Skip to Content

2 kwabaseKorinte Chapter 3

1 Sesiqala futhi ukuzincoma na? Kumbe siyadinga yini njengabanye izincwadi zokusincoma eziza kini noma ezivela kini na? 2 Nina niyi ncwadi yethu elotshwe ezinhliziyweni zethu , eyaziwa ifundwa ngabantu bonke, 3 nibonakala ukuthi niyincwadi kaKristu eyenziwe ngokukhonza kwethu , ilotshiwe kungengoyinki kodwa ngoMoya kaNkulunkulu ophilayo , kungabi sezibhebheni zamatshe kodwa ezibhebheni eziyizinhliziyo zenyama. 4 Kepha sinethemba elinjalo ngoKristu kuNkulunkulu, 5 kungesikho ukuthi singaba namandla ngokwethu okucabanga ngotho ukuthi luvela kithi, kodwa amandla ethu avela kuNkulunkulu, 6 oyena futhi osenzela amandla okuba yizikhonzi zesivumel wano esisha , singesiso esegama kodwa esikaMoya ; ngokuba igama liyabulala , kodwa uMoya uyaphilisa. Inkazimulo yenkonzo entsha iyayidlula eyendala 7 Kepha uma inkonzo yokufa , enamagama aqoshiwe ematsheni , yafika inenkazimulo, ngangokuba abantwana bakwa -Israyeli babengenakubuka ubuso bukaMose ngenxa yenkazimulo yobuso bakhe eyayingephelayo, 8 pho, inkonzo kaMoya ayiyikuba nenkazimulo kakhulu kunayo na? 9 Ngokuba uma inkonzo yokulahlwa ibinenkazimulo , ikakhulu inkonzo yokulunga inenkazimulo enkulu kakhulu. 10 Ngokuba nalokho okwakhazimuliswayo kwakungenankazimulo , uma kulinganiswa nenkazimulo lena edluleleyo. 11 Ngokuba uma lokho obekuzakuphela kwaba nenkazimulo , ikakhulu okumiyo njalo kunenkazimulo. 12 Ngakho-ke, lokhu sinethemba elinjalo, sinesibindi sonke, 13 asenzi njengoMose owamboza ubuso bakhe ngendwangu, ukuze abantwana bakwa-Israyeli bangakubuki ukugcina kwalokho obekuzakuphela. 14 Kodwa ingqondo yabo yaba lukhuni . Ngokuba kuze kube sosukwini lwanamuhla, nxa kufundwa isivumelwano esidala , leyo ndwangu isahle zi ingambuliwe, ngokuba iyapheliswa kuKristu; 15 yebo, kuze kube namuhla , nxa kufundwa uMose , indwangu isayimbozile inhliziyo yabo; 16 kepha nxa iphendukela eNkosini, indwangu iyasuswa. 17 INkosi inguye uMoya ; kepha lapho uMoya weNkosi ekhona , kukhona inkululeko. 18 Kepha thina sonke esibuka ngobuso obambuliwe inkazimulo yeNkosi njengasesibukweni siyaguqulwa , sibe njengalowo mfanekiso ngokuya enkazimulweni, njengalokhu kumi ngeNkosi enguMoya.