ubufakazi bakho buyintokozo yami, bungumluleki wami.

Mabaphendukele kimi abakwesabayo nabaziyo ubufakazi bakho.

Ngiphilise ngokomusa wakho, ukuze ngigcine ubufakazi bomlomo wakho.

Ababi bahlalele ukungibhubhisa, kepha ngiyaqaphela ubufakazi bakho.

Uyabalahla bonke ababi bomhlaba njengendiva; ngalokho ngiyathand a ubufakazi bakho.

Ngiyinceku yakho; ngiphe ingqondo ukuba ngazi ubufakazi bakho.

Ubufakazi bakho buyisimangaliso ; ngalokho umphefumulo wami uyabugcina.

Uyalezile ubufakazi bakho ngokulunga ngokuthembeka okukhulu.

Ngikhala kuwe, ngisindise; ngiyakugcina ubufakazi bakho.

Umphefumulo wami uyagcina ubufakazi bakho; ngiyabuthanda kakhulu.

Bopha ubufakazi, uwunamathelise umthetho phakathi kwabafundi bami.

Abapristi abakhulu no mphakathi wonke bafuna ubufakazi bamanga ngoJesu, ukuze bambulale;

Abapristi abakhulu nomphakathi wonke bafuna ubufakazi ngoJesu ukuba bambulale, kepha ababufumananga.

Ngokuba abaningi bafakaza amanga ngay e, kepha ubufakazi babo abuhlangananga.

Nakuba kunjalo ubufakazi babo abuhlangananga.

Lowo wezela ubufakazi ukuba afakaze ngokukhanya, ukuze bonke bakholwe ngaye.

Akakho oke wabona uNkulunkulu ; iNdodana ezelwe yodwa esesifubeni sikaYise yiyona embonakalisile. Ubufakazi bukaJohane

Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe : Sikhuluma esikwaziyo , sifakaza ngesikubonileyo; kepha anibamukeli ubufakazi bethu.

Kepha owenza iqiniso uyeza ekukhanyeni , ukuze imisebenzi yakhe ibonakaliswe ukuthi yenziwe kuNkulunkulu. Ubufakazi bokugcina bukaJohane

Akubonileyo nakuzwileyo lokho ufakaza ngakho; kepha akakho owamukela ubufakazi bakhe.

Owamukele ubufakazi bakhe ulubekile uphawu lokuthi uNkulunkulu uqinisile.

Uma ngizifakazela mina, ubufakazi bami abuqinisile.

Ngomunye ofakaza ngami ; ngiyazi ukuthi ubufakazi angifakazela ngabo buqinisile.

Kepha mina angibam ukeli ubufakazi kumuntu; kodwa ngisho lokhu ukuba nisindiswe.

Kepha nginabo ubufakazi obukhulu kunobukaJohane , ngokuba imisebenzi uBaba anginike yona ukuba ngiyifeze , yona le misebenzi engiyenzayo , iyangifakazela ukuthi uBaba ungithumile.

Khona bathi kuye abaFarisi : Uyazifakazela wena ; ubufakazi bakho ubuqinisile.

UJesu waphendula, wathi kubo: Noma ngizifakazela mina, ubufakazi bami buqinisile, ngokuba ngiyazi ukuthi ngavelaphi nokuthi ngiyaphi ; kepha nina anazi ukuthi ngivelaphi nokuthi ngiyaphi.

Yebo, kulotshiwe nasemthethweni wakini ukuthi ubufakazi babantu ababili bungobuqinisileyo.

Obonileyo ufakazile , ubufakazi bakhe buqinisile ; yena-ke uyazi ukuthi ukhuluma iqiniso, ukuze nikholwe nani.

Nguye lo mfundi ofakaza ngalezi zinto nokulobile lokhu ; siyazi ukuthi ubufakazi bakhe buqinisile.

Abaphostoli baveza ngamandla amakhulu ubufakazi ngokuvuka kweNkosi uJesu; umusa omkhulu wawuphezu kwabo bonke.

ngambona; wathi kimi : Khawuleza uphume masinyane eJerusalema , ngokuba abazukwamukela ubufakazi bakho ngami.

njengalokho ubufakazi ngoKristu baqiniswa kini,

Nami, bazalwane, ekufikeni kwami kini angifikanga ngobungcweti bokukhuluma nobokuhlakanipha , ngimemezele kini ubufakazi bukaNkulunkulu.

Ngakho manibonakalise kubo phambi kwamabandla ubufakazi bothando lwenu nokuzincoma kwethu ngani.

Ngokuba nifuna ubufakazi bokuthi kunguKristu okhulumayo kimi , yena ongebuthakathaka ngakini, kepha unamandla phakathi kwenu.

Ngokukholwa u -Abela wanikela kuNkulunkulu ng omhlatshelo omuhle kunoKayini, athola ngakho ubufakazi bokuthi ulungile , uNkulunkulu uqobo efakaza ngezipho zakhe; nangakho usakhuluma, noma efile.

Uma samukela ubufakazi babantu , ubufakazi bukaNkulunkulu bukhulu kunalobo, ngokuba ubufakazi bukaNkulunkulu buyilobu abufakazile ngeNdodana yakhe.

Yilobu ubufakazi ukuthi uNkulunkulu usiphile ukuphila okuphakade , nalokhu kuphila kuseNdodaneni yakhe.

Kuyakuthi sebebuqedile ubufakazi babo, isilo esiphuma kwalasha siyakulwa nabo, sibanqobe, sibabulale.

Ngase ngiwa phansi phambi kwezinyawo ukukhuleka kuyo. Yayisithi kimi: Musa; ngiyinceku kanye nawe nabazalwane bakho abaphethe ubufakazi bukaJesu; khuleka kuNkulunkulu. Ngokuba ubufakazi bukaJesu bungumoya wokuprofetha. UKristu uyalwa nesilo