Skip to Content

KumaHeberu Chapter 8

1 Kepha okuyindikimba kwesikushoyo yilokhu : sinompristi omkhulu onjalo osewahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi soMkhulu emazulwini, 2 isikhonzi sokungcwele nesetabernakele lempela elamiswa yiNkosi kungemuntu. 3 Ngokuba yilowo nalowo mpristi omkhulu umiselwa ukunikela ngeminikelo nemihlatshelo; ngakho-ke kuyadingeka ukuba naye lo abe nakho okuthile kokunikela. 4 Ngokuba uma ebesemhlabeni, ubengayikuba ngumpristi nakanye , ngokuba bakhona abapristi abanikela ngeminikelo ngomthetho, 5 bekhonza okungumfanekiso nesithunzi sokwasezulwini , njengokuba uMose wayalwa esezakwenza itabernakele ngokuthi : Bheka, wokwenza konke ngesifanekiso owaboniswa sona entabeni, 6 kepha kalokhu unikiwe inkonzo enhle kakhulu, njengalokhu engumlamuleli wesivumelwano esihle kakhulu , esimisiwe ngokwezithembiso ezinhle kakhulu. Isivumelwano esisha sikhulu kunesidala 7 Ngokuba uma leso sivumelwano sokuqala besingasoleki, bekungayikufunwa indawo yesibili. 8 Ngokuba lapho ebasolayo, uthi kubo: Bhekani, izinsuku ziyeza, isho iNkosi, lapho ngiyakwenza isivumelwano esisha nendlu ka-Israyeli, nendlu kaJuda, 9 kungenjengesivumelwano engasenzayo nawoyis e mhla ngibabamba ngesandla ukubakhipha ezweni laseGibithe , ngokuba abahlalanga esivumelwaneni sami, nami angibanakanga, isho iNkosi. 10 Ngokuba yilesi esiyisivumelwano engiyakusenza nendlu ka -Israyeli emva kwalezo zinsuku , isho iNkosi : ngiyakufaka imithetho yami engqondweni yabo, ngiyilobe ezinhliziyweni zabo, ngibe nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami. 11 Abasayikufundisa kube yilowo nalowo owakubo , nalowo umfowabo , ngokuthi: Yazi INkosi; ngokuba bonke bayakungazi, kusukela komncane kuze kufike komkhulu wabo. 12 Ngokuba ngiya kuba nesihawu ngokungalungi kwabo , nezono zabo angisayikuzikhumbula. 13 Ngokusho lokho ukuthi: Esisha, uthe esokuqala sigugile; kepha okugugayo osekukudala kuseduze nokunyamalala.