1 kwabaseThesalonika Chapter 1
1
OPawulu, noSilvanu, noThimothewu kulo ibandla labaseTheselonika elikuNkulunkulu uBaba , naseNkosini uJesu Kristu : Makube kini umusa nokuthula. UPawulu ubonga ukuqala kwabo okuhle ekukholweni; wethemba ukukhethwa kwabo ngevangeli eliqinisileyo abalamukele
2
Sibonga uNkulunkulu njalo ngani nonke, siniphatha emikhulekweni yethu,
3
sikhumbula ngokungayeki isenzo senu sokukholwa , nomsebenzi wothando, nokukhuthazela kwethemba lenu eliseNkosini yethu uJesu Kristu phambi kukaNkulunkulu noBaba wethu,
4
sikwazi, bazalwane abathandiwe nguNkulunkulu, ukukhethwa kwenu
5
ukuthi ivangeli lethu alizanga kini ngezwi kuphela kodwa nangamandla , nangoMoya oNgcwele, nangokwethemba okukhulu, njengokuba nazi ukuthi saba ngabantu abanjani phakathi kwenu ngenxa yenu.
6
Nani naba ngabalingisi bethu , nabeNkosi senilamukele izwi ekukhathazekeni okukhulu ngokuthokoza kukaMoya oNgcwele,
7
naze naba yisibonelo kubo bonke abakholwayo eMakedoniya nase-Akhaya.
8
Ngokuba udumo lwezwi leNkosi lwaphuma kinina , lwafika, angisho eMakedoniya nase -Akhaya kuphela , kepha ezindaweni zonke lapho ukukholwa kwenu nguNkulunkulu kuphumele khona ; ngakho asisadingi ukukhuluma lutho.
9
Ngokuba bona uqobo balanda ngathi ukuthi kwaba njani ukungena kwethu kinina nokuthi naphendu kela kanjani kuNkulunkulu , nishiya izithombe , ukuba nikhonze uNkulunkulu ophilayo oweqiniso,
10
nilindele iNdodana yakhe ivela ezulwini , ayivusa kwabafileyo , uJesu osihlangulisa olakeni oluzayo.