Skip to Content

KwabaseGalathiya Chapter 1

1 UPawulu, umphostoli ongaveli kubantu noma ngomuntu , kodwa ngoJesu Kristu noNkulunkulu uYise owamvusa kwabafileyo, 2 nabazalwane bonke abanami kuwo amabandla aseGalathiya: 3 Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba w ethu naseNkosini yethu uJesu Kristu 4 owazinikela ngenxa yezono zethu , ukuze asophule kuleli zwe elibi lamanje ngokwentando kaNkulunkulu uBaba wethu; 5 makube kuye udumo kuze kube phakade. Amen. Ukuhlubuka kwabaseGalathiya kulo ivangeli eliyilo 6 Ngiyamangala ngokuba nimhlubuka masinya kangaka yena owanibizela emuseni kaKristu, niye kwelinye ivangeli, 7 elingesilo elinye , kuphela ukuba bakhona abanididayo , bethanda ukuphendukezela ivangeli likaKristu. 8 Kepha-ke noma kungaba yithina noma ingelosi evela ezulw ini enishumayeza ivangeli eliphambene nalelo esanishumayeza lona , makabe ngoqalekisiweyo. 9 Njengalokho sesishilo , ngisaphinda nakalokhu , ngithi: Uma umuntu enishumayeza ivangeli eliphambene nalelo enalamukelayo , makabe ngoqalekisiweyo. UPawulu wathola ubuphostoli kuNkulunkulu 10 Ngokuba manje ngizincengela kubantu noma kuNkulunkulu na ? Kukho, ngifuna ukuzikholekisa kubantu yini ? Uma bengisazikholekisa kubantu , kungaba angisiyo inceku kaKristu. 11 Ngokuba ngiyanazisa , bazalwane, ukuba ivangeli elishunyayelwe yimina alisilo elingokwabantu. 12 Ngokuba nami angilamukeliswanga ngumuntu , futhi angilifundiswanga , kepha ngilithole ngokwambulelwa nguJesu Kristu. 13 Nizwile phela lokhu ngenkambo yami yakuqala ebuJudeni ukuthi ngalizingela kakhulu ibandla likaNkulunkulu, ngalichitha, 14 futhi ebuJudeni ngabadlula abaningi abayintanga yami kwabakithi , ngishisekela kakhulu kunabo amasiko awokhokho. 15 Kepha-ke mhla kwaba kuhle kuNkulunkulu owangahlukanisela kwasesiswini sikamame, wangibiza ngomusa wakhe 16 ukuba ayambule i Ndodana yakhe kimi , ukuze ngiyishumayele phakathi kwabezizwe, khona lapho angibuzananga nenyama negazi, 17 futhi angenyukelanga eJerusalema kubona ababe ngabaphostoli ngaphambi kwami, kodwa ngamuka ngaya e-Arabiya, ngaphinda ngabuyela eDamaseku. 18 Kwathi e mva kweminyaka emithathu ngenyukela eJerusalema ukubona uKhefase; ngahlala kuye izinsuku eziyishumi nanhlanu. 19 Kepha angibonanga omunye wabaphostoli , kuphela uJakobe umnawe weNkosi. 20 Kulokhu-ke enginilobela khona bhekani , phambi kukaNkulunkulu , angiqambi amanga. 21 Emva kwalokho ngeza emazweni aseSiriya naseKhilikhiya. 22 Ngangisengongaziwayo ngobuso emabandleni aseJudiya akuKristu, 23 abesezwile nje ukuthi : Lowo okade esizingela useshumayela ukukholwa akade ekuchitha. 24 Ayesedumisa uNkulunkulu ngami.