NgokukaJohane Chapter 4
1
Kwathi ukuba iNkosi yazi ukuthi abaFarisi bezwile ukuba uJesu wenza abafundi, ebhapathiza abaningi kunoJohane,
2
ingani uJesu uqobo kabhapathizanga , kodwa kwakubhapathiza abafundi bakhe,
3
yamuka eJudiya, yaphindela eGalile.
4
Kwakuswelekile ukuba adabule iSamariya.
5
Khona wafika emzini waseSamariya ogama lawo yiSikhari, eduze nesiqinti uJakobe asinika uJosefa indodana yakhe.
6
Wawukhona lapho umthombo kaJakobe. Ngakho uJesu ekhathele ukuhamba wayesehlala ngasemthonjeni. Kwakungaba yihora lesithupha.
7
Owesifazane waseSamariya weza ezokukha amanzi . UJesu wathi kuye : Ngiphuzise.
8
Ngokuba abafundi bakhe babehambile baya emzini beyothenga ukudla.
9
Khona owesifazane waseSamariya wathi kuye: Yini ukuba wena ongumJuda ucele ukuphuziswa yimi engingowesifazane waseSamariya na ? Ngokuba abaJuda abadlelani namaSamariya.
10
UJesu wap hendula, wathi kuye : Uma ubusazi isipho sikaNkulunkulu nokuthi ngubani othi kuwe : Ngiphuzise, nga ucele kuye , yena nga ekunikile amanzi aphilayo.
11
Wathi kuye : Nkosi, awuphethe lutho lokukha amanzi , umthombo ujulile; uwathathaphi, pho, lawo manzi aphilayo na?
12
Kanti wena umkhulu yini kunobaba uJakobe owasinika lo mthombo , waphuza kuwo, yena kanye namadodana akhe nemihlambi yakhe, na?
13
Waphendula uJesu , wathi kuye : Yilowo nalowo ophuza lawa manzi uyakubuye ome;
14
kepha lowo oyakuphuza amanzi engiyakumni ka wona kasayikoma naphakade; kepha amanzi engiyakumnika wona , phakathi kwakhe ayakuba ngumthombo wamanzi aphuphumayo, kube ngukuphila okuphakade.
15
Owesifazane wathi kuye : Nkosi, ngiphe lawo manzi ukuba ngingomi, ngingabe ngiseza ukukha lapha.
16
Wathi kuye: Hamba ubize indoda yakho, uze lapha.
17
Owesifazane waphendula wathi : Anginandoda. UJesu wathi kuye : Usho kahle ukuthi: Anginandoda;
18
ngokuba usuke waba namadoda ayisihlanu ; le onayo kalokhu akusiyo indoda yakho. Lokhu ukusho ngeqiniso.
19
Owesifazane wathi kuye: Nkosi, ngiyabona ukuthi ungumprofethi wena.
20
Okhokho bethu babekhulekela kule ntaba ; nina-ke nithi iseJerusalema indawo lapho kufanele kukhulekelwe khona.
21
UJesu wathi kuye : Sifazane, kholwa yimi , isikhathi siyeza , lapho ningasayikukhuleka kuBaba nakule ntaba naseJerusalema.
22
Nina nikhuleka kweningakwaziyo, thina sikhuleka kwesikwaziyo; ngokuba insindiso ivela kubaJuda.
23
Kodwa isikhathi siyeza , sesikhona namanje , lapho abakhulekayo abaqinisileyo beyakukhuleka kuBaba ngomoya nangeqiniso ; ngokuba uBaba ufuna abakhuleka kuye abanjalo.
24
UNkulunkulu unguMoya; abakhuleka kuye bafanele ukukhuleka ngomoya nangeqiniso.
25
Owesifazane wathi kuye : Ngiyazi ukuthi uMesiya uyeza , othiwa uKristu ; nxa esefikile yena, uyakusitshela konke.
26
UJesu wathi: Nginguye mina engikhuluma nawe.
