Skip to Content

1 kwabaseKorinte Chapter 3

1 Nami-ke, bazalwane, bengingenakukhuluma kini njengakwabomoya kepha njengakwabenyama, njengakwabayizingane kuKristu. 2 Nganiphuzisa ubisi, anganipha ukudla okuqinileyo, ngokuba beningakaqini. Yebo, nakalokhu anikaqini, 3 ngokuba niseyibo abenyama . Ngokuba uma kusekhona pha kathi kwenu umhawu nokuphikisana, anisibo abenyama, anihambisi okwabantu na? 4 Ngokuba nxa omunye ethi: Mina ngingokaPawulu, omunye: Mina ngingoka- Apholo, anisibo abenyama na? 5 Pho, uyini u -Apholo? Uyini uPawulu na ? Bayizikhonzi enakholwa ngazo , kwaba yilowo nalowo njengokupha kweNkosi. 6 Mina ngatshala, u-Apholo wanisela, kepha uNkulunkulu wakhulisa. 7 Njalo-ke notshalayo kalutho , noniselayo kalutho , kodwa uNkulunkulu okhulisayo. 8 Otshalayo noniselayo bakunye , kepha yilowo nalowo uyakwamukeliswa owakhe umvuzo ngokomsebenzi wakhe. 9 Ngokuba thina siyizisebenzi kanye noNkulunkulu , nina niyinsimu kaNkulunkulu, niyisakhiwo sikaNkulunkulu. Ukwakha phezu kwesisekelo esiyiso 10 Ngokomusa kaNkulunkulu engiwuphiweyo , njengenyanga yokwakha ehlakaniphileyo ngabeka is isekelo, omunye wakha phezu kwaso . Kepha akube yilowo nalowo aqaphele ukuthi wakha kanjani phezu kwaso. 11 Ngokuba akakho ongabeka esinye isisekelo , kuphela leso esibekiweyo, esinguJesu Kristu. 12 Kepha uma umuntu akha phezu kwaleso sisekelo ngegolide , nesiliva, namatshe anenani, nemithi, notshani, nenhlanga, 13 umsebenzi walowo nalowo uyakuvela obala ; ngokuba usuku luyakuwudalula, lokhu kwambulwa ngomlilo , nokuthi umsebenzi walowo nalowo unjani, umlilo uqobo uyakukuvivinya lokho. 14 Uma umsebenzi womuntu awakhileyo kuso umi, uyakwamukela umvuzo; 15 uma umsebenzi womuntu usha , uyakulahlekelwa yiwo; kepha yena uqobo uyakusindiswa, nokho kube kungathi uphuma emlilweni. 16 Anazi yini ukuthi niyithempeli likaNkulunkulu nokuthi uMoya kaNkulunkulu uhlala kini na? 17 Uma umuntu echitha ithempeli likaNkulunkulu , uNkulunkulu uyakumchitha yena, ngokuba ithempeli likaNkulunkulu lingcwele ; niyilo-ke nina. 18 Makungabikho ozikhohlisayo ; uma umuntu phakathi kwenu ethi uhlakaniphile kulesi sikhathi, akabe yisiwula, ukuze ahlakaniphe. 19 Ngokuba ukuhlakanipha kwaleli zwe kungubuwula kuNkulunkulu . Ngokuba kulotshiwe ukuthi: Ubamba abahlakaniphileyo ebuqilini babo, 20 nokuthi: INkosi iyazazi izizindlo zabahlakaniphileyo ukuthi ziyize. 21 Ngakho-ke akungabikho ozibongayo ngabantu , ngokuba konke kungokwenu, 22 noma uPawulu , noma u -Apholo, noma uKhefase , noma izwe , noma ukuphila, noma ukufa , noma okukhona, noma okuzakuba khona ; konke kungokwenu; 23 nina-ke ningabakaKristu, uKristu ungokaNkulunkulu.