Skip to Content

"kakristu"

40 occurrences in ZUL

Nathi nisikhulekele, ukuze uNkulunkulu asivulele umnyango wezwi ukuba sikhulume imfihlakalo kaKristu engiboshwe ngenxa yayo,

Uyakhonza kini u -Ephafra ongomunye wakini , inceku kaKristu Jesu , enilwela njalo emikhulekweni, ukuze nime niphelele niqinisekile entandweni yonke kaNkulunkulu.

Kwathi-ke uJohane esetilongweni, ezwile ngemisebenzi kaKristu, wathumela ngabafundi bakhe,

UPawulu, inceku kaKristu Jesu , umphostoli obiziweyo nowahlukaniselwe ivangeli likaNkulunkulu,

Kanjalo nani bazalwane bami , nani naba ngabafileyo maqondana nomthetho ngomzimba kaKristu ukuba nibe ngabomunye , lowo owavuswa kwabafileyo, ukuze sithelele uNkulunkulu izithelo.

Kepha nina anisenyameni, kodwa nikuye uMoya, uma uMoya kaNkulunkulu ehlala kini . Kepha uma umuntu engenaye uMoya kaKristu, lowo kasiye owakhe.

ukuze nganhliziyonye nidumise ngamlomo munye uNkulunku lu uYise weNkosi yethu uJesu Kristu. Bonke mabaphathane ngomoya kaKristu

Bingelelanani ngokwanga okungcwele. Ayakhonza kini onke amabandla kaKristu. UPawulu uxwayisa ngababanga ukwahlukana

Ngokuba ngubani owake wazi umqondo weNkosi ukuba angaze ayifundise na? Kepha thina sinomqondo kaKristu.

Thina siyiziwula ngenxa kaKristu , kepha nina nihlakaniphile kuKristu ; thina sibuthakathaka , kepha nina ninamandla ; nina niyadunyiswa , kepha thina siyadunyazwa.

kwabangenamthetho ngaba njengongenamthetho , ngingesiye ongenamthetho kuNkulunkulu kepha ngiphansi komthetho kaKristu , ukuze ngizuze abangenamthetho;

Isitsha sesibusiso esisibusisayo asiyiyo inhlanganyelo yegazi likaKristu na ? Isinkwa esisihlephulayo asiyiyo inhlanganyelo yomzimba kaKristu na?

Kepha-ke ngithanda ukuba nazi ukuthi inhloko yawo onke amadoda inguKristu, nenhloko yowesifazane iyindoda , nenhloko kaKristu inguNkulunkulu.

Kepha nina ningumzimba kaKristu nezitho ngabanye.

UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngentando kaNkulunkulu , noThimothewu umzalwane kulo ibandla likaNkulu nkulu eliseKorinte nakubo abangcwele bonke abakulo lonke lase-Akhaya:

nibonakala ukuthi niyincwadi kaKristu eyenziwe ngokukhonza kwethu , ilotshiwe kungengoyinki kodwa ngoMoya kaNkulunkulu ophilayo , kungabi sezibhebheni zamatshe kodwa ezibhebheni eziyizinhliziyo zenyama.

okukubona abangakholwa unkulunkulu waleli zwe uphuphuthekisile ingqondo yabo , ukuze kungasi kubo ukukhanya kwevangeli lenkazimulo kaKristu ongumfanekiso kaNkulunkulu.

Ngakho singamanxusa kaKristu ngokungathi uNkulunkulu unxusa ngathi ; siyanincenga esikhundleni sikaKristu, sithi: Buyisanani noNkulunkulu.

Uma kubuzwa ngoThithu, yena ungumhlanganyeli nesisebenzi kanye nami kini; noma kubuzwa ngabazalwane bethu , bayizithunywa zamabandla , bayinkazimulo kaKristu.

Yathi kimi : Umusa wami ukwanele ; ngokuba amandla ami apheleliswa ebuthakathakeni. Ngakho kunalokho ngijabulela ukuzibonga ngobuthakathaka bami, ukuze amandla kaKristu ahlale phezu kwami.

Ngakho ngenamile ebuthakathakeni, nasekuphathweni kabi , nasekusweleni, nasekuzingelweni, nasekubandezekeni ngenxa kaKristu , ngokuba uma ngibuthakathaka, yikhona nginamandla. Ukusolwa kwakhe yibandla akukho eqinisweni

Ngiyamangala ngokuba nimhlubuka masinya kangaka yena owanibizela emuseni kaKristu, niye kwelinye ivangeli,

Ngokuba manje ngizincengela kubantu noma kuNkulunkulu na ? Kukho, ngifuna ukuzikholekisa kubantu yini ? Uma bengisazikholekisa kubantu , kungaba angisiyo inceku kaKristu.

Thwalisanani imithwalo yenu, nigcwalise kanjalo umthetho kaKristu.

UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngentando kaNkulunkulu , kubo abangcwele abase-Efesu nakubo abakholwa nguKristu Jesu:

ukuthi ngaziswa imfihlakalo ngesambulo , njengalokho sengaloba ngokufushane --4okungakho, nxa nikufunda , ningaqonda ukwazi kwami ngemfihlakalo kaKristu,

Mina engimncinyane kunabo bonke abangcwele ngaphiwa lowo musa wokushumayeza abezizwe ivangeli lengcebo kaKristu engaphenyekiyo

ukuze abangcwele bapheleliselwe umsebenzi wokukhonza , kwakhiwe umzimba kaKristu,

Ngokuba yazini lokhu, nikuqonde ukuthi akukho sifebe , noma ongcolileyo, noma onesangabe ongokhonza izithombe , onefa embusweni kaKristu noNkulunkulu. Ukuhamba ekukhanyeni

kwaze kwathi izibopho zami zabonakala enqabeni yonke nakubo bonke abanye ukuthi zingenxa kaKristu

Ngokuba ngenxa kaKristu nina nabelwa ngomusa, angisho ukukholwa kuye kuphela kepha nokuhlupheka ngenxa yakhe,

ngokuba ngenxa yomsebenzi kaKristu wacishe wafa ezidela amathambo , ukuze agcwalise okusileleyo ekungikhonzeni kwenu.

Kanti-ke lokho okwakuyinzuzo kimi ngakushaya indiva ngenxa kaKristu.

UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngentando kaNkulunkulu , noThimothewu umzalwane

UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngomyalo kaNkulunkulu uMsindisi wethu noKristu Jesu ithemba lethu,

UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngentando kaNkulunkulu ngokwesithembiso sokuphila okukuKristu Jesu,

inceku kaKristu ayifanele ukulwa, kodwa mayibe mnene kubo bonke, inesu lokufundisa, ibekezela,

kodwa yona kanye nokudla nokuphuza nokugeza okuyizinhlobonhlobo iyizimiso zenyama kuphela ezibekiweyo , kuze kufike isikhathi sokupheleliswa kwezinto. Umsebenzi kaKristu wobupristi obukhulu

ethi ukuthukwa ngenxa kaKristu kuyimfuyo enkulu kunengcebo yaseGibithe, ngokuba wayebheke umvuzo.

bephenya ukuthi yisiphi nokuba sinjani isikhathi asikhombayo uM oya kaKristu owayekubo , efakaza ngaphambili ngezinhlupheko eziqondene noKristu nangenkazimulo eyakulandela zona;