27
Ngaleyo nkathi bafika abafundi bakhe ; bamangala ngokuba ekhuluma nowesifazane; nokho akubangakho owathi: Ufunani na? noma: Ukhulumelani naye na?
28
Owesifazane wayeseshiya imbiza yakhe, waya emzini, wathi kubantu:
29
Wozani nibone umuntu ongitshele konke engikwenzileyo ; kungebe nguye uKristu na?
30
Baphuma emzini, beza kuye.
31
Kusenjalo abafundi bamncenga bathi: Rabi, yidla.
32
Kepha wathi kubo: Nginokudla engikudlayo eningakwaziyo.
33
Base bekhuluma bodwa abafundi, bethi: Ukhona yini omlethele ukudla na?
34
UJesu wathi kubo : Ukudla kwami kungukwenza intando yongithumileyo , ngifeze umsebenzi wakhe.
35
Anisho yini ukuthi izinyanga zisezine kufike ukuvuna na ? Bhekani, ngithi kini: Phakamisani amehlo enu , nibone ukuthi amasimu asemhl ophe, aselungele ukuvunwa.
36
Ovunayo wamukeliswa umvuzo , abuthe isithelo kube ngukuphila okuphakade ukuba ohlwanyelayo athokoze kanye novunayo.
37
Ngokuba kulokhu liqinisile izwi lokuthi : Omunye uyahlwanyela , omunye avune.
38
Mina nganithumela ukuvuna lokho eningakusebenzanga; abanye basebenzile, nina-ke ningene emsebenzini wabo.
39
AmaSamariya amaningi alowo muzi akholwa nguye ngezwi lowesifazane owafakaza ngokuthi: Ungitshele konke engikwenzileyo.
40
Athe ukuba eze kuye amaSamariya , amncenga ukuba ahlale nawo; wahlala khona izinsuku ezimbili.
41
Bakholwa abaningi kakhulu futhi ngenxa yezwi lakhe.
42
Base bethi kowesifazane : Asisakholwa ngokulanda kwakho nje , ngokuba sesizizwele ngokwethu, siyazi ukuthi lo ngempela unguMsindisi wezwe.
43
Kepha emva kwezinsuku ezimbili waphuma lapho ukuya eGalile.
44
Ngokuba uJesu uqobo wafakaza ngokuthi umprofethi kaziswa ezweni lakubo.
45
Kuthe-ke ukuba afike eGalile , abaseGalile bamamukela bebone konke akwenzayo eJerusalema emkhosini; ngokuba nabo babezile emkhosini. Ukuphiliswa kwendodana yenduna yaseKapernawume
46
UJesu wayesephinda eza eKhana laseGalile , lapho enza khona amanzi abe yiwayini. Kwakukhona induna ethile yenkosi endodana yayo yayigula eKapernawume.
47
Yathi ukuba izwe ukuthi uJesu ufikile eGalile evela eJudiya , yaya ku ye, yamncenga ukuba ehle aphulukise indodana yayo, ngokuba yayisizakufa.
48
Ngakho-ke uJesu wathi kuyo: Uma ningaboni izibonakaliso nezimangaliso, anisoze nakholwa.
49
Induna yenkosi yathi kuye: Nkosi, yehla engakafi umntanami.
50
Wathi kuyo uJesu: Hamba, indodana yakho iphilile. Lowo muntu wakholwa yizwi alishilo kuye uJesu, wahamba.
51
Kwathi esehla, izinceku zakhe zamhlangabeza, zathi umntanakhe uphilile.
52
Wayesezibuza isikhathi aqale ngaso ukuba ngcono ; khona zathi kuye : Umkhuhlane umyekile izolo ngehora lesikhombisa.
53
Wayeseqonda uyise ukuthi yilona lelo hora uJesu asho ngalo kuye ukuthi : Indodana yakho iphilile. Wakholwa yena nendlu yakhe yonke.
54
Leso siyisibonakaliso sesibili uJesu asenza efikile eGalile evela eJudiya.