Skip to Content

KumaHeberu Chapter 9

1 Kepha nesivumelwano sokuqala kambe sasinezimiso zenkonzo nendlu engcwele yasezweni. 2 Ngokuba kwakhiwa itabernakele lokuqala okwakukhona kulo uthi lwezibani, netafula, nezinkwa zokubukwa, okuthiwa elingcwele; 3 ngasemva kwesihenqo sesibili kwakukhona itabernakele elithiwa elingcwelengcwele, 4 eline-altare legolide lokuthunqisa nomphongolo wesivumelwano umboziwe ngegolide nxazonke , okwakukhona kuwo isitsha segolide esiphethe imana , nenduku ka-Aroni eyahlumayo, nezibhebhe zesivumelwano; 5 phezu kwawo kwakukhona amakherubi enkazi mulo engamele isihlalo somusa, okungenakukhulunywa ngakho ngakunye manje. 6 Kepha lezo zinto zilungisiwe ngokunjalo , abapristi bangena njalo etabernakele lokuqala befeza izinkonzo, 7 kodwa kwelesibili kungena umpristi omkhulu yedwa kanye ngomnyaka , kungengaphandle kwegazi anikela ngalo ngenxa yakhe uqobo nangenxa yezono zabantu, 8 uMoya oNgcwele etshengisa lokhu ukuthi ayikabonakaliswa indlela eya endaweni engcwele, lisemi itabernakele lokuqala, 9 elona lingumfanekiso kulesi sikhathi samanje , okulethwa ngawo iminikelo nemihlatshelo engenakumenza okhonzayo aphelele maqondana nonembeza, 10 kodwa yona kanye nokudla nokuphuza nokugeza okuyizinhlobonhlobo iyizimiso zenyama kuphela ezibekiweyo , kuze kufike isikhathi sokupheleliswa kwezinto. Umsebenzi kaKristu wobupristi obukhulu 11 Kepha lokhu uKristu esefikile , engumpristi omkhulu wezinto ezinhle ezizayo, wadabula itabernakele elikhulu neliphelele kunalelo, elingenziwanga ngezandla, okungukuthi elingesilo lalokhu kudalwa, 12 wangena kanye kuphela endaweni engcwele , kungengegazi lezimbuzi nelamathole kepha ngegazi lakhe, ezuzile ukukhululwa okuphakade. 13 Ngokuba uma igazi lezimbuzi nelezinkunzi nomlotha wesithole kufafaza abangcolileyo, kuhlambulula kube ngukuhlanzeka kwenyama, 14 kakhulu kangakanani igazi likaKristu o wazinikela kuNkulunkulu ngoMoya ophakade engenacala lizakuhlanza unembeza wethu emisebenzi ni efileyo , ukuze sikhonze uNkulunkulu ophilayo. UKristu ungumlamuleli wesivumelwano esisha ngegazi lakhe 15 Ngalokho-ke ungumlamuleli wesivumelwano esisha , kuze kuth i ngokufa okungenxa yokukhululwa eziphambekweni zesivumelwano sokuqala ababiziweyo bazuze ifa eliphakade elathenjiswayo. 16 Ngokuba lapho kukhona itestamente , kufuneka ukuba kubikwe ukufa kowalenzayo; 17 ngokuba itestamente lisebenza sekufiwe , ngokuba alize lingaba namandla esekhona owalenzayo. 18 Ngalokho-ke isivumelwano sokuqala asimiswanga ngaphandle kwegazi. 19 Ngokuba isikhulunyiwe imiyalelo yonke ngokomthetho nguMose kubantu bonke, wayesethatha igazi lamathole nelezimbuzi kanye namanzi noboya obubomvu nehisopi, wafafaza incwadi nabantu bonke, 20 ethi: Lokhu kuyigazi lesivumelwano aniyale ngaso uNkulunkulu. 21 Netabernakele futhi, nezitsha zonke zenkonzo wakufafaza kanjalo ngegazi. 22 Yebo, cishe zonke izinto zihlanjululwa ngegazi ngokomthetho ; ngaphandle kokuchitha igazi akukho ukuthethelelwa. 23 Njalo-ke kwakudingekile ukuba imifanekiso yokusezulwini ihlanzwe ngalokho, kepha okusezulwini uqobo lwakho kuhlanzwe ngeminikelo emihle kunalena. 24 Ngokuba uKristu kangenanga endaweni engcwele eyenziwe ngezandla , engumfanekiso waleyo okuyiyo ngempela , kepha wangena ezulwini uqobo ukuba manje abonakale ebusweni bukaNkulunkulu ngenxa yethu, 25 kungesikho futhi ukuba azinikele kaningi , njengalokhu umpristi omkhulu engena endaweni engcwele iminyaka ngeminyaka , ephethe igazi elingesilo elakhe; 26 uma kwakunjalo wayemelwe ukuhlupheka kaningi selokhu kwasekelwa izwe; kodwa kalokhu ubonakalisiwe kanye ekupheleni kwezikhathi ukuba asuse izono ngokuzinikela kwakhe. 27 Futhi njengalokhu kumiselwe abantu ukuba bafe kanye, emva k walokhu ukwahlulelwa, 28 kunjalo noKristu , esenikelwe kanye ukuba athwale izono zabaningi , uyakubonakala ngokwesibili ngaphandle kwesono kulabo abamlindeleyo , kube ngukusindiswa.