1 kwabaseKorinte Chapter 2
1
Nami, bazalwane, ekufikeni kwami kini angifikanga ngobungcweti bokukhuluma nobokuhlakanipha , ngimemezele kini ubufakazi bukaNkulunkulu.
2
Ngokuba nganquma ukuthi angiyikwazi okunye phakathi kwenu , kuphela uJesu Kristu, lowo obethelwe esiphambanweni.
3
Mina ngangikini ngobuthakathaka, nangokwesaba, nangokuthuthumela okukhulu;
4
nokukhuluma kwami nokushumayela kwami akubanga ngamazwi okuhlakanipha ahungayo , kepha kwaba ngesibonakaliso sikaMoya nesamandla,
5
ukuze ukukholwa kwenu kungemi ngokuhlakanipha kwabantu , kume ngamandla kaNkulunkulu.
6
Kepha ukuhlakanipha sikukhuluma phakathi kwabapheleleyo , ukuhlakanipha kambe okungesikho okwalesi sikhathi nokwababusi balesi sikhathi, ababhubhayo.
7
Kodwa sikhuluma ukuhlakanipha kukaNkulunkulu emf ihlakalweni efihliweyo uNkulunkulu akumisela ngaphambili kube yinkazimulo yethu , kusukela kwaphakade,
8
okungaziwa namunye wababusi balesi sikhathi ; ngokuba uma bebekwazi , babengayikuyibethela esiphambanweni iNkosi yenkazimulo;
9
kepha kunjengokuba kulotshi we ukuthi: Lokho iso elingakubonanga , nendlebe engakuzwanga , okungavelanga enhliziyweni yamuntu , uNkulunkulu akulungisela abamthandayo.
10
Ngokuba kithina uNkulunkulu ukwambulile ngoMoya ; ngokuba uMoya uhlolisisa konke, yebo, nokujulileyo kukaNkulunkulu.
11
Ngokuba ngumuphi kubantu owazi okomuntu , uma kungesiye umoya womuntu okuye na ? Ngokunjalo nokukaNkulunkulu akwaziwa muntu , kuphela nguMoya kaNkulunkulu.
12
Kepha thina asamukelanga umoya wezwe kodwa umoya ovela kuNkulunkulu, ukuze sikwazi esikuphiwe nguNkulunkulu ngomusa,
13
esikhuluma ngakho futhi , kungengamazwi afundiswa ngukuhlakanipha kwabantu kodwa afundiswa nguMoya, sichaza okomoya ngokomoya.
14
Umuntu wemvelo kakwamukeli okukaMoya kaNkulunkulu , ngokuba kungubuwula kuye; angekuqonde, ngokuba kubonisiswa ngokomoya.
15
Kepha ongowomoya ubonisisa konke, kodwa yena kabonisiswa muntu.
16
Ngokuba ngubani owake wazi umqondo weNkosi ukuba angaze ayifundise na? Kepha thina sinomqondo kaKristu.