Skip to Content

2 kwabaseKorinte Chapter 13

1 Lokhu kungokwes ithathu ngiza kini . Ngemilomo yawofakazi ababil i nabathathu izindaba zonke ziyakuqiniswa. 2 Besengishilo ngaphambili kulabo abakade bonile nakubo bonke abanye , nakalokhu ngisho ngaphambili -- ngisho manje ngingekho , njengalokho ngasho ngikhona ngokwesibili -- ukuthi nxa ngifika futhi, angiyikuyekethisa. 3 Ngokuba nifuna ubufakazi bokuthi kunguKristu okhulumayo kimi , yena ongebuthakathaka ngakini, kepha unamandla phakathi kwenu. 4 Ngokuba noma wabethelwa esiphambanweni ngobuthakathaka , nokho uyaphila ngamandl a kaNkulunkulu . Ngokuba nathi sibuthakathaka kuye , kodwa sizakuphila kanye naye ngamandla kaNkulunkulu ngakini. UPawulu ululeka ukuba nabo bazihlole, engakafiki 5 Zihloleni nina, nibone ukuba nisekukholweni yini , nizivivinye nina. Kanti anizazeli yini ukuthi uJesu Kristu ukinina? Uma kungenjalo, ningabokwaliwa. 6 Kepha ngiyethemba ukuthi nizakwazi ukuthi thina asisibo abokwaliwa. 7 Siyakhuleka kuNkulunkulu ukuba ningenzi lutho olubi , angisho ukuze sibonakale thina singabavunyiweyo kepha ukuba nina nikwenze ok uhle, noma thina singaba njengabaliwayo. 8 Ngokuba asinamandla okwenza utho , uma simelana neqiniso , kuphela uma simela iqiniso. 9 Ngokuba siyajabula , nxa sibuthakathaka thina , nina-ke ninamandla ; sikukhulekela nalokhu: ukupheleliswa kwenu. 10 Ngalokho ngilob a lezi zinto ngingekho , ukuze, nxa ngikhona , ngingenzi kabukhali ngokwamandla eyanginika wona iNkosi, kube ngawokwakha , kungabi ngawokubhidliza. Isigcino 11 Elokugcina, bazalwane, thokozani, nipheleliswe, niduduzwe, nibe nhliziyonye, nibe nokuthula ; khona uNkulunkulu wothando nokuthula uyakuba nani. 12 Bingelelanani ngokwanga okungcwele. 13 Abangcwele bonke bayakhonza kini. 14 Umusa weNkosi uJesu Kristu , nothando lukaNkulunkulu , nokuhlangana kukaMoya oNgcwele makube nani nonke. Amen.