Skip to Content

NgokukaJohane Chapter 5

1 Emva kwalokho kwakukhona umkhosi wabaJuda ; uJesu wakhuphukela eJerusalema. 2 Kukhona-ke eJerusalema ngasesangweni lezimvu ichibi elithiwa ngesiHeberu iBethesda, linemipheme eyisihlanu. 3 Kwakulele kuyo abagulayo abaningi kakhul u, izimpumputhe, nezinyonga, nabashwabeneyo, belindele ukuzanyazanyiswa kwamanzi. 4 Ngokuba ingelosi yayehla izikhathi ngezikhathi , izamazamise amanzi, kuthi lowo ongene kuqala emva kokuzanyazanyiswa kwamanzi asinde esifweni sakhe, noma enasifo sini. 5 Kwakukhona lapho umuntu othile owayesegule iminyaka engamashumi amathathu nesishiyagalombili. 6 UJesu embona elele , azi ukuthi usenesikhathi eside enjalo , wathi kuye : Uyathanda ukusinda na? 7 Ogulayo wamphendula wathi : Nkosi, anginamuntu wokungifaka echibini , nxa amanzi ezanyazanyiswa; kuthi ngiseza, kwehle omunye phambi kwami. 8 UJesu wathi kuye: Sukuma, uthabathe uhlaka lwakho, uhambe. 9 Wayesephila masinyane lowo muntu, wathabatha uhlaka lwakhe, wahamba. Kwakuyisabatha ngalolo suku. 10 Khona base bethi abaJuda ko philisiweyo: Yisabatha, akuvunyiwe uthwale uhlaka. 11 Wabaphendula wathi: Ongiphilisileyo nguyena othe kimi : Thabatha uhlaka lwakho, uhambe. 12 Bambuza bathi: Ngubani lowo muntu othe kuwe : Thabatha uhlaka lwakho uhambe, na? 13 Kepha ophilisiweyo wayengazi uk uthi ungubani , ngokuba uJesu wayemukile lapho, kukhona isixuku kuleyo ndawo. 14 Emva kwalokho uJesu wamfumana ethempelini , wathi kuye : Bheka, uphilisiwe; ungabe usona, funa wehlelwe ngokubi kunalokho. 15 Wamuka lowo muntu, watshela abaJuda ukuthi nguJesu omphilisileyo. 16 Ngenxa yalokho abaJuda bamzingela uJesu , ngokuba wakwenza lokho ngesabatha. 17 Kepha wabaphendula wathi : UBaba usebenza kuze kube manje , nami ngiyasebenza. 18 Ngalokho-ke abaJuda kwayikhona befuna kakhulu ukumbulala , ngokuba wayengaphulile i sabatha kuphela , kodwa wabuye wathi uNkulunkulu unguYise, ezenza olingana noNkulunkulu. UJesu uyiNdodana kaNkulunkulu 19 Khona uJesu waphendula , wathi kubo: Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini : INdodana ingenze lutho ngokwayo , kuphela lokho ebona uYise ek wenza, ngokuba lokho akwenzayo yena, neNdodana iyakwenza kanjalo. 20 Ngokuba uYise uyayithanda iNdodana , uyikhombisa konke akwenzayo yena; woyikhombisa imisebenzi emikhulu kunalena ukuba nimangale. 21 Ngokuba njengalokhu uYise evusa abafileyo, abaphilise, kanjalo neNdodana iyabaphilisa labo ethanda ukubaphilisa. 22 Ngokuba noYise kahluleli muntu; ukunike iNdodana konke ukwahlulela 23 ukuba bonke bazise iNdodana , njengokuba bazisa uYise . Ongayazisi iNdodana kamazisi noYise oyithumileyo. 24 Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini : Ozwa izwi lami , akholwe ngongithumileyo, unokuphila okuphakade ; akayi ekwahlulelweni , kepha usephumile ekufeni, wangena ekuphileni. 25 Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini : Isikhathi siyeza , sesikhona namanje , lapho abafileyo beyakulizwa izwi leNdodana kaNkulunkulu ; abezwayo bayakuphila. 26 Ngokuba njengalokhu uYise enokuphila ngokwakhe , kanjalo uyiphile neNdodana ibe nokuphila ngokwayo. 27 Uyiphile amandla okwahlulela, ngokuba iyiNdodana yomuntu. 28 Ningamangali ngalokho , ngokuba isikhathi siyeza, lapho bonke abasemathuneni beyakulizwa izwi layo, 29 abenze ukulunga baphumele ekuvukeni kokuphila , abenze okubi ekuvukeni kokulahlwa. 30 Mina ngingenze lutho ngokwami; ngahlulela njengalokho engikuzwayo ; ukwahlulela kwami kulungile , ngokuba nginga funi eyami intando kepha intando yongithumileyo. 31 Uma ngizifakazela mina, ubufakazi bami abuqinisile. 32 Ngomunye ofakaza ngami ; ngiyazi ukuthi ubufakazi angifakazela ngabo buqinisile. 33 Nina nithumele kuJohane, walifakazela iqiniso. 34 Kepha mina angibam ukeli ubufakazi kumuntu; kodwa ngisho lokhu ukuba nisindiswe. 35 Yena wayeyisibani esivuthayo nesikhanyayo ; nina-ke benithanda ukuthokoza isikhashana ekukhanyeni kwakhe. 36 Kepha nginabo ubufakazi obukhulu kunobukaJohane , ngokuba imisebenzi uBaba anginike yona ukuba ngiyifeze , yona le misebenzi engiyenzayo , iyangifakazela ukuthi uBaba ungithumile. 37 NoBaba ongithumileyo ufakazile ngami . Anizange nizwe izwi lakhe , anisibonanga isimo sakhe. 38 Nezwi lakhe aninalo elihleziyo phakathi kwenu , ngokuba amthumileyo yena lowo anikholwa nguye. 39 Nihlola imibhalo , ngokuba nithi ninokuphila okuphakade kuyo ; yiyona efakaza ngami. 40 Kepha anivumi ukuza kimi ukuba nibe nokuphila. 41 Mina angamukeli udumo kubantu. 42 Kepha ngiyanazi nina ukuthi aninalo uthando lukaNkulunkul u phakathi kwenu. 43 Ngize egameni likaBaba, aningamukeli; uma kuza omunye ngelakhe igama, niyakumamukela yena. 44 Ningakholwa kanjani nina enidumisana nodwa, ningalufuni udumo oluvela kuNkulunkulu yedwa, na? 45 Ningacabangi ukuthi ngiyakunimangalela kuBaba; ukhona onimangalelayo, uMose enithemba kuye. 46 Ngokuba uma benikholwa nguMose , beniyakukholwa yimina , ngokuba yena waloba ngami. 47 Kodwa uma ningakholwa yimibhalo yakhe , niyakukholwa kanjani ngamazwi ami na?