Skip to Content

AmaHubo Chapter 99

1 UJehova uyinkosi ; mabathuthumele abantu ; uhlezi phezu kwamakherubi; mawuzamazame umhlaba. 2 UJehova mkhulu eSiyoni, uphakeme phezu kwezizwe zonke. 3 Mababonge igama lakho elikhulu nelesabekayo; ungcwele yena. 4 Amandla eNkosi athanda okulungileyo , umisile ubuqotho ; ukwahlulela nokulunga ukwenzile kwaJakobe. 5 Mphakamiseni uJehova uNkulunkulu wethu , nikhuleke ngasesanabelweni sezinyawo zakhe; ungcwele yena. 6 OMose no -Aroni babe phakathi kwabapristi bakhe ; uSamuweli wayephakathi kwabakhulekayo egameni l akhe. Bakhuleka kuJehova , yena waphendula. 7 Wakhuluma kubo esensikeni yefu ; bagcina ubufakazi bakhe nezimiso abanika zona. 8 Jehova Nkulunkulu wethu , wena ubaphendulile , waba kubo uNkulunkulu othethelelayo nophindiselayo ngezenzo zabo. 9 Mphakamiseni uJehova uNkulunkulu wethu , nikhuleke ngasentabeni yakhe engcwele, ngokuba ungcwele uJehova uNkulunkulu wethu.