Skip to Content

KwabaseKolose Chapter 4

1 Makhosi, zenzeleni izinceku zenu okulungileyo nokufaneleyo ; nazi ukuthi nani nineNkosi ezulwini. 2 Qiniselani ekukhulekeni, nilinde kukho ninokubonga. 3 Nathi nisikhulekele, ukuze uNkulunkulu asivulele umnyango wezwi ukuba sikhulume imfihlakalo kaKristu engiboshwe ngenxa yayo, 4 ukuze ngiyibonakalise njengalokhu ngifanele ukukhuluma. 5 Hambani ngokuhlakanipha kubo abangaphandle, nithengisise isikhathi. 6 Ukukhuluma kwenu makube nomusa njalo , kuyolisiwe ngosawoti , ukuze nazi enifanele ukubaphendula ngakho bonke abantu. OThikhiku no-Onesimu 7 Konke okuqondene nami uyakunazi sa khona uThikhiku , umzalwane othandekayo nesikhonzi esikholekileyo oyinceku kanye nami eNkosini, 8 engimthumile kini ngakho lokhu ukuba nazi ukuthi sihlezi kanjani , aduduze izinhliziyo zenu, 9 kanye no -Onesimu, umzalwane okholekileyo nothandekayo , ongomunye wakini; bazakunazisa konke okwalapha. Isigcino 10 Uyakhonza kini u -Aristarku oyisiboshwa kanye nami , noMarku umzala kaBarnaba, enayalezwa ngaye -- uma efika kini mamukeleni – 11 noJesu othiwa uJustu ; yibo bodwa abangabokusoka abasebenzela umbuso kaNkulunkulu kanye nami, abakade beyinduduzo kimi. 12 Uyakhonza kini u -Ephafra ongomunye wakini , inceku kaKristu Jesu , enilwela njalo emikhulekweni, ukuze nime niphelele niqinisekile entandweni yonke kaNkulunkulu. 13 Ngokuba ngingufakazi wakhe wokuthi uyanisebenzela kakhulu nina , nabaseLawodikeya, nabaseHiyerapholi. 14 Uyakhonza kini uLuka inyanga ethandekayo, noDema. 15 Khonzani kubazalwane abaseLawodikeya , nakuNimfa, nasebandleni lakwakhe. 16 Nxa le ncwadi isifundiwe kini , bhekani ukuba ifundwe nasebandleni labaseLawodikeya; nani niyifunde leyo evela eLawodikeya. 17 Nimtshele u -Arkiphu, nithi: Qaphela inkonzo oyitholile eNkosini , ukuze uyifeze. 18 Yilokhu ukukhonza kwami ngesandla sami , mina Pawulu . Khumbulani izibopho zami. Umusa mawube nani